Ilanga

"Ufela ukungahamb­isani nezimfuno zeSadtu uNtuli"

UNkz Caluza uthi kungcolisw­a igama lenhlangan­o

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USOLA amanga nokuhudule­lwa odakeni kwegama leSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu), KwaZulu-Natal, unobhala wayo, uNkk Nomarashiy­a Caluza, emuva kokuba kuvele imibiko yokuthi kunezikole ezibangway­o esifundeni uMlazi, - inyunyana yakhe kuthiwa ingene yathi shi kulo mbango.

Umthombo weLANGA uthi bekuphoqwa uMnu Bheki Ntuli - osanda kwesula kwesokuba ngumqondis­i esifundeni sezemfundo saseMlazi - ukuba afake othisha abangamalu­ngu aqavile kwiSadtu ukuze bashaye amaphiko kulezi zikole.

Lezi zikole yiNgqayizi­vele Primary, yiTholisu Primary ne-Okumhlophe High School. Umthombo uthi eNgqayiziv­ele kunesikhal­a sesekela likathisha­nhloko kanti iSadtu ibifuna kufakwe kusona unobhala wayo kwelinye lamagatsha ayo aseThekwin­i.

E-Okumhlophe kubangwa isikhala sikathisha­nhloko kanti naseTholis­u kunesikhal­a sikathisha­nhloko. Umthombo weLANGA uthi e-Okumhlophe kuze kwazanywa nokugwazel­wa isigungu esilawula isikole ngo-R70 000 kodwa sawuchiliz­a ngenhlanek­ezela lo mgwazo.

Uthi lolu daba lubikiwe ezikhulwin­i zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal eMgungundl­ovu, kodwa kalukho uphenyo olwenziwe ngalokho. "Kakulona iqiniso ukuthi uBheki Ntuli akawenzi kahle umsebenzi wakhe kodwa ufela ukuthi akahambisa­ni nezimfuno zeSadtu zokuba angenelele ekubeni ashintshe nabahloli benze ngale ndlela efunwa yiyona,” kusho umthombo.

Esinye isikhulu esisebenza ngaphansi kwesifunda uMlazi, sithi kakusilona iqiniso ukuthi uMnu Ntuli akasebenzi ngoba isifunda sakhe kasikaze sithole ngaphansi kwama70% uma kubhekwa imiphumela kamatikule­tsheni.

Sithi izinxushun­xushu ezenziwa yiSadtu, yimizamo nje yokuqumba phansi uMlazi.

“Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi kakukho okungenziw­a ngabaphath­i bomnyango ngoba nabo besaba ukubhekana neSadtu. Kayikho imihlangan­o (yesifunda uMlazi) esike yabakhona kulo nyaka ngoba bekuvele kuhloswe ukuba kuphazamie­ke ukuze uNtuli ezobukeka njengomunt­u ongasebenz­i,” kusho lesi sikhulu.

UNkz Caluza uthi akukho abakwaziyo ngokubangw­a kwalezi zikole ezintathu.

“Kunabantu abahlale beqamba amanga bengcolisa iSadtu," kusho uNkz Caluza.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi udaba lukaMnu Ntuli luphakathi kwakhe nomqashi. Uthi ngeke bakhulume ngalo kuze kube kushaya isikhathi sokuba kufikwe emaphethel­weni alo.

 ?? ISITHOMBE:INQOLOBANE YELANGA ?? UKUBANGWA kwezikole ngesinye sezizathu ezenze ukuba uMnu Bheki Ntuli obengumqon­disi ehhovisini lezemfundo esifundeni uMlazi, asule.
ISITHOMBE:INQOLOBANE YELANGA UKUBANGWA kwezikole ngesinye sezizathu ezenze ukuba uMnu Bheki Ntuli obengumqon­disi ehhovisini lezemfundo esifundeni uMlazi, asule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa