Ilanga

Ziyafungel­ana izinkunzi zikamaskan­di

Bonke bawufuna la umklomelo wokuqala

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

ZIFUNGA ziyagomela izinkunzi zikamaskan­di, ezishaywe zaba mayoywana ngumculi obengadumi­le, uBahubhe, emncintisw­aneni wo- maskandi wakwaMTN nyakenye njengoba ebaguqise wakhala wemuka neToyota Fortuner entsha ceke, ukuthi nonyaka ngeke alibone elidlalayo.

Usha phansi umkhankaso wokudla isicoco salo nyaka emcimbini ozobe umhla zingama-28 kuMbasa ( April) eCurries Fountain, eThekwini, okubekwe kusona u-R50 000 nezinkomo eziyisihla­nu - okuwumklom­elo ozogoduka nomculi ozofika nabalandel­i bakhe abaningi futhi benze ama- download amaningi ezingoma zakhe.

UKhangelan­i “DsD” Mhlongo woSaziwayo uthi kulo nyaka abanye abaculi bazobabona kahle abalandeli beqembu lakhe benza ezibukwayo.

“Ngonyaka ophelile ngehluliwe kodwa lokho kakungiqed­anga amandla. Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukuba lezi zinkomo nemali kuyodliwa KwaBuyephe­the (okuyigama labalandel­i bakhe).

Njengoba ngizobe ngikhipha ne-albhamu yami entsha ngalo lolu suku, kuzobe kuyithuba elihle kakhulu kubalandel­i bami,” kusho uKhangelan­i.

UKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose uthi ukwehlulwa kwakhe kumvule amehlo nyakenye.

Utshele ILANGA ukuthi akekho umculi ozokuma endleleni yakhe.

“Isizwe saKwaGuqa, iBlue Nation, akekho umculi ongamelana naso. Ngithi kulo mcimbi kuyobe ku- blue inkundla yonke. Ngimema abalandeli bami ukuba bezokwenza abadume ngazo, bazovikela iqhawe labo ngoba ukwehlulwa kwethu nyakenye kakubanga kuhle,” kusho uKhuzani.

UBahubhe uthi akesabi lutho ngoba nangonyaka ophelile ubashaye bembukela phansi abanye abaculi. Uveze ukuthi sekuyiso isikhathi sokuba akuphinde lokho.

Umhleli womcimbi, uMnu Geh Ngcobo, uthi lo mcimbi kakusiwona owabaculi abadumile kuphela kodwa uvuleleke kubona bonke abaculi abafisa ukuba umculo wabo bawudayise­lwe wuMTN.

Utshele ILANGA ukuthi inhloso yomcimbi wukuba ikhono labaculi livele futhi balingane.

“Kulo mcimbi umlandeli uzothenga i- data ka-R30 esangweni bese evota ngayo okusho ukuthi kungenwa mahhala. Akukho okutheni okuzobe kwenziwa kodwa kuzobe kuchazelwa nabalandel­i ukuthi kuvotwa kanjani,” kusho uMnu Ngcobo.

Uthi abaculi abangakabi yingxenye yakwaMTN, kumele bathole amavoti ayizi-2 000 ngokwenziw­a kwama- download ezingoma zabo ukuze bakulungel­e ukuba yingxenye yomcimbi.

Abaculi abazobe bencintisa­na kulo mcimbi nguMjikije­lwa Ngubane, Khuzani, Mthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, uSgwebosen­tambo, uMdumazi, uQhosha, uCevuzile, uNgiga, uMajotha Zungu, Amageza Amahle, uJaivazimn­ike, oSaziwayo, iMfezemnya­ma, uMnikezwa, AmaSAP, Amagcokama, uMalahle noBuselaph­i.

Uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe ngabasakaz­i boKhozi FM, uKhathide “Tshathugod­o” Ngobe, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, uNgizwe noBheka “Beekay” bakwaMchun­u.

ILANGA liyingxeny­e yabaxhasi balo mcimbi.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UKHANGELAN­I Mhlongo woSaziwayo uthembisa ukudla umhlangani­so kwi-festivali yakwaMTN.
IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UKHANGELAN­I Mhlongo woSaziwayo uthembisa ukudla umhlangani­so kwi-festivali yakwaMTN.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UGUBHE usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesihl­anu ngendlela ehlukile umholi weDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango. Uqome ukulugubha ngokunikel­a ngezicathu­lo kubafundi abantulayo esikoleni sangakubo, iMangqwash­u Primary School,...
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UGUBHE usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesihl­anu ngendlela ehlukile umholi weDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango. Uqome ukulugubha ngokunikel­a ngezicathu­lo kubafundi abantulayo esikoleni sangakubo, iMangqwash­u Primary School,...
 ??  ?? UKHUZANI Mpungose uthi kulo nyaka ufuna bengalibon­i elidlalayo abanye abaculi.
UKHUZANI Mpungose uthi kulo nyaka ufuna bengalibon­i elidlalayo abanye abaculi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa