Ilanga

IPirates iphathise umqeqeshi ngekhanda

Unxusa abalandeli boSuthu ukuba baphume ngezinkani

- SENZO SOKHELA

UPHITHANEL­WE yikhanda umqeqeshi wamaZulu FC ngaphambi komdlalo omqoka wale kila- bhu.

USuthu luzogaduli­sana ne-Orlando Pirates kowe-Absa Premiershi­p ngeSonto ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lo mdlalo uthathwa njengomkhu­lu KwaZulu-Natal ngale mpelasonto njengoba kubhekene amakilabhu anomlando. Kulindelek­e uhehe inqwaba yabalandel­i njengoba womabili la makilabhu ekhombisa ukuba sefomini.

IPirates isayinqobe yonke imidlalo yayo eyisihlanu eyedlule, kanti uSuthu lona lusahlulwe kowodwa, lwanqoba owodwa, lwadlala ngokulinga­na kwemithath­u emidlalwen­i yalo eyisihlanu eyedlule.

La makilabhu ebhekene emzuliswan­eni wokuqala, ashayane aze abukana kuba ngu-1-1 e-Orlando Stadium, eSoweto.

UCavin Johnson ocija uSuthu uthi uphethwe yikhanda elinzima njengoba bezovakash­elwa yiPirates.

“Njengoba kuza lo mdlalo nje, abadlali bami bakhombisa ukuzinikel­a bonke, wonke umuntu usefomini, uyabona ukuthi uwulangaze­lele lo mdlalo.

"Le nto ingiphathi­sa ngekhanda futhi ingangidid­isa ngibophele umuntu ngoba evutha ejimini bese kufikwa emdlalweni enze okunye.

"Kuzofanele ngihlakani­phe ngoba njengoba kuphela nesizini nje, abadlali bavamise ukunyusa amasokisi,” kusho uJohnson.

Uthi iyamthusa indlela iPirates esefomini ngayo.

“Uma ngingaphos­isi isigijime imidlalo eyisihlanu ilandelana ingehlulwa.

"Ukuba sefomini kwayo

UMHLAZIYI UBONA INGOZI EBHEKENE NAWASE-KZN KWI-NFD

UBONGANI Yengwa ( osesithomb­eni) ongomunye wabahlaziy­i bebhola abahlonish­wayo KwaZulu Natal oke waba ngumsizi womqeqeshi eqenjini lesizwe lakuleli labesifaza­ne, iBanyana Banyana, ukholwa wukuthi ubumbano yilona olungasiza amakilabhu akulesi sifundazwe asengcuphe­ni yokugencwa yizembe kwiNationa­l First Division (NFD).

Isimo simuncu ebholeni lakulesi sifundazwe njengoba iRoyal Eagles, uThongathi neRichards Bay besengozin­i yokugencwa yizembe kulesi sigaba.

La makilabhu abhekene nemidlalo emqoka ngale mpelasonto ezinkundle­ni ezahlukene.

UThongathi luzodudula­na noBuntu Cape Town ngoMgqibel­o ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

IRichards Bay yona izobhekana neSuper Eagles nayo elwela ukuvika izembe ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, bese kuthi ngeSonto ngo-15h00, iRoyal Eagles ibhekane neJomo Cosmos eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

UYengwa uthi njengoba la makilabhu akulesi sifundazwe womathathu esazobheka­na noBuntu kufanele acobelelan­e ngolwazi ukuze kuyangethu­sa, ikakhuluka­zi abagadli bayo ababili baseZambia (Justin Shonga no-Augustine Mulenga) akekho obebazi, bayinkinga, bayavutha bhe.

"Kodwa-ke sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo.

"Ngeke sikuvumele ukuthi iPirates izicanasel­e kithina ekhaya.

"Engikucela­yo nje, wukuthi abantu baKwaZulu-Natal baphume bonke bazoseseka, bangakuvum­eli ukuthi sigqitshwe ngabePirat­es,” kusho uJohnson.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje:

NGOMGQIBEL­O abuqumbe phansi.

Uthi nakuba sekucaca ukuthi uMthatha Bucks ubuyela kwiMotsepe League kodwa ukholwa wukuthi uma amakibhu akulesi sifundazwe ezoqhubeka nokunyunde­lana kukhona elingase lizithole kwalona libuyela kwiMotsepe ngenxa yobunzima bemidlalo esele.

Ephawula ngomdlalo woThongath­i noBuntu uthe:

“UThongathi lubhekene nezimbila zithutha njengoba luzokwamuk­ela uBuntu, kuzofanele lusebenze ngokwengez­iwe ngoba Ubuntu buyinkinga."

NgoweRicha­rds Bay neSuper Eagles uthe: “Cishe lo mdlalo yiwona ozoyicacis­ela ngekusasa lawo iBay.

"Kufanele noma yikanjani iwunqobe ngoba uma ingahlulwa izoba senkingeni ngoba isalelwe yimidlalo enzima.”

Ngowe-Eagles neCosmos uthe: “I-Eagles isenkingen­i ngoba kakuwineki, lo mdlalo wayo neCosmos ngeke ube lula.

Ukusinda kwayo kulele kuyona.”

ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Bidvest Wits 15h00

EGoble Park: Free State Stars vs Bloemfonte­in Celtic 18h00.

E-Athlone Stadium: Cape Town City FC vs SuperSport United 20h15. NGESONTO E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Platinum Stars 15h00.

ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Ajax Cape Town 15h00.

EPeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Maritzburg United 15h00. EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Orlando Pirates 15h00.

Ngethuba leReal Kings lokungena kuma- play off njengoba izobhekana neTshakhum­a ngoMgqibel­o ngo-15h00 eThohoyand­ou Stadium, ePolokwane uthe abukeka emancane amathuba okuthi ingene kule midlalo.

Uthi iBlack Leopards esendaweni yesibili kwi- log isingenile kule midlalo indawo esele iyodwa yile yesithathu okuhleli kuyona iCosmos athi kuzoba nzima ukuthi iKings iyisuse ngenxa yokuthi ukhakhayi lweCosmos luqinile kulesi sigaba.

Imidlalo esalele iRichards Bay FC, Uthongathi neRoyal Eagles imi kanje:

Richards Bay: Super Eagles (ekhaya), iLeopards (ekuhambeni), UBuntu (ekhaya) neMbombela (ekuhambeni).

UThongathi FC: UBuntu (ekhaya), iMbombela (ekhaya), TTM (ekuhambeni) neTuks (ekhaya).

IRoyal Eagles: Cosmos (ekhaya), UBuntu (ekuhambeni), i-All Stars (ekuhambeni) neWitbank Spurs (ekhaya).

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O EPricess Magogo Stadium: UThongathi FC vs UBuntu Cape Town 15h00.

Kabhokweni: Mbombela vs Stellenbos­ch FC 15h00.

EThohoyand­ou: 15h00. ETuks: Tuks vs Cape Town All Stars 15h00. UMhlathuze Sports: Richards Bay vs Super Eagles 15h00.

EMakhulong: Bucks 15h00. NGESONTO EPuma: Spurs vs Black Leopards 15h00. EHarry Gwala: Royal Eagles vs Jomo Cosmos 15h00. Tshakhuma vs Real Kings Highlands Park vs Mthatha

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMQEQESHI wamaZulu FC uCavin Johnson, uthi uphithene ikhanda njengoba ezakhe zizobhekan­a neOrlando Pirates engagayelw­a mphako kulezi zinsuku koweAbsa Premiershi­p.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMQEQESHI wamaZulu FC uCavin Johnson, uthi uphithene ikhanda njengoba ezakhe zizobhekan­a neOrlando Pirates engagayelw­a mphako kulezi zinsuku koweAbsa Premiershi­p.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa