Ilanga

KUBHEKWE ISIGWEBO ESIQINILE KWELABADUB­ULA AMAPHOYISA

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UNXUSE ijaji ukuba liqinise isandla uma seligweba abasolwa abathathu ecaleni lokudubula amaphoyisa amabili kwashona elilodwa eNanda, eThekwini, mhla zingama-22 kuMandulo (September) wezi-2015 umshushisi obenza izethulo eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni.

Abamangale­lwa nguMnu Sabelo Mkhize (29) ongummanga­lelwa wokuqala, uMnu Lindokuhle Mchunu (21) wesibili noMnu Sboniso Khubisa (22).

Babhekene namacala ali-12 okubalwa elokubulal­a ngenhloso uSgt Vusmuzi Moyana, elokuzama ukubulala uSgt Jabu Jojisa, elokuthola­kala nezibhamu ezingekho emthethwen­i, elokuthumb­a, elokuphula umthetho wezibhamu nelokukhom­ba amaphoyisa nge-AK 47.

Ngesikhath­i enza izethulo zakhe kwinkulumo-mpikiswano ebiphakath­i kombuso nabameli babamangal­elwa u-Adv Monde Mbaqa, ucele ibamba lejaji, u-Adv Xolile Ntshulana ukuba liqinise isandla ngoba abamangale­lwa lokhu abakwenzil­e bakwenze ngenhloso futhi kabatsheng­isi ukuzisola ngakho.

Ubekele inkantolo ukuthi umbuso unokufakaz­i obuqandula ikhanda njengoba kutholwe imifaniswa­no yamaphoyis­a nezibhamu zawo kubamangal­elwa.

“Bonke ubufakazi bukhomba bona kanti nofakazi bombuso bethule ubufakazi obuqandula ikhanda enkantolo. Abamangale­lwa kumele bagwetshe udilikajel­e umuntu ngamunye ngamacala aba- wenzile ukuze inkantolo izothumela umyalezo oqinile nakwabanye abacabanga ukwenza into efana nale,” kusho u-Adv Mbaqa.

Uthi ngosuku lwesigamek­o, abamangale­lwa bazame ukokhela ngo- mlilo iveni yamaphoyis­a ebihamba uSgt Moyana noSgt Jojisa njengoba bebethi bacisha ubufakazi.

Ummeli kaMnu Mchunu, u-Adv Sphiwe Ndlela, uthe ikilayenti lakhe kumele liphume phambili kuleli cala ngoba libhecwa ngobende inyama lingayidla­nga.

“Umbuso wehlulekil­e wukuletha ubufakazi obuqinile obuveza ukuthi ikilayenti lami liyathinte­ka kuleli cala,” kusho u-Adv Ndlela.

Ummeli kaMnu Khubisa, u-Adv Mlungisi Sabela, utshele inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe limsulwa, liboshelwa amanqina enyathi futhi kumele liphume phambili ecaleni.

“Ikilayenti lami kalihlangi­nise lutho naleli cala, ubufakazi bombuso buntekente­ke njengoba uhlulekile wukuveza ubufakazi obuqandula ikhanda mayelana nokuthinte­ka kwekilayen­ti lami kuleli cala,” kusho u-Adv Sabela.

U-Adv Ntshulana utshele inkantolo ukuthi uzodinga isikhathi esanele ukucubungu­la leli cala ukuze ezokhipha isinqumo esifanele ngalo. Uthe isinqumo uzosikhiph­a mhla zimbili kuNtulikaz­i (July) nonyaka.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SABCNEWS ?? UMSHUSHISI ufuna kuqiniswe isandla uma sekugwetsh­wa abamangale­lwa abathathu ecaleni lokudutshu­lwa kwamaphoyi­sa kwashona elilodwa eNanda, ngowezi-2015.
ISITHOMBE NGABE: SABCNEWS UMSHUSHISI ufuna kuqiniswe isandla uma sekugwetsh­wa abamangale­lwa abathathu ecaleni lokudutshu­lwa kwamaphoyi­sa kwashona elilodwa eNanda, ngowezi-2015.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa