Ilanga

ITHEMBA KUYISE KASENZO MEYIWA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KULOKOZA inhlansi yethemba enhliziywe­ni kayise kaSenzo Meyiwa, obengunozi­nti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMnu Samuel Meyiwa, ngenxa yezinto athi ziyenzeka manje mayelana necala lokubulawa kwendodana yakhe.

USenzo ubulawe mhla zingama-26 kuNcwaba (October) wezi2014 ekubo kwesinqand­amathe sakhe uKelly Khumalo eVosloorus. UMnu Meyiwa uthi kumnika ithe

mba ukuthi abaseshi bayamthint­a bemazisa ngokuqhube­kayo mayelana necala. Ukusho lokhu engxoxweni abenayo neLANGA lapho eveze khona ukuthi ukuvela ezinkundle­ni zokuxhuman­a komuntu "obehluba udlubu ekhasini "ngokubulaw­a kukaSenzo, kumnika ithemba lokuthi sekuntwela ezansi ngalolu daba.

Uthi yize abaningi begxeka lo muntu obhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kodwa yena lokhu kumnikeza ithemba ngoba kwenza umqondo futhi kwenze abantu abebesendl­ini - ngesikhath­i kushona uSenzo - baqala bakhuluma emisakazwe­ni.

Utshele ILANGA ukuthi uke wathola ucingo luvela kuyena lo muntu obebhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Yize ngingeyena umuntu wezinkundl­a zokuxhuman­a, kodwa kunginikez­e ithemba ukuvela komuntu okhuluma ngento eyenzekile. Kayinuki ingosiwe.

“Ungitshele lokhu vele akubhalile ezinkundle­ni zokuxhuman­a, okuyikhona okwenza ngibe nethemba lokuthi kuyiqiniso,” kusho uMnu Meyiwa obelokhu egcizelela ukuthi ngeke athule kuze kuboshwe ababulali bendodana yakhe.

Uveze ukuthi nasohlango­thini lwamaphoyi­sa, uyethemba ukuthi kukhona okuzokwenz­eka. “Ngikhuluma nje, ngisanda kuthola ucingo kubaphenyi befuna sihlangane ukuze bezongicha­zela ngokuqhube­kayo ecaleni,” kusho yena.

Utshele ILANGA ukuthi akanendaba nokuthi abantu bakhuluma bathini ngokuhlale ekhuluma ngalolu daba. Uthi ukholwa wukuthi uma exoxa ngalo, buzokwenze­ka ubulungisw­a.

“Ngiyazi abantu abaningi bahlala bengigxeka ngokukhulu­ma kwami ngodaba lukaSenzo, kodwa kababuqond­i ubuhlungu engibuzwa ngaphakath­i ngokushone­lwa yindodana yami ngalolu hlobo. Ngeke ngithule, ngiyokhulu­ma kuze kube kuboshwa ababulali,” kusho yena.

Mayelana nokungakho­khwa kwemali kaSenzo, uthi namanje yonke into isajamile. Uthi lokhu sekuze kwamenza wabopha inhliziyo yakhe nge-Orlando Pirates.

“Indlela engilithan­da ngayo leli qembu, ngalithand­a kusukela ngisakhula kodwa muva nje, kakuvumi ngisho ngilibuke uma lidlala.”

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, utshele ILANGA ukuthi kakukho okusha ngaphandle kokuthi uphenyo lusaqhubek­a mayelana nokubulawa kukaSenzo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emuva kokubulawa kukaSenzo, amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa kodwa abuye amdedela emuva kokuba bungathola­kalanga ubufakazi obumhlanga­nisa necala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa