ITHEMBA KUYISE KASENZO MEYIWA
KULOKOZA inhlansi yethemba enhliziyweni kayise kaSenzo Meyiwa, obengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMnu Samuel Meyiwa, ngenxa yezinto athi ziyenzeka manje mayelana necala lokubulawa kwendodana yakhe.
USenzo ubulawe mhla zingama-26 kuNcwaba (October) wezi2014 ekubo kwesinqandamathe sakhe uKelly Khumalo eVosloorus. UMnu Meyiwa uthi kumnika ithe
mba ukuthi abaseshi bayamthinta bemazisa ngokuqhubekayo mayelana necala. Ukusho lokhu engxoxweni abenayo neLANGA lapho eveze khona ukuthi ukuvela ezinkundleni zokuxhumana komuntu "obehluba udlubu ekhasini "ngokubulawa kukaSenzo, kumnika ithemba lokuthi sekuntwela ezansi ngalolu daba.
Uthi yize abaningi begxeka lo muntu obhale ezinkundleni zokuxhumana, kodwa yena lokhu kumnikeza ithemba ngoba kwenza umqondo futhi kwenze abantu abebesendlini - ngesikhathi kushona uSenzo - baqala bakhuluma emisakazweni.
Utshele ILANGA ukuthi uke wathola ucingo luvela kuyena lo muntu obebhale ezinkundleni zokuxhumana.
“Yize ngingeyena umuntu wezinkundla zokuxhumana, kodwa kunginikeze ithemba ukuvela komuntu okhuluma ngento eyenzekile. Kayinuki ingosiwe.
“Ungitshele lokhu vele akubhalile ezinkundleni zokuxhumana, okuyikhona okwenza ngibe nethemba lokuthi kuyiqiniso,” kusho uMnu Meyiwa obelokhu egcizelela ukuthi ngeke athule kuze kuboshwe ababulali bendodana yakhe.
Uveze ukuthi nasohlangothini lwamaphoyisa, uyethemba ukuthi kukhona okuzokwenzeka. “Ngikhuluma nje, ngisanda kuthola ucingo kubaphenyi befuna sihlangane ukuze bezongichazela ngokuqhubekayo ecaleni,” kusho yena.
Utshele ILANGA ukuthi akanendaba nokuthi abantu bakhuluma bathini ngokuhlale ekhuluma ngalolu daba. Uthi ukholwa wukuthi uma exoxa ngalo, buzokwenzeka ubulungiswa.
“Ngiyazi abantu abaningi bahlala bengigxeka ngokukhuluma kwami ngodaba lukaSenzo, kodwa kababuqondi ubuhlungu engibuzwa ngaphakathi ngokushonelwa yindodana yami ngalolu hlobo. Ngeke ngithule, ngiyokhuluma kuze kube kuboshwa ababulali,” kusho yena.
Mayelana nokungakhokhwa kwemali kaSenzo, uthi namanje yonke into isajamile. Uthi lokhu sekuze kwamenza wabopha inhliziyo yakhe nge-Orlando Pirates.
“Indlela engilithanda ngayo leli qembu, ngalithanda kusukela ngisakhula kodwa muva nje, kakuvumi ngisho ngilibuke uma lidlala.”
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, utshele ILANGA ukuthi kakukho okusha ngaphandle kokuthi uphenyo lusaqhubeka mayelana nokubulawa kukaSenzo.
Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kokubulawa kukaSenzo, amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa kodwa abuye amdedela emuva kokuba bungatholakalanga ubufakazi obumhlanganisa necala.