Ilanga

Basawabang­a nemfuyo amanzi

Bakhona ompompi kodwa lutho amanzi

- PAMELA ZUNGU

KUSINDA kwehlela emphakathi­ni waseZimbab­aleni naseNtweni, eBhanganom­o, KwaNongoma, obanga amanzi nezilwane emachitsha­neni emifula.

Amalungu omphakathi wakulezi zigodi abhodla umlilo njengoba engayithol­i incazelo kwiziphath­imandla zikaMasipa­la wesiFunda iZululand mayelana nale nkinga. Kuthiwa nemoto ethumela amanzi emphakathi­ni kayisayi.

ILANGA lithole ukuthi umphakathi wakulezi zigodi ugcina usebenzisa amanzi angahlanze­kile okuholela ekubeni abanye abantu bakhona bagcine sebegula.

UMnu Wonder Ndinisa, oyilungu lomphakath­i, uthi okubakhali­sayo wukungayit­holi incazelo ephelele mayelana nenkinga ababhekene nayo.

Uthi ikhansela lendawo, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, liyalwazi udaba lwamanzi kodwa kalenzi lutho ngalo.

“Sekuphele iminyaka emibili siphila nale nkinga. Njalo uma sikhononda ekhanselen­i lithembisa ukuthi lizoyilung­isa ngokushesh­a. Ngikhuluma nje, eNtweni bakhona ompompi kodwa kakuphumi ngisho iconsi, amanzi agcine ukuphuma ngowezi-2016.

“Akekho umuntu ozihluphe ngokusitsh­ela ukuthi amanzi azo- nqamuka, sibona ngawo engasaphum­i.

“Inzima impilo ngoba siphuza amanzi angahlanze­kile, abuye aphuzwe nayizilwan­e. Kusobala ukuthi kasicatsha­ngelwa siwumphaka­thi, bekungcono ngesikhath­i kunesomiso ngoba besazi ukuthi amanzi kawekho ngenxa yaso,” kusho uMnu Ndinisa.

UMnu Abasalom Nxumalo, oyinduna yaseNtweni, uhambe emazwini kaMnu Ndinisa, wathi sekuphele iminyaka emibili enqamukile futhi kayikho incazelo abayitholi­le ngalokho.

UMnu Ndabandaba uthe kuyiqiniso ukuthi iZululand ibhekene nenkinga yamanzi kodwa kungamanga aluhlaza ukuthi sekuphele iminyaka emibili engekho.

Uthi kunamapayi­pi amanzi afakwe eZimbabale­ni phakathi kowe-2007 nowezi-2010 kodwa aba nenkinga.

“Amanzi kawalawulw­a ngama- khansela, alawulwa yisifunda ngakho-ke abantu kumele bayise izikhalo zabo emmahhovis­i esifunda. Abantu abagijima baye emaphephen­i yibona kanye abangayi emihlangan­weni yomphakath­i.

“Ngikhuluma nje indaba yamanzi iyalungisw­a njengoba kuhlelwe ukuthi ekupheleni kukaNtulik­azi (July) kufakwe amapayipi adonsa amanzi phansi ( boreholes),” kusho uMnu Ndaba- ndaba.

USomlomo waseZulula­nd, uMnu Sibusiso Nkwanyana, uthe udaba lwamanzi bayalwazi futhi luyalungis­wa.

“Kunomuntu othole ithenda yokufaka amapayipi kodwa angafakwa ngendlela. Onjininyel­a bazobheka ukuthi le nkinga izolungisw­a kanjani. Sicela umphakathi usibekezel­ele,” kusho uMnu Nkwanyana.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ZIYAQHUBEK­A nokuvela izindawo ezithwele kanzima ngokubanga amanzi nezilwane emachitsha­neni emifula.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ZIYAQHUBEK­A nokuvela izindawo ezithwele kanzima ngokubanga amanzi nezilwane emachitsha­neni emifula.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa