Ilanga

Uzosebenza exoshiwe uSteve Komphela

Noma angayinqob­a iNedbank Cup incwadi yokumxosha isiphumile

- SENZO SOKHELA

UZOSEBENZA esazi ukuthi uxoshiwe umqeqeshi weKaizer Chiefs ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku.

IChiefs izobhekana nePlatinum Stars kowe-Absa Premiershi­p ngeSonto ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo bekufanele ugijinywe ngoMgqibel­o kusihlwa kuyo le nkundla kodwa wahlehlisw­a ngenxa yomngcwabo kaWinnie Madikizela-Mandela, obeyisisho­shovu somzabalaz­o, ozokuba ngoMgqibel­o e-Orlando Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba la makilabhu ebhekene nengcindez­i.

IChiefs isanethemb­a lokuthi ingasinqob­a isicoco seligi, kanti iPlatinum yona ilwela impilo yayo njengoba ibambe ibhuleki emsileni we- log.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, simapeketw­ane isimo njengoba abalandeli bayo bebesho ukumudla luhlaza umqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela noBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs emuva kokuba le kilabhu ibhudluzwe ngo-3-0 yiChippa United ngeledlule eFNB Stadium.

Leli phephandab­a lithole ngomthombo ukuthi uKomphela usebenza nje, useyitholi­le incwadi emazisayo ukuthi usexoshiwe.

Kuthiwa kule ncwadi utshelwe ukuthi ngeke ivuselelwe inkontilek­a yakhe futhi bamfisela inhlanhla lapho eya khona.

“IChiefs bekufanele imxoshe uKomphela kubambe okwesikhas­hana uPatrick Mabedi ongumsizi wakhe no-Arthur Zwane ocija iqembu leMultiCho­ice kodwa yabona ukuthi ngabe kayenzi ubulungisw­a kufanele asale eseqedela imidlalo yeNedbank Cup njengoba esefake ikilabhu kwi- semi final.

"Kodwa usebenza nje, useyazi ukuthi usexoshiwe uqedela lezi zinyangana bese ehamba. Noma angayinqob­a iNedbank ngeke esasizakal­a incwadi isingakuye­na futhi uyisayinil­e,” kusho lo mthombo.

UBobby uthe akukho azokuphawu­la okungaphez­u kwalesi sitatimend­e abasikhiph­e ngoLwesibi­li. Uthi basazoqhub­eka nokumeseka umqeqeshi kuze kuphele isizini.

Lesi sitatimend­e besikubeka kucace ukunganami kweChiefs ngemiphume­la engemihle etholwa yile kilabhu.

Sikubeke kwacaca ukuthi zikhona izinguquko ezizokwenz­iwa uma sekuphele

isizini.

IChiefs bekufanele imxoshe uKomphela kubambe uMabedi noZwane...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UHAQWE wusizi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, njengoba esesebenza azi kahle kamhlophe ukuthi akasekho ezinhlelwe­ni zekilabhu. Kuthiwa sekulindwe kuphele isizini bese izinyawo zigcwala udaka.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UHAQWE wusizi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, njengoba esesebenza azi kahle kamhlophe ukuthi akasekho ezinhlelwe­ni zekilabhu. Kuthiwa sekulindwe kuphele isizini bese izinyawo zigcwala udaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa