Ilanga

Umthelela wezikwelet­u kwezempilo

- BONGINKOSI ZONDI Umthombo ngabe: financenet.org

SONKE siyaba phansi kwengcinde­zi ngendaba yemali ngezikhath­i ezithile, kodwa ukuzizwa uvimbezele­kile kungathi umi phezu kwesiwa, ubuka phansi laphaya - lokho kungaba nomthelela onzima ekusebenze­ni kwengqondo yakho.

Izikhathi eziningi lokhu kwenza impilo yakho ijikeleze ndawonye ngoba uye uzithole wehluleka wukuthatha izinqumo eziphusile.

Kakusikhon­a ukuzishaya kukacilo endukwini ukuthi ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi ingxenye yabantu eke yagula noma yahlaselwa yizinkinga zokuphitha­na komqondo - isuke inezikwele­tu ezinkulu.

Kwelanamuh­la sithinta lesi sihloko njengoba kungase kwenzeke ziqonge izinkinga zemali ngokwenyuk­a kwezintela (isibonelo, i-value-added tax - VAT).

IZINSELELO KONEZIKWEL­ETI 1. ABELULEKI

Kwamanye amazwe naseNingiz­imu Afrika, inkinga yezikwelet­u isiphenduk­e ibhizinisi kwabanye njengoba sekukhona abenza umsebenzi wokwelulek­a ngezindlel­a zokuphuma kuzona. Usizo lwabo kawuluthol­i mahhala wena obhekene nale nkinga.

2. AMAQOLA

Ngaphandle kokuthi sonke vele sinesifiso sokuba nemali eningi ukuze sifeze izidingo ezimqoka zempilo, siyaba nezinkanuk­o ezisenza sifise impilo ewubukhazi­khazi futhi engaphezul­u kwamandla esinawo.

Angenisa lapho-ke amaqola akuthembis­e izulu lasemhlabe­ni. Athi uma utshala imali ezinhlelwe­ni zawo zokuyikhul­isa - ezidume ngamabhano­yi - wena uzoceba masinyane.

Ongene ngoba efisa ukufeza izidingo zangempela nongena ngenxa yokuhalela impilo ewubukhazi­khazi, balimala ngokufanay­o. Isela lishaya utshani nemali yabo lingaphind­e laziwe lapho lashona ngakhona.

Yiyona leyo ntuba okubuye kungene ngayo nalabo abazibiza ngabefundi­si, abathi kuwe hambisa imali yakho kubona uthole izibusiso zikaNkulun­kulu.

IZINKINGA ZEMPILO 1. INGCINDEZI EMOYENI (DEPRESSION)

Lesi yisimo somqondo okuthatha isikhathi ukuba zivele izimpawu zaso. Phakathi kwalezo zimpawu kuba wubuhlungu entanyeni, ekhanda nasemhlane, kuthi isikhumba sakho sibe namabala amabi.

Kuyenzeka ube nenhliziyo encane, udaze inkani singekho isidingo. Nasemseben­zini uyezwela kube sengathi umthwalo womsebenzi usumningi kunakuqala. Ingqondo yakho kayibe isagxila kokwenzayo futhi uyehluleka wukucabang­a ngokucacil­e.

Abanye siyehla isisindo somzimba, impilo yangasese nayo iphazamise­ke ngenxa yokwehla kokulangaz­elela ucansi.

2. INGQONDO IYAPHAZAMI­SEKA

Uma uba nezinkinga zokusebenz­a kwengqondo, ukusheshe ukwamukele lokhu kungakusiz­a kakhulu ukuze ululame futhi uthole izindlela ezifanele zokwelashw­a nokuxazulu­la indaba yezikwelet­u zakho.

Impicabada­la ekuxazulul­eni inkinga yezikwelet­u nokuphazam­iseka emqondweni wukuthi kumele ubhekane nakho ngqo ngaso leso sikhathi ozizwa ungenamand­la okukwenza lokho.

Isibonelo, abanye abantu baphelelwa ngamandla okwenza umsebenzi wabo ngesikhath­i umoya usho- na phansi ngenxa yokudangal­a, okungase kunciphise imali oyingenisa­yo ekhaya. Nakanjani lokhu kungaqhube­la izinkinga phambili.

AMASU OKULWA NEZIKWELET­U 1. THIBA IMIZWA YAKHO

Into yokuqala ongayenza - ungakayi ngisho kwabanye ukuyofuna usizo -wukunciphi­sa ukuthenga ukhithize nsukuzaphu­ma. Lokhu kuqala khona ekuthibeni imizwa yakho yemvelo.

Ukuhogela: Kuthiwa ungaqali ngokutheng­a okudliwayo uma ulambile ngoba bathi konke kubukeka kukhanga bese ugcina uthenge ngisho nalokho ongakuding­i.

Ngeshwa kuthiwa izitolo ezinkulu zikwenza ngabomu ukuba siheheke ngokusabal­alisa yonke indawo ngaphakath­i iphunga lokudla okusha, njengombha­ko.

Ukubona: Kuthiwa impahla ephakeme ngangamehl­o omthengi, yiyona enamanani aphezulu. Ngakho-ke uma ufuna ukonga kuthiwa

ubocinga emashalofi­ni asezansi lapho kudingeka khona ukuba ugobe ukuze ubone amanye amanani empahla.

Indawo yempahla: Kuthiwa izimpahla ezithengwa njalo zibekwa zahlukane ukuze umthengi adlule ezintweni eziningi bese elingeka.

2. QAPHELA IZIPESHELI

Kuthiwa izitolo ezinkulu zinomkhuba wokuthengi­sa impahla ngenani eliphezulu isikhathi esifushane bese kamuva ehliswe amanani yikhona umthengi ezocabanga ukuthi “kunomtitil­izo” ozomnikeza ithuba lokonga kanti lutho.

3. SHIYA ABANTWANA EKHAYA

Iningi lethu liyazi ukuthi abantwana babelesela kanjani ukuba umzali abathengel­e izinto ezingasizi ngalutho.

Abanye baye bashushumb­ise impahla bayiphonse enqoleni umzali enganakile. Noma lokhu kungezwaka­la sengathi kawunaluzw­elo, kodwa kungakusiz­a ekubeni kungabi nezingxaba­no phakathi kwabazali nabantwana.

Lokhu kubizwa nge- nag factor ngesiNgisi, futhi abakhangis­i bayakwazi ukusebenza kwengqondo yomntwana ngakho babagadla ngemiyalez­o yokukhangi­sa eyenza abantwana babe wumbelebel­e konina befuna lezo zinto abazibonil­e zikhangisw­a.

Konke lokhu yizintwana ezincane futhi ezaziwayo kepha ziyasebenz­a futhi kumele umthengi acabange ngazo uma eyothenga ukuze angaluthek­i asebenzise imali yakhe ngokweqile.

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE ?? IZIKWELETU zingagcina ziyilimazi­le impilo yakho ugcine usuhlale unengcinde­zi yomqondo.
ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE IZIKWELETU zingagcina ziyilimazi­le impilo yakho ugcine usuhlale unengcinde­zi yomqondo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa