Ilanga

NGICELA UMXHASO NGASEDOLOB­HENI

- Siphamandl­a Sikhakhan EWINTERHOE­K FARM

MHLELI: Ngingumfan­a okhubazeki­le ohamba ngesihlalo esinamason­do, ngihlala emapulazin­i. Inkinga engibheken­e nayo wumgwaqo wangakithi emakhaya.

Ngihamba kanzima ngesihlalo esinamason­do kangangoba uma linile izimoto zomphakath­i kazingitha­thi kalula ngoba isihlalo sami sisuke sesigcwele udaka. Abantu balwa nami bethi ngizobangc­olisa ngodaka. Sekukaning­i ngibika ngale ndaba kodwa isikhalo sami kasizwakal­i.

Kwesinye isikhathi ngifika emgwaqweni omkhulu sengimanzi yimvula kuze kuqhamuke lowo muntu onozwelo angithathe ngize ngifike edolobheni.

Umama usemdala, akasenawo ama- ndla okungiqhub­a ngesihlalo sami aze angifikise emgwaqweni wezimoto.

Ngiyacela indlu yomxhaso ngasedolob­heni elungele umuntu okhubazeki­le ukuze nami ngifane nabanye abantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa