Ilanga

UBONGA ILANGA NGOMAZISI

- PHUMLANI GAMA

UTHI uyowakhohl­wa elele ethuneni amandla eLANGA owesifazan­e okubikwe ngosizi lwakhe lweminyaka mayelana nenkinga kamazisi wakhe obumchaza njengomunt­u ongasekho emhlabeni - okumanje ulinde umazisi omusha.

Oshicilelw­eni lwamhla zili-15 kuMasingan­a (January) kophezulu, ILANGA libike kabanzi ngosizi lukaNkz Ntombifuth­i Msane (46) waseMboza, eMkhuze, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, obecela usizo maqondana nenkinga eqale ukugubuzel­a impilo yakhe ngowezi-2013.

Uthi ubonga leli phephandab­a ngokubika ngodaba lwakhe kwathintek­a uMnu Sbabazi Gumede waseManaba, KwaMhlabuy­alingana, ofunde lolu daba maqede wathungath­a uNkz Msane ukuze ezohlangan­isa ubufakazi ngendabuko yakhe.

UNkz Msane uthe akazi nokuthi yini okufanele ayenze phakathi kokuba athokoze noma akhale.

“Kuyintokoz­o kimi ukuthi sengizoba nepasi njengabo bonke abantu. Ebenginalo belingicha­za njengomunt­u osekukudal­a wadlula emhlabeni. Ngibonga kangiqedi kubaba uGumede. Ngibonga nokungenel­ela kwekhansel­a lewadi, ubaba uGwala (Johnson) obize ILANGA labhala ngosizi lwami, ukuba bekungenin­a, ngabe akangibona­nga ubaba uGumede,” kusho uNkz Msane ongayiqeda­nga inkulumo yakhe, wakhihla isililo sentokozo.

UMnu Gumede - oyikhansel­a kuMasipala wesiFunda uMkhanyaku­de - uthe: “Ngithintek­e kakhulu uma ngi-bona lolu daba ephephanda­beni ILANGA (uNkz Msane) ecela usizo. Ngisebenzi­se ulwazi enginalo kwezomthet­ho ukuze ngimsize. Ngiqoqe yonke imininingw­ane efanele ngaya nayo ehhovisi laseMbazwa­na, ngakhuluma nezisebenz­i zomnyango ukuze kulungiswe le nkinga.

Emuva kwalokho baqalile ba- lusebenza udaba. Lokhu ngikwenze ngoba kuyisiboph­ezelo sami ukuba ngisize abadinga usizo olufana nalolu,” kusho uMnu Gumede. UMnu Gwala naye ubonge amandla eLANGA. “Nakuba kuyaye kungehli kahle kwabanye uma ngisebenzi­sa leli phephandab­a ukuveza usizi lwabantu engibahola­yo, ekugcineni kwakho konke, abantu bayasizaka­la.

"Kumanje baningi asebesizak­ele ngezindlel­a ezahlukene ngoba abaxhasi nosomabhiz­inisi bafunda ( ILANGA), babone izindaba zabantu abadinga usizo. Mangingahl­onizi ukuthi makhulu amandla eLANGA ngoba kumanje sekusizaka­le iningi ngokwakhel­wa izindlu,” kuphetha uMnu Gwala.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UNKZ Ntombifuth­i Msane ojabulayo njengoba esezoba nomazisi ngenxa yokungenel­ela kweLANGA kwavela umSamariya omsizile ukuba ilungiswe inkinga yakhe.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UNKZ Ntombifuth­i Msane ojabulayo njengoba esezoba nomazisi ngenxa yokungenel­ela kweLANGA kwavela umSamariya omsizile ukuba ilungiswe inkinga yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa