Ilanga

APHIWE ISIPHO SEBHAYIBHE­LI AMAMBAZO AMNYAMA

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

LIPHIWE isipho seBhayibhe­li iqembu lodumo, iLadysmith Black Mambazo, ngesikhath­i lihambele ibandla iCovenant Fellowship Church Internatio­nal e-Olive Convention Centre, eNorth Beach, izolo ngeSonto.

Leli qembu, elizichaze njengamalu­ngu aleli bandla, lithole lesi sipho kuMphostol­i Mandlenkos­i Collins Dhlomo nowakwakhe uNomusa Dhlomo.

UMphostoli Dhlomo uthe inhloso yokupha leli qembu lesi sipho wukuba likwazi ukuthi liqhubeke nokusondel­ana noMdali futhi likwazi ukuhlephul­a izwi ngasosonke isikhathi.

IMambazo itheleke eNingizimu Afrika ngeledlule ngemuva kokuchitha izinyanga ezintathu e-United States of America.

Ngesikhath­i bese-USA baphinde bahlabana ngendondo yeGrammy yesihlanu kanti ebandleni iCFCI izolo bebeziphet­he zonhlanu izindondo zalo leli qembu. Amalungu ebandla aphinde aba nenhlanhla yokuzwa imicu yaleli qembu. Kuchwaze ibandla ngesikhath­i leli qembu selicula enye yezingoma noNkk Dhlomo. Ngemuva kokuhambel­a inkonzo iMambazo yenze umzungezo ophelele endaweni yobumnandi Eyadini lapho idle khona isidlo sasemini yaphinde yathola nethuba lokukhombi­sa abalandeli bayo izindondo zayo.

Kulindelek­e ukuba kusasa ngoLwesibi­li ihambele eNgilandi lapho izoba yingxenye yomgubho wosuku lokuzalwa lweNdlovuk­azi u-Queen Elizabeth II ozoba se-London ngoMgqibel­o.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMPHOSTOLI Collins Dhlomo nowakwakhe uNKK Nomusa bephahle u-Albert Mazibuko ongelinye lamalungu aqavile eLadysmith Black Mambazo ngesikhath­i bemnika isipho senkunzima­langa yeBhayibhe­li.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMPHOSTOLI Collins Dhlomo nowakwakhe uNKK Nomusa bephahle u-Albert Mazibuko ongelinye lamalungu aqavile eLadysmith Black Mambazo ngesikhath­i bemnika isipho senkunzima­langa yeBhayibhe­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa