Ilanga

OKUNYE NGALO MBANGO

-

UMBANGO wesihlalo saseBuhlen­i usukela mhla kutshalwa iNkosi uThingo ngowezi-2011 lapho iNkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo imemezele ukuthi umholi okhonjwe wuThingo, wuNyazi.

Ummeli woThingo umemezele ukuthi uThingo luqoke iMisebeyel­anga ngokulande­la incwadi okuthiwa ludlule emhlabeni luyisayini­le.

Lo mbango ugibela phezu kweminye esuke ngonyaka wezi-1977 emuva kokudlula emhlabeni kukaShembe wesibili, iNkosi Galilee "iLanga" Shembe.

Yilapho kuzaleke khona uhlangothi lwaseBuhle­ni, iNkosi Amos Kula Shembe enguyisemk­hulu woNyazi iphuma emzini omkhulu waseKuphak­ameni. Yayibanga nendodana yeLanga, iNkosi Londa Shembe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa