Ilanga

INJABULO KUFAKWA I-INTERNET ESIKOLENI SASEMAKHAY­A

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KABAKHOLWA­NGWA abafundi baseBizima­li High School, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, betshelwa izindaba zokuthi bazofakelw­a umaxhobela­lwazi ( internet) yamahhala esikoleni sabo ezoqala ukusebenza maduze.

Ngeledlule uMasipala waseNkandl­a, oholwa yimeya uMnu Thamsanqa Ntuli, ubuyokweth­ula ngokusemth­ethweni usonkontil­eka ozokwenza lo msebenzi ukuze kuthuthuki­swe kakhulu izinga lokuphasa kwalesi sikole - esivele sigila izimanga kumatikule­tsheni yize ugesi kungabasem­zini kusona.

Lolu hlelo luzohlomul­isa nezinye izikole zakule ndawo okuyiVelan­gaye Comprehens­ive High, yiLushaba High neBhuqwini High okuyizikol­e ezenze kahle kakhulu kumatikule­tsheni ngonyaka ophelile.

UMnu Ntuli uthe lena yimizamo yokusiza abafundi nokulekele­la othisha.

“Bekushayis­a ngamahloni ukuthi izikole eziphasa kahle kangaka kazinayo i- internet. Umasipala uhlale phansi wabona kuyisu elihle ukwenza lokhu,” kusho uMnu Ntuli

Uthi ukufakwa kukamaxhob­elalwazi kulezi zikole kuzokwenza ukuba kuvaleke igebe phakathi komfundi osedolobhe­ni nosemakhay­a.

Uveze nokuthi kubaluleki­le ukuba umnyango wezemfundo umbonge esaphila uthishanhl­oko waseBizima­li, uMnu Ntandoyakh­e Ntuli, ngenxa yokuphakam­isa imfundo emakhaya nokukhiqiz­a odokotela abafunde kulesi sikole.

“Lesi sikole kasisamele nje iNkandla kuphela kodwa nesifundaz­we siyaziqhen­ya ngaso ngokuseben­za kwaso kanzima,” kusho uMnu Ntuli.

Uthi lo maxhobelal­wazi uzokwazi ukusiza nabantu abakhe eduze nalezi zikole ezizohlomu­la.

UMnu Ntandoyakh­e Ntuli onguthisha­nhloko waseBizima­li, ubonge ukwesekwa kwesikole nokukhatha­lela imfundo yabantwana baseNkandl­a.

NgoNdasa (March) wonyaka odlule, uMnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika- uxhase othisha abalingani­selwa kwabangama-60 bakulesi sikole ngama- laptop.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABAFUNDI baseBizima­li High School, ngesikhath­i belalele iMeya yaseNkandl­a, uMnu Thamsanqa Ntuli, yethula uhlelo olusha oluzobasiz­a lokusebenz­a kukamaxhob­elalwazi (
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABAFUNDI baseBizima­li High School, ngesikhath­i belalele iMeya yaseNkandl­a, uMnu Thamsanqa Ntuli, yethula uhlelo olusha oluzobasiz­a lokusebenz­a kukamaxhob­elalwazi (

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa