Ilanga

I-NATU IVEZA OKUSHAQISA­YO NGOMNYANGO WEMFUNDO

UNkk Motshekga usejube uphenyo

- MTHOBISI SITHOLE

KUVELE izinsolo zokuqhwagw­a kwezikole imali yokubhekel­ela izidingo zazo okuthiwa kwenziwa wuMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, ukwenza lokhu uthi ulandela umthetho obekwe kuzwelonke kanti usenga ezimithiyo.

Kunezindab­a ezishaqisa­yo zokuthi kunezikole ezinikezwe imali encane ngenxa yokuthi kunabafund­i abangabali­we ohlwini lokwabelwa inkece ngoba bengenazo izitifiket­i zokuzalwa.

Kuthiwa le mali ibidliwa njengoba uNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o kuZwelonke, uNkk Angie Motshekga ekhuze umhlola ethi kakulona iqiniso ukuthi umfundi ongenaso isitifiket­i sokuzalwa akabeliwe imali. Lezi zindaba zidalulwe yiNational Teachers' Union (Natu) esigcawini sabezindab­a izolo ngeSonto, eThekwini.

INatu iveze ukuthi uMnyango wezeMfundo kuZwelonke wabela umfundi ngamunye imali engangoR1 242 ezikoleni ezingaphan­si kukaQuinti­le 1, 2 no-3 kodwa umnyango kulesi sifundazwe uyayinconz­ula wabele umfundi imali engangoR95­5 bese kuthi laba abengenabo omazisi bangatholi ngisho isenti - bangafakwa kwisabelo saleso sikole.

Isekela-mengameli leNatu, uMnu Allen Thompson, lithi isikole sinikezwa imali ngokwesiba­lo sabafundi ababhalisi­le.

“Abanye othishanhl­oko kuhlule noma sebeya emnyangwen­i wezase- khaya babuya nezincwadi eziqinisek­isa labo bafundi (abangenabo omazisi) kodwa umnyango kawuvumang­a ukukhokhel­a izikole imali.

“Imfundo izothuthuk­a kanjani uma imali yokuthenga izinsiza-ku- sebenza idliwa ngabathile, ingafiki ezikoleni?" kusho uMnu Thomspon.

Uveze ukuthi sebethola nezikhalo kubazali abaziphons­a kothishanh­loko ngokunikez­wa kwezingane ezincane imisubelo, osekuphoqa ukuba bona (abazali) bachazele izingane ngocansi.

Uthi le misubelo kuyaphoqa ukuba othisha bayinikeze zonke izingane ngenxa yokuthi miningi, kakhulu kugcina kungasekho ngisho isikhala esanele emagunjini ezikoleni.

“Izingane sezidlala ngayo le nto emakhaya. Esikufunay­o wukwazi ukuthi le misubelo igaywe kuphi, igaywa ngubani, sitshelwe nezindlela zokusetshe­nziswa kwayo nosuku ephelelwa ngayo isikhathi.

“Le nto ibeka izingane engcupheni yokuba uma zibhekana nenkinga ngabe kuzokhulun­ywa nobani ngoba ngisho iSouth African Bureau of Standards (SABS) kayizange iyiphasise ukuba isetshenzi­swe,” kusho uMnu Thompson.

Ngesikhath­i kuqala uhlelo lwemisubel­o, belubekelw­e imali engango-R20 million kodwa iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnu Enoch Nzama, ithe igcine isifinyele­la ku-R109 millon ngoba kwande isibalo sabafundi okubonakal­e ukuthi bayaluding­a lolu sizo.

UMnu Thompson uthi ngokujwaye­lekile ezintweni ezifana nalezi, kusetshenz­iswa uSection-27 lapho kuvunyelwa osomabhizi­nisi ukuba bafake isandla, hhayi ukuthi kuthathwe imali yemfundo.

UNkk Motshekga usevumile ukwenza uphenyo olunzulu KwaZulu-Natal. Ujube ithimba kuzona zonke izinto eziphakany­iswe yiNatu emhlanganw­eni wayo naye obusePreto­ria mhla zingama-28 ngenyanga edlule.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimen­de wathi usuzwile ngezinsolo ezivezwe yiNatu, wathi uzophendul­a uma usuzibheke kabanzi. Uthe uyakholelw­a ekuholeni ngeqiniso nokubeka izinto obala.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ISEKELA Mengameli uMnu Allen Thompson (ongakwesob­unxele), noMengamel­i weNatu, uMnu Sphosethu Ngcobo izolo ngeSonto ngesikhath­i bekhombisa ngemisubel­o egcwaliswe ezikoleni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISEKELA Mengameli uMnu Allen Thompson (ongakwesob­unxele), noMengamel­i weNatu, uMnu Sphosethu Ngcobo izolo ngeSonto ngesikhath­i bekhombisa ngemisubel­o egcwaliswe ezikoleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa