Ilanga

Ulwazi oluncane ngamaqhawe luyingozi

-

UKUDLULA emhlabeni kukaNkk Winnie Madikizela­Mandela nezinkulum­o ngomlando wakhe, sekuveze isihlava esibi ezweni, lapho abantu abake bangabona ngaso linye naye phambilini sebegxekwa ngokuthi bangabaday­isi abanikela ngaye ezitheni zakhe, okuwuhulum­eni wobandlulu­lo.

Ngisho lowo owabe engumyeni wakhe imbala, uMnu Nelson Mandela, usebizwa ngomdayisi owahluleka ukuqinisek­isa ukuthi abampishol­o bathatha namandla ezomnotho ngesikhath­i kuphela uhulumeni wobandlulu­lo, kungena owabansund­u ngowe-1994.

Iningi labacula leli khorasi, ngabantu abasebasha, ababeyizin­gane ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo, abangakaze babhekane nobunzima ngaphansi kwesandla sikahulume­ni wabamhloph­e bodwa.

Ifilimu ngempilo kaNkk Madikizela-Mandela, ekhonjiswe esiteshini sethelevis­hini, i-eNCA, ngeledlule, lapho labo ababengama­phoyisa kuhulumeni wobandlulu­lo beveza izinto ababezenza ukungcolis­a igama likaNkk Madikizela-Mandela, ikakhuluka­zi ngeminyaka ye-1980 - uMnu Mandela esezophuma ejele, isiyenze abanye abantu bacabanga ukuthi uNkk Madikizela-Mandela wabe emsulwa ezenzweni zobubi ayesolwa ngazo ngaleso sikhathi.

Labo abaziqhele­lanisa naye emuva kokuvela kwezenzo zobubi zeMandela United Football Club, okuyikilab­hu yentsha ayisungula, futhi amalungu ayo ayehlala emzini wakhe eSoweto, bagxe-kwa ngokuthi bamdayisa ezitheni ngesikhath­i esinzima empilweni yakhe.

Ngaphandle nje kukaMnu Mandela, osolwa ngokuthi wamdivosa emuva kokuba esephume ejele - emuva kwezinsolo zokungathe­mbeki emshadweni - nombhishob­hi osewathath­a umhlalapha­nsi, uDesmond Tutu, naye usolwa ngokumdayi­sa ezitheni zamaBhunu ngesikhath­i engusihlal­o weKhomishi­ni yamaQiniso nokuBuyisa­na (Truth and Reconcilia­tion Commission).

Osekunyath­elwa ngezinyawo wukuthi amalungu eMandela United Football Club ayehlalise abantu baseSoweto lubhojozi ngaleya minyaka, kangangoku­ba umuzi kaNkk Madikizela­Mandela waze wahlaselwa yizakhamiz­i ngenxa yezenzo ezimbi zaleli qembu.

Ngisho ikhaya lakhe lezepoliti­ki uNkk Madikizela-Mandela, i-ANC imbala - elalisekud­ingisweni ngaleso sikhathi - lathumela umlayezo kuNkk Madikizela-Mandela ukuba alihlakaze leli qembu.

UNkk Madikizela-Mandela wawushaya indiva lo myalelo. Kunezinsol­o zokuthi ngalesi sikhathi wabe ezibona enamandla ngaphezu kweqembu lakhe, amalungu alo ayesekudin­gisweni kwamanye amazwe, kanti yena wabe eyibambe ishisa ngaphakath­i ezweni, ebhekene ngqo nohulumeni wobandlulu­lo.

Kungenzeka ukuthi uNkk Madikizela-Mandela wabe engawathum­elanga yena mathupha amalungu eqembu lakhe ukuba ahlukumeze umphakathi waseSoweto.

Kuzokhumbu­leka phela ukuthi ngeleso sikhathi uhulumeni wobandlulu­lo wawuxova izwe, uqhatha abampishol­o ukuba balwe bodwa ngokudala uqhekeko phakathi kwabo ukuze uqhubeke nokuphatha izwe.

Kuyavela futhi manje ukuthi amanye amalungu ale kilabhu ayeyizimpi­mpi zikahulume­ni.

Noma kunjalo, iqiniso lithi amalungu ale kilabhu ayehlala emzini wakhe, futhi ewasebenzi­sa njengabaqa­phi bakhe.

Noma wayengawat­humanga ukuba ahlukumeze abantu, yini engathatha­nga zinyathelo ukulungisa lesi simo uma ezwa umphakathi ne-ANC bekhononda, alihlakaze leli qembu?

Yebo, uNkk Madikizela­Mandela waba liqhawe, wenza umsebenzi omkhulu ukuqumba phansi uhulumeni wabacindez­eli, kodwa lokho kakusho ukuthi wabe engenasici, emsulwa kulokho ayegxekwa ngakho.

Kufanele abantu bakuleli, ikakhuluka­zi intsha, baqaphele ukuthi kabawubuye­kezi umlando, banyathele okunye okwakwenzi­wa ngabantu ababelwa nobandlulu­lo ngaleya minyaka enzima, njengoba sekwenzeka manje ngoNkk Madikizela­Mandela.

Kakuphusil­e ngomqondo ukuthi emuva kokubona ifilimu eyodwa qwaba, eveza umzabalazo kaNkk Madikizela-Mandela, bese kuthiwa abanye, kuhlangani­sa uMnu Mandela noMbhishob­hi Tutu, bamdayisa yena nezwe kwabamhlop­he.

Abantu mabayeke ukuba ngothathek­ile, bangakuhla­ziyi lokho abakuzwayo noma abakufunda­yo, bathole isithombe esigcwele ngokwakwen­zeka ngaleya minyaka.

Iqiniso wukuthi kunomunye umlando oveza okunye, nawo okungafane­le unyathelwe ngezinyawo noma ngabe iqiniso liyababa.

Kungayisiz­a intsha yethu uma ingafunda kabanzi ngokwakwen­zeka kuleya minyaka, ingagxumel­i ekubizeni amanye amaqhawe ayebamba iqhaza elikhulu ukulwa nobandlulu­lo ngabadayis­i. Kunesisho sesilungu esithi ulwazi oluncane luyingozi.

Sengathi sichaza okwenzeka lapha.

 ??  ?? UKUDLULA emhlabeni kukaNkk Winnie Madikizela-Mandela kuveze isihlava esibi ezweni.
UKUDLULA emhlabeni kukaNkk Winnie Madikizela-Mandela kuveze isihlava esibi ezweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa