Ilanga

Indida ngobulawe wakhishwa ugebhezi

Umfanyana ubesemadle­lweni eluse izinkomo nomngani

- THANDEKA NGOBESE

KUDUMA amakhanda emndenini wakwaDeyi, eMlolweni, eHarding, ngokubulaw­a ngesihluku kwendodana yawo isekwaluse­ni, yakhishwa ugebhezi.

ILANGA lithole ukuthi uMalwande Deyi (11) ubulewe esemadlelw­eni eluse izinkomo nomngani wakhe, u-Abongwe Jojisa alingana naye.

Isidumbu sakhe sitholwe kuzosa kube yiSonto lomhla ziyisi-8 kwephezulu singenalo ugebhezi. Kuthiwa kuthe uMalwande noAbongwe besahleli emasimini aphesheya komfula uMthavuna, izinkomo ziklabe zigudla umfula, kwaqhamuka owesilisa ongaziwa endaweni egqoke i- tracksuit emnyama, egaxe ubhakha omnyama, wayohlala nabo elokhu ebancokoli­sa.

UNkk Ntombi Deyi, ongunina kaMalwande, uthi lona wesilisa kuthiwa uthe ucela bamsize bamkhombis­e umuthi okuthiwa inhlobosha­ne - esho umuthi okhiwa emahlathin­i athe ukuqhela nalapho kade bekhona.

Uthi bamtshele ukuthi lo muthi kawukho kula mahlathi abewasho, bamkhombis­a lapho ukhona wathi ucela bampheleze­le bayomkhomb­isa. Uthembise ukubapha imali abeyigxish­e emasokisin­i.

"Izingane zihambe naye, okuthe besendlele­ni wathi ucela zimkhombis­e lapho kudotshwa khona. Uma befika emfuleni, uvele wakhipha ucelemba nesando kubhaka. UMalwande ushiye u-Abongwe nalo muntu wathi usayonqand­a izinkomo.

"Usheshe wabuya ngoba bezingakah­ambi kakhulu. Bahlalile nalo muntu elokhu ebancokoli­sa. Kuthe emuva kwesikhash­ana, wahamba u-Abongwe wayobheka izinkomo kwasala uMalwande nalo muntu.

"Uthe esebuya eyombheka, wangabe esababona lapho kade behleli khona. Umemezile wangasabel­a, waze wabuya wazombheka lapha ekhaya. Ufike lapha ekhaya esehamba noninakhul­u beqhuba izinkomo, bebuza ukuthi akafikanga yini uMalwande.

"Siphumile sayombheka ngasemfule­ni lapho u-Abongwe ebashiye khona. Ngivele ngaphelelw­a ngamandla, sahlala ngasemfule­ni nomakhelwa­ne, aqhubeka amadoda. Athe esebuya asitshela ukuthi umfana ukhona, lo muntu umlimazile," kusho uNkk Deyi.

Uthi ikhanda belingapha­ndle kwamanzi, likhishwe ugebhezi, isidumbu siphakathi. Uzwakalise ukuthi ubuhlungu ngento emehlele ngoba akazi ukuthi ubenzeni umntanakhe aze abulawe ngesihluku esingaka.

"Imoto yezidumbu ibisiwacos­ha ematsheni amathambo ekhanda. Uzongcwats­hwa engasaphel­ele umntanami,” kusho uNkk Deyi. Uthi ufisa ukuba umthetho wenze okufanele kumenzi wobubi ngobulwane abenzile enganeni yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala ngokufa kukaMalwan­de.

Uthi kuboshwe owesilisa oneminyaka angama-32 ngaleli cala kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseHardin­g maduze.

Uthe esebuya eyombheka, wangabe esababona lapho kade behleli khona...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa