Basawabanga nemfuyo amanzi
Bakhona ompompi kodwa lutho amanzi
KUSINDA kwehlela emphakathini waseZimbabaleni naseNtweni, eBhanganomo, KwaNongoma, obanga amanzi nezilwane emachitshaneni emifula.
Amalungu omphakathi wakulezi zigodi abhodla umlilo njengoba engayitholi incazelo kwiziphathimandla zikaMasipala wesiFunda iZululand mayelana nale nkinga. Kuthiwa nemoto ethumela amanzi emphakathini kayisayi.
ILANGA lithole ukuthi umphakathi wakulezi zigodi ugcina usebenzisa amanzi angahlanzekile okuholela ekubeni abanye abantu bakhona bagcine sebegula.
UMnu Wonder Ndinisa, oyilungu lomphakathi, uthi okubakhalisayo wukungayitholi incazelo ephelele mayelana nenkinga ababhekene nayo.
Uthi ikhansela lendawo, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, liyalwazi udaba lwamanzi kodwa kalenzi lutho ngalo.
“Sekuphele iminyaka emibili siphila nale nkinga. Njalo uma sikhononda ekhanseleni lithembisa ukuthi lizoyilungisa ngokushesha. Ngikhuluma nje, eNtweni bakhona ompompi kodwa kakuphumi ngisho iconsi, amanzi agcine ukuphuma ngowezi-2016.
“Akekho umuntu ozihluphe ngokusitshela ukuthi amanzi azo- nqamuka, sibona ngawo engasaphumi.
“Inzima impilo ngoba siphuza amanzi angahlanzekile, abuye aphuzwe nayizilwane. Kusobala ukuthi kasicatshangelwa siwumphakathi, bekungcono ngesikhathi kunesomiso ngoba besazi ukuthi amanzi kawekho ngenxa yaso,” kusho uMnu Ndinisa.
UMnu Abasalom Nxumalo, oyinduna yaseNtweni, uhambe emazwini kaMnu Ndinisa, wathi sekuphele iminyaka emibili enqamukile futhi kayikho incazelo abayitholile ngalokho.
UMnu Ndabandaba uthe kuyiqiniso ukuthi iZululand ibhekene nenkinga yamanzi kodwa kungamanga aluhlaza ukuthi sekuphele iminyaka emibili engekho.
Uthi kunamapayipi amanzi afakwe eZimbabaleni phakathi kowe-2007 nowezi-2010 kodwa aba nenkinga.
“Amanzi kawalawulwa ngama- khansela, alawulwa yisifunda ngakho-ke abantu kumele bayise izikhalo zabo emmahhovisi esifunda. Abantu abagijima baye emaphepheni yibona kanye abangayi emihlanganweni yomphakathi.
“Ngikhuluma nje indaba yamanzi iyalungiswa njengoba kuhlelwe ukuthi ekupheleni kukaNtulikazi (July) kufakwe amapayipi adonsa amanzi phansi ( boreholes),” kusho uMnu Ndaba- ndaba.
USomlomo waseZululand, uMnu Sibusiso Nkwanyana, uthe udaba lwamanzi bayalwazi futhi luyalungiswa.
“Kunomuntu othole ithenda yokufaka amapayipi kodwa angafakwa ngendlela. Onjininyela bazobheka ukuthi le nkinga izolungiswa kanjani. Sicela umphakathi usibekezelele,” kusho uMnu Nkwanyana.