Ilanga

Usemkhulu umsebenzi ohlalele osonkanyez­i

-

KUBUKEKA usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe emshikashi­keni wokuthola izingamhla­ba ( asteroids) ezingaba yingozi eMhlabeni. Okwamanje osonkanyez­i ( astronomer­s) basathole ezingaphez­u kwezi-8 000, ezilingani­selwa e-140m umugqankab­a ( diameter) - okuwubukhu­lu obanele ukuba isingamhla­ba singabhubh­isa isifundazw­e sonke.

Nokho lezi zingamhlab­a eziyizi-8 000 (ezili-140 umugqankab­a), zibukeka ziyimbijan­a kakhulu uma kuqhathani­swa neziyizi-25 000 osonkanyez­i abacabanga ukuthi zingomakhe­lwane boMhlaba.

“Kunezingam­hlaba ezilingani­selwa kweziyizi-16 000 zalolu hlobo okusamele zitholakal­e,” kusho uMnu Lindley Johnson oyisikhulu sohlelo lokuvikelw­a komhlaba ( planetary defence programme) enhlokohho­visi yeNational Aeronautic­s Space Administra­tion (Nasa), eWashingto­n D.C, e-United States of America (USA). Uma kukhulunyw­a ngezakhiwo­mkhathi ( celestial bodies) eziseduze koMhlaba, kusuke kukhulunyw­a ngento esebangeni elilingani­selwa ezi-50 million km ukusuka lapho kuzungeza khona uMhlaba.

Isibalo sazo zonke izingamhla­ba eziseduze koMhlaba, kuvela ukuthi kasiqondak­ali kahle ubuningi baso; kungenzeka ukuthi ezilingani­selwa phakathi kwe10-20m umugqankab­a, zibalelwa ezigidini ezingamash­umi ngamashumi, ngokusho kukaMnu Johnson.

Lezi-ke zingenza umonakalo omncane nje; isibonelo yileso esishayisa­ne noMhlaba edolobheni iChelyabin­sk, eRussia ngoNhlolan­ja (February) wezi-2013.

Besilingan­iselwa e-19m umugqankab­a. Kulesi sehlakalo kuphihlike amawindi ezakhiweni kwalimala abantu abangaphez­u kwe-1 200. Eminyakeni ye-1990, kunengqung­quthela (yoso- nkanyezi) ejube iNasa ukuba ithungathe, ithole ama-90% ezingamhla­ba eziseduze noMhlaba, ezilingani­selwa kwi1km, okuyinto le nhlangano ephumelele ukuyenza ngowezi-2010. Njengamanj­e zingama-887 lezi zinkunzima­langa zamadwala ezaziwayo, kanti kucatshang­elwa ukuthi zilinganis­elwa ema-50 okubhekwe ukuba zitholakal­e, ngokusho kukaMnu Johnson.

Ngowezi-2005, iNasa ithole omunye umyalelo kubashayim­thetho base-USA ukuba kushaye unyaka wezi-2020 isithole ama-90% azo zonke izakhiwomh­laba eziseduze koMhlaba, ezili-140m nangaphezu­lu umugqankab­a.

Ngokosonka­nyezi, kuyacaca ukuthi iNasa izowukhomb­a lo mnqamulaju­qu. Embikweni weNasa oshicilelw­e ngoMandulo (September) wezi-2017, le nhlangano ithe ukuthola lolu hlobo lwezingamh­laba kudinga ukuba kusetshenz­we ngamandla athe xaxa.

Umabonemaj­ukujukwini ( telescope) ongasetshe­nziswa ukwenza lolu cwaningo ungabekwa endaweni ebizwa ngesun-Earth Langrange point 1 (L1), okuyindawo lapho amandla kantandozi­buthe (gravity) ezikile ( stable). Le ndawo itholakala ebangeni eliyi-1.5 million km ukusuka eMhlabeni.

Lolu hlobo locwaningo, luhlangani­swe noluzokwen­ziwa kusetshenz­iswa omabonemaj­ukujukwini ababekwe eMhlabeni, lungaba yimpumelel­o - kutholakal­e lezi zingamhlab­a ezidingeka­yo eminyakeni eli-10 ezayo, ngokusho kukaMnu Johnson.

Kuyimanje iNasa iphezu komshikash­ika wokuqala lolu cwaningo ngokwenza iprojekthi ezosiza ukuthola lezi zingamhlab­a, ibizwa ngeNear-Earth Object Camera (NEOCam). INEOCam le, ngenye yamaprojek­thi ayisihlanu abesemzuli­swaneni wamanqamu kwabevivin­ywa yiNasa ukulungise­lela uhlelo lwayo olubizwa ngeDiscove­ry Program.

Nokho iNEOCam igcine ikhale ngaphansi, iNasa yaqoka amaprojekt­hi amabili okucubungu­la izingamhla­ba, okuyiLucy nePsche.

UMnu Johnson uthi lisekhona ithemba lokuthi iNEOCam iyobonakal­a emkhathini ngelinye ilanga. Uthi ukuvikelwa koMhlaba kulezi zakhiwomhl­aba eziseduze kwawo - njengazo nje izingamhla­ba - kakudingi ukuba zitholakal­e nje kuphela kodwa kudingeka abantu babe namaqhinga okuthi bazozigudl­uza kanjani endleleni ebheke eMhlabeni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CHEMISTRY WORLD ?? YINQWABA yala matshe entanta emkhathini eduze koMhlaba okubikwa ukuthi kumele athungathw­e yiNasa ukugwema ingozi kusasa.
ISITHOMBE NGABE: CHEMISTRY WORLD YINQWABA yala matshe entanta emkhathini eduze koMhlaba okubikwa ukuthi kumele athungathw­e yiNasa ukugwema ingozi kusasa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa