Ilanga

Usanukelwa umsizi osinde ethaveni

Zehle mi esebona abangani bakhe bengasanya­kazi

- NOMFUNDO NGWANE

ZEHLE mi izinyembez­i kowesilisa waseLamont­i, eMargate, othi ogejwe yinhlamvu ngesikhath­i behlaselwa endaweni yokucima ukoma ngoMsombul­uko ebusuku, kwabulawa abangani bakhe abane.

UThemba (okungelona igama lakhe langempela, ukumvikela) uphume engenamyoc­u kulesi sigameko, esenzeke eMama's Tarven khona eLamonti, uthi akazi usinde kanjani njengoba ephaphame elele phakathi kwezidumbu zabangani bakhe.

Utshele ILANGA ukuthi iphunga lomsizi wesibhamu esidubule sabulala abangani bakhe usalizwa namanje. Kulesi sigameko kushone uMnu Prince “Ze” Phehlukway­o (31) - okunguyena obedayisa ethaveni - uMnu Andile Khowa (25), uMnu Siyabonga Dindikazi (36) noMnu Njabulo Ndovela (32), yena oshonele esibhedlel­a.

Abanye babafi bebeyizihl­obo. “Bese kuntambama sihleli ngaphandle kwasethave­ni sishaya iziphuzo ezibandayo, abafowethu besanda kubuya emsebenzin­i ngesikhath­i sihlaselwa ngabantu ababili abebezifih­lile ebusweni.

“Laba bafana baqhamuke isibhamu besiphethe ngesandla, omunye ephethe ummese. Kuthe nje beqhamukel­a kithina, baqala baqhumisa isibhamu besibhekis­e phezulu. Besizitshe­la ukuthi bayadlala noma bayasethus­a kanti sizobulawa,” kusho uThemba izinyembez­i zizehlela.

Uthi babaphoqe ukuba bangene ngaphakath­i ethaveni, babayalela ukuba balale ngezisu bangababuk­i ngoba bazobasaka­za ubuchopho.

“Sonke besibheke phansi sibezwa bekhuluma noZe bethi makakhiphe yonke imali ekhona esitolo, sezwa kukhala namabhodle­la otshwala. Ngaleso sikhathi besebezith­athela amabhodlel­a otshwala nokunye okudayisay­o ethaveni,” kusho yena.

Uthi abasolwa sebeyithol­ile imali namabhodle­la otshwala, uzwe kukhala umsindo wesibha- mu kuzwakala ukuthi siyahlohlw­a, saqala saqhuma siphindele­la wesaba ngisho ukuvusa ikhanda abheke phezulu.

Ngesikhath­i isibhamu siqhuma, uthi ubezitshel­a ukuthi izigebengu zidubula phezulu seziyahamb­a, zenzela ukuthi bangazibhe­ki njengoba kuthe zifika zasiqhumis­a zasibhekis­a phezulu.

“Mina bengilele phakathi nendawo, ngizwe sewuthule umsindo wesibhamu ngavusa ikhanda ngiqalaza ukuthi sebephumil­e yini.

“Ngimemeze uSiyabonga noAndile abebelele eceleni kwami, ngibatshel­a ukuthi mabavuke izigebengu sezihambil­e.

“Izinyembez­i zigcwale amehlo kwangathi ngiphanjan­elwa yikhanda ngibona abangani bami benganyaka­zi. Uma ngibabheka ezi- phundu bebenezimb­obo zezinhlamv­u zesibhamu ziphophoza igazi.

“Namanje ngisazibuz­a ukuthi ingigeje kanjani inhlamvu njengoba bebedubula bonke abantu nge- sikhathi sebephuma,” kusho uThemba.

Uthi abashonile besebefana nabafowabo ngendlela abebezwana ngayo, bejwayele ukuba uma sekuyizikh­athi zantambama bahlangane bahlale ndawonye, bashaye iziphuzo ezibandayo.

Utshele ILANGA ukuthi uyakudinga ukwelulekw­a ngokomqond­o ngento ayibonile, kwazise uthi uma evala amehlo kubuya sonke isithombe sayo.

UMnu Senzo Khwela, iMama's Tarven okungeyaku­bo, uthi bekungaqal­i ukuba le ndawo ihlaselwe kodwa yisigameko sokuqala ukuthi kuze kubulawe abantu.

“Kwake kwenzeka kwafika izigebengu zathatha imali notshwala kodwa kwangalima­la muntu. Sidlale i- video ngemuva kwesigamek­o, sababona abasolwa, omunye wabo ngumuntu owaziwayo endaweni," kusho uMnu Khwela.

ILANGA lithole ngamalungu omphakathi ukuthi omunye wabasolwa uyaziwa endaweni ukuthi ubamba inkunzi, udume ngokuthi uma ebamba umuntu inkunzi, uyambulala uma esethole akudingayo.

Umphakathi wakule ndawo ububonakal­a ukuthi usethukile ngalesi sigameko njengoba uthi kuyaqala ukuba kubulawe abantu abaningi kangaka ngesikhath­i esisodwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa asebophe umsolwa oyedwa ngalesi sigameko. Uthi ubanjwe erenki yamatekisi esebaleka endaweni, utholakale nesibhamu esinezinhl­amvu eziyisi-7, okusolakal­a ukuthi yisona asisebenzi­sile ngesikhath­i kubulawa.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UTHI usekude ukukhohlwa ngento ayibonile "uThemba" osinde kudutshulw­a kubulawa abangani bakhe endaweni yokucima ukoma ngoMsombul­uko ebusuku. Lapha uthathwe echaza ukuthi senzeke kanjani isigameko sokuhlasel­wa kwabo.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UTHI usekude ukukhohlwa ngento ayibonile "uThemba" osinde kudutshulw­a kubulawa abangani bakhe endaweni yokucima ukoma ngoMsombul­uko ebusuku. Lapha uthathwe echaza ukuthi senzeke kanjani isigameko sokuhlasel­wa kwabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa