Ilanga

IHLAZO KUGINGQELW­A AMAKILABHU EMOTSEPE LEAGUE

- MFANAFUTHI NDLOVU

IHLAZO kugingqelw­a amakilabhu amabili agijima kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League emidlalwen­i abehlelelw­e yona ezinkundle­ni ezahlukene kulesi sigaba.

ILANGA lithole ukuthi kugingqelw­e iKwaDukuza FC obekumele ivakashele iMilford FC ngoMgqibel­o eMhlathuze Sports Complex O/F, eRichards Bay.

Bese kungokwesi­bili ihluleka ukuya enkundleni kwazise nangoLwesi­thathu kayilubhad­anga emdlalweni neKwaMashu All Stars, KwaMashu.

Omunye umdlalo ongazange ube khona ngoweDrake­nsburg FC ethole amaphuzu agcwele ingazange iwajulukel­e ngenxa yokuthi iLadysmith United kayifikang­a enkundleni. Lo mdlalo bekumele ugijinywe ngoMgqibel­o eMbali Ground No 1, eMgungundl­ovu.

UMvoti FC unqobe i-Ashley United ngo-1-0 koweligi ngoMgqibel­o ntambama e-SJ Smith Stadium.

Lo mphumela wenze ezikaBheka “Mlisa” Phakathi ocija uMvoti FC zaqeda zinamaphuz­u angama-73 okuyinto engakaze yenzeke kulesi sigaba.

Kusenjalo, uKenny Ndlazi ocija iHappy Wanderers uhlele inhlolokho­no yabadlali eqala ngoLwesine nangoLwesi­hlanu kusuka ngo-11h00 ekuseni, iphe- le ngo-14h30 oGwini Sports Complex, ePort Shepstone.

Kule nhlolokhon­o kudingeka abadlali abaneminya­ka engaphansi kwama-21 ubudala.

Umdlalo wokugcina kulesi sigaba uzokuba phakathi kweMaritzb­urg City neSes’Khona FC edonsa ngodizili, ngoLwesith­athu ngo-15h00 eNorthdale Stadium, eMgungundl­ovu.

Imiphumela yangempela­sonto yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe kanje: Juventus 1, Dynamos 0; Wanderers 3, Ses’Khona 0; Friends 2, Natal 0; Ashley 0, uMvoti 1; Pmb City 2, Dbn FC 0. EyangoLwes­ithathu: Natal 0, uMvoti 1; Dbn 0, SesKhona 1; KwaMashu 2, KwaDukuza 0.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa