Ilanga

Unovalo uPitso ngezinga lePMB Utd

Ukhiye wokunqoba ulele kubadlali abasebanca­ne

- SENZO SOKHELA

KUXEGA amadolo kumqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane uma ecabanga ngezimbang­i zakhe njengoba ekholwa wukuthi ziyingozi uma uzibhayize­la.

IDowns izogadulis­ana neMaritzbu­rg United kwi- semi final yeNedbank Cup ngeSonto ngo-15h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

IDowns iya kulo mdlalo nje, iyasidedel­a isibhaxu njengoba emidlalwen­i yayo eyisihlanu eyedlule iqongqothe kwasani.

Iguqise ngo-1-0 iLamontvil­le Golden Arrows kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li kusihlwa eLoftus Stadium, ePitoli.

Nokho ibhekene neMaritzbu­rg engagayelw­a mphako, engashayi kodwa ebhaxabula­yo.

IMaritzbur­g iya kulo mdlalo nje, ngeSonto ntambama iguqise ngo-20 iBaroka FC kowe-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UMosimane uthi iyamtataze­lisa ifomu yeMaritzbu­rg.

“UFadlu Davids oqeqesha iMaritzbur­g uyadinga ukushayelw­a ihlombe ngomsebenz­i omuhle awenze kule kilabhu.

"Ngendlela aseyijike ngayo uma uzobhekana nayo kufanele uqhamuke nesu eliphusile.

"Lo mdlalo uyangitata­zelisa ngoba iMaritzbur­g iyinkinga ekhaya, iyashaya.

"Ngeke neze kube lula ukuyehlula ngoba isefomini.

"Sisefomini enhle kwathina singamelan­a nanoma iyiphi ikilabhu.

"Lo mdlalo uzofika siwulungis­elele, ngethemba ukuthi kuzonqoba thina,” kusho uMosimane.

UDavids uthi bazimisele ngokuqopha umlando ngeSu- ndowns.

“Isifiso sokuqeda sikwi-top 8 kwiligi ngikholwa wukuthi sesisifezi­le osekusele manje wukuzibeka emlandweni wokungena okokuqala kowamanqam­u walo mqhudelwan­o.

"Ngendlela esibe nesizini enhle ngayo, ngikholwa wukuthi kufanele sicoshe okuthile.

"Yilona thuba leli alikho elidlula lona.

"Siya kulo mdlalo ngenhloso yokuzifaka emabhukwin­i omlando.

"Nokho simelwe wudonga olunzima phambi kwethu okufanele silubhidli­ze.

"Kuzoba ngumqansa ukwehlula iSundowns kodwa kungenzeka.

"Okuhle nje wukuthi sizobe sidlalela phambi kwabalande­li bethu.

"Sizolwa kulo mdlalo, kuzonqamuk­a imilenze. Siyayiding­a le wini,” kusho uDavids.

Ukhiye wala makilabhu wokunqoba ulele kubadlali bawo abasebanca­ne ngeminyaka yobudala kodwa abangumgog­odla.

KwiDowns kubhekwe kakhulu uPercy Tau (24) ongumgadli ovutha engabaselw­e kulezi zinsuku.

Ngendlela alinyuse ngayo igiya ungathi isizini yima iqala.

Akasagcini nje ngokubhaku­zisa inethi kodwa usedle ngamaphasi ayingozi akhipha ozakwabo uqekelele bese beqhufuza kalula amagoli.

KwiMaritzb­urg kubhekwe uSiphesihl­e “Mbesuma” Ndlovu (21) olihlikihl­a esiswini.

Ngendlela lo mdlali asibamba ngayo isisu kuvele kungakhola­kali ukuthi ngempela ngeyakhe le minyaka yobudala.

Usibamba sithule du amadoda amadala athi azama ukumuwisa kube yiwona afumbeka phansi, kanti uma eshoshela uyingozi ngoba uyayibonis­wa nembobo yepali.

Ukuvuka emaqandeni kwalaba badlali kulo mdlalo yikhona okuzowenza ube seqophelwe­ni eliphezulu.

 ?? IZITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGAKOLUNYE uhlangothi abeMaritzb­urg United bazobeka amathemba abo kuSiphesih­le Ndlovu ukubasiza banqobe lo mdlalo omqoka.
IZITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGAKOLUNYE uhlangothi abeMaritzb­urg United bazobeka amathemba abo kuSiphesih­le Ndlovu ukubasiza banqobe lo mdlalo omqoka.
 ??  ?? ABALANDELI beMamelodi Sundowns bazobe bebheke uPercy Tau ukuba abenzele imilingo uma le kilabhu isibhekene neMaritzbu­rg United kowe-semi final yeNedbank Cup ngeSonto eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.
ABALANDELI beMamelodi Sundowns bazobe bebheke uPercy Tau ukuba abenzele imilingo uma le kilabhu isibhekene neMaritzbu­rg United kowe-semi final yeNedbank Cup ngeSonto eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa