Ulwazi oluncane ngamaqhawe luyingozi
UKUDLULA emhlabeni kukaNkk Winnie MadikizelaMandela nezinkulumo ngomlando wakhe, sekuveze isihlava esibi ezweni, lapho abantu abake bangabona ngaso linye naye phambilini sebegxekwa ngokuthi bangabadayisi abanikela ngaye ezitheni zakhe, okuwuhulumeni wobandlululo.
Ngisho lowo owabe engumyeni wakhe imbala, uMnu Nelson Mandela, usebizwa ngomdayisi owahluleka ukuqinisekisa ukuthi abampisholo bathatha namandla ezomnotho ngesikhathi kuphela uhulumeni wobandlululo, kungena owabansundu ngowe-1994.
Iningi labacula leli khorasi, ngabantu abasebasha, ababeyizingane ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo, abangakaze babhekane nobunzima ngaphansi kwesandla sikahulumeni wabamhlophe bodwa.
Ifilimu ngempilo kaNkk Madikizela-Mandela, ekhonjiswe esiteshini sethelevishini, i-eNCA, ngeledlule, lapho labo ababengamaphoyisa kuhulumeni wobandlululo beveza izinto ababezenza ukungcolisa igama likaNkk Madikizela-Mandela, ikakhulukazi ngeminyaka ye-1980 - uMnu Mandela esezophuma ejele, isiyenze abanye abantu bacabanga ukuthi uNkk Madikizela-Mandela wabe emsulwa ezenzweni zobubi ayesolwa ngazo ngaleso sikhathi.
Labo abaziqhelelanisa naye emuva kokuvela kwezenzo zobubi zeMandela United Football Club, okuyikilabhu yentsha ayisungula, futhi amalungu ayo ayehlala emzini wakhe eSoweto, bagxe-kwa ngokuthi bamdayisa ezitheni ngesikhathi esinzima empilweni yakhe.
Ngaphandle nje kukaMnu Mandela, osolwa ngokuthi wamdivosa emuva kokuba esephume ejele - emuva kwezinsolo zokungathembeki emshadweni - nombhishobhi osewathatha umhlalaphansi, uDesmond Tutu, naye usolwa ngokumdayisa ezitheni zamaBhunu ngesikhathi engusihlalo weKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana (Truth and Reconciliation Commission).
Osekunyathelwa ngezinyawo wukuthi amalungu eMandela United Football Club ayehlalise abantu baseSoweto lubhojozi ngaleya minyaka, kangangokuba umuzi kaNkk MadikizelaMandela waze wahlaselwa yizakhamizi ngenxa yezenzo ezimbi zaleli qembu.
Ngisho ikhaya lakhe lezepolitiki uNkk Madikizela-Mandela, i-ANC imbala - elalisekudingisweni ngaleso sikhathi - lathumela umlayezo kuNkk Madikizela-Mandela ukuba alihlakaze leli qembu.
UNkk Madikizela-Mandela wawushaya indiva lo myalelo. Kunezinsolo zokuthi ngalesi sikhathi wabe ezibona enamandla ngaphezu kweqembu lakhe, amalungu alo ayesekudingisweni kwamanye amazwe, kanti yena wabe eyibambe ishisa ngaphakathi ezweni, ebhekene ngqo nohulumeni wobandlululo.
Kungenzeka ukuthi uNkk Madikizela-Mandela wabe engawathumelanga yena mathupha amalungu eqembu lakhe ukuba ahlukumeze umphakathi waseSoweto.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngeleso sikhathi uhulumeni wobandlululo wawuxova izwe, uqhatha abampisholo ukuba balwe bodwa ngokudala uqhekeko phakathi kwabo ukuze uqhubeke nokuphatha izwe.
Kuyavela futhi manje ukuthi amanye amalungu ale kilabhu ayeyizimpimpi zikahulumeni.
Noma kunjalo, iqiniso lithi amalungu ale kilabhu ayehlala emzini wakhe, futhi ewasebenzisa njengabaqaphi bakhe.
Noma wayengawathumanga ukuba ahlukumeze abantu, yini engathathanga zinyathelo ukulungisa lesi simo uma ezwa umphakathi ne-ANC bekhononda, alihlakaze leli qembu?
Yebo, uNkk MadikizelaMandela waba liqhawe, wenza umsebenzi omkhulu ukuqumba phansi uhulumeni wabacindezeli, kodwa lokho kakusho ukuthi wabe engenasici, emsulwa kulokho ayegxekwa ngakho.
Kufanele abantu bakuleli, ikakhulukazi intsha, baqaphele ukuthi kabawubuyekezi umlando, banyathele okunye okwakwenziwa ngabantu ababelwa nobandlululo ngaleya minyaka enzima, njengoba sekwenzeka manje ngoNkk MadikizelaMandela.
Kakuphusile ngomqondo ukuthi emuva kokubona ifilimu eyodwa qwaba, eveza umzabalazo kaNkk Madikizela-Mandela, bese kuthiwa abanye, kuhlanganisa uMnu Mandela noMbhishobhi Tutu, bamdayisa yena nezwe kwabamhlophe.
Abantu mabayeke ukuba ngothathekile, bangakuhlaziyi lokho abakuzwayo noma abakufundayo, bathole isithombe esigcwele ngokwakwenzeka ngaleya minyaka.
Iqiniso wukuthi kunomunye umlando oveza okunye, nawo okungafanele unyathelwe ngezinyawo noma ngabe iqiniso liyababa.
Kungayisiza intsha yethu uma ingafunda kabanzi ngokwakwenzeka kuleya minyaka, ingagxumeli ekubizeni amanye amaqhawe ayebamba iqhaza elikhulu ukulwa nobandlululo ngabadayisi. Kunesisho sesilungu esithi ulwazi oluncane luyingozi.
Sengathi sichaza okwenzeka lapha.