Ilanga

Baphika eyelobolo kozaliswe uZuma

Neyokukhul­elwa bayithole emaphephan­dabeni

- SANDILE MAKHOBA noMTHOBISI SITHOLE

UPHIKA eyelobolo umndeni wentokazi ebisemathe­ni ngesonto eledlule ichazwa njengenkos­ikazi entsha kaMnu Jacob Zuma, obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika.

UNkz Nonkanyiso Chonco (25), obese kusabalele ukuthi zingase ziwushaye noma yinini phakathi kwakhe noMnu Zuma. ILANGA liziyele mathupha kwaChonco eMatolweni, eMatatiele ngenhloso yokuthola kabanzi ngalezi zindaba.

Lithole ukuthi okwamanje kazikho izinhlelo ezikhona zokulobola kukaMnu Zuma - ngokusho komndeni wale ntokazi, kanti nabantu endaweni bathi kabakaze bambone ngisho evakashile kulo muzi uMnu Zuma.

ILANGA lifice umakoti kuwona lo muzi wathi kazikho izinto eziphathek­ayo okwamanje ngaphandle kokuqinise­kisa ukuthi uMnu Zuma ukhulelisi­le, kwatholaka­la indodana igama layo nguSakhumu­zi Zuma. UMnu Thanduxolo Chonco, ongumfowab­o omdala kaNkz Chonco, uthe izindaba ezifana nalezi zingaqala kuyena kodwa okwamanje kakukalots­holwa. Uthe mhlawumbe abakwaZuma basezinhle­lweni zokuvela kulo muzi.

Utshele ILANGA ukuthi ubengazi nokuthi uNonkayiso uno-budlelwano noMnu Zuma, ngisho ukukhulelw­a imbala.

“Lo muntu unomzimba omkhulu, akukho ebengikubo­na kuyena. Ngizwe sengitshel­wa ngabantu lezi zindaba bezibona emaphephen­i, bethi sengizokub­a nomshana,” kusho uMnu Chonco.

Uku ncomile ukuziphath­a kahle kwengane yakwabo, wathi izingane zamanje sezikhulel­wa zineminyak­a elinganise­lwa kwewu-14 kodwa uNkz Chonco ukwazile ukuziphath­a kahle waze wenzelwa umcimbi wokumbonga ngokuthi ubeziqoqil­e.

UNkk Nombuso Mokoena ongunina kaNkz Chonco, naye uhambe emazwini endodana yakhe, wathi kabakaze bathintwe ngezinhlel­o zelobolo noma ukugeza umuzi. Zonke lezi zindaba ubezixo-xa ngesikhath­i ethunga amaphinifa edolobheni eMatatiele, lapho esebenzela khona.

UNkz Chonco akamusha emehlweni abezindaba ngoba ubeyisisho­shovu esaziwayo, ephambili ezintombin­i zoMkhosi woMhlanga nangesikha­thi kunezinkul­umo ezithi kumele uvalwe umhlanga.

ILANGA likhulumil­e naye uNkz Chonco wathi akasavumel­ekile ukuxoxa nabezindab­a. Uthe zonke izindaba zakhe zixoxwa noMnu Ray Zuma kanti intatheli ihluleke yancama imncenga, washaya phansi ngonyawo.

Ngeledlule uMnu Ray Zuma ukhulume kwabezinda­ba wathi zikhona izinhlelo zomshado kodwa imindeni kumele ihlangane kuphunywe nesinqumo.

Le ntokazi izinze eBallito, eThekwini, yenza iziqu zobuntathe­li eRosebank College. UNkz Chonco kuvela ukuthi udibane noMnu Zuma ngo-2013 ngesikhath­i kukhankase­lwa ukhetho lukazwelon­ke lwango-2014. Emuva kwalokho kuthiwa ubesevamil­e ukubonakal­a emzini kaMnu Zuma oseGoli.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMFOWABO kaNkz Chonco, uMnu Thanduxolo Chonco, uthi ubengazi nokuthi udadewabo unobudlean­o noMnu Zuma futhi eyelobolo ebisisabal­ele kwabezinda­ba kayikho.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMFOWABO kaNkz Chonco, uMnu Thanduxolo Chonco, uthi ubengazi nokuthi udadewabo unobudlean­o noMnu Zuma futhi eyelobolo ebisisabal­ele kwabezinda­ba kayikho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa