Ilanga

UGILA IZIMANGA ENYUVESI ONGABONI

- THANDEKA NGOBESE

UGILA izimanga owesilisa waseMsinga, maphakathi neKwaZuluN­atal, ongaboni, ozokwethwe­swa iziqu zeMasters e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) mhla zingama-24 kwephezulu.

UMnu Sithabiso Zulu (35), olimale engozini yemoto eminyakeni eli10 edlule wagcina engasaboni, uthi ukungaboni kakufanele kwenze umuntu angabe esalifezek­isa iphupho lakhe.

Utshele ILANGA ukuthi uqale ukungaboni eqeda umatikulet­sheni ngonyaka wezi-2008, wahlala ekhaya unyaka wonke ezama ukwamukela isimo esimehlele.

Ubenenhlan­hla wathola usonhlalak­ahle omsizile wamfaka esikoleni sabangabon­i eMgungundl­ovu, maphakathi neKwaZulu-Natal wayofunda i- braille.

“Ngemuva kwalokho kangibange ngisabheka emuva. Kuthe ngisengqun­gqutheleni yabakhubaz­ekile, besitshela ngemifunda­ze enikezwa abakhubaze­kile, kangibange ngisalinda, ngifake isicelo sokufunda e-University of KwaZulu-Natal.

“Kakuphelan­ga sikhathi esingakana­ni bangithath­a kanti ngalowo nyaka ngizoba nenhlanhla yokuthola nomfundaze eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana ongifundis­e iminyaka emithathu ngenza iBachelor of Social Sciences.

“Ngiqhubeki­le ngenza iHonours ngayiqeda ngimeja ngesiZulu njengoba manje sengenze iMasters engizothwe­swa kuyona iziqu,” kusho yena.

Uthi kumanje wenza unyaka wokuqala kwiPhD (Philosopha­e Doctor). Uthi usanda kuthola indondo yokwenza kahle ezifundwen­i zakhe njengoba ephasa ngo-A kweziningi.

“Ngifisa ukuthola umsebenzi wokufundis­a e-University of South Africa (Unisa) ngifundise isiZulu noma ngisebenze emnyangwen­i wezobuciko namasiko.”

Uthi esaqala ukufunda kakubanga lula kwazise ubengakaze ayicofe ikhompyuth­a. ‚

"Ngesikhath­i ngenza iMasters bekufanele ngifunde izincwadi ezingama-56. Bengiba nenkinga ngoba bekufanele ngicele abantu bangifunde­le ngoba kangikabi nawo lo mshini okwazi ukubeka kuwona incwadi, ukufundele bese ukutshela ukuthi vula ikhasi elilandela­yo.

"Mina ngisasizwa ngabantu. Kuba yinkinga uma umuntu esefuna ukuyolala kanti mina ngisafuna ukuqhubeka ngifunde.”

Uthi abantu abangaboni kakufanele bazibukele phansi ngoba kayikho into abangahlul­eka ukuyenza.

“Umuntu ongaboni uyakwazi ukuzwa ngezandla. Ngisho uthenga isinkwa esitolo uyakwazi ukusizwa ukuthi lesi sinsundu noma simhlophe. Umbhede ngiyazindl­alela ,” kusho uMnu Zulu osevule nenhlangan­o esiza abangaboni ukuba bakwazi ukuzimela.

Okunye akwazi ukukwenza wukushaya isigingci naso athi usifunde engasaboni. Uthi useke amenywe emicimbini ayonandisa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Sithabiso Zulu ongaboni, ozothola iziqu zeMasters.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Sithabiso Zulu ongaboni, ozothola iziqu zeMasters.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa