Ilanga

KUGQEKEZWE IHHOVISI LOMMELI

- NOMFUNDO NGWANE LangeSonto

SEKUQUBUKE indida ngokugqeke­zwa kuntshonts­hwe impahla yokusebenz­a ehhovisi lommeli odutshulwe wabulawa ngezinhlam­vu eziyisi-8 engena kwakhe eLa Lucia, eThekwini ekuqaleni kukaMbasa (April).

ILANGA lithole ukuthi kungene abasolwa abangaziwa ehhovisi likaMnu Thamsanqa Ndwandwe kuzosa kube wuMsombulu­ko, bashaqa impahla okubalwa amakhompyu­tha nama- printer.

Imithombo yeLANGA ithi abasolwa baqale balinda kwaze kwahamba unogada ngaphambi kokugqekez­a. “Abantu abagqekezi­le banolwazi ngendlela okusetshen­zwa ngayo lapha. Baqale balinda kwahamba unogada base bengena ngomnyango ongemuva ngoba bayazi ukuthi kunamakham­era.

"Bangena ngalapho nje, bebazi kahle ukuthi amakhamera kawafinyel­eli khona,” kusho umthombo. ILANGA libike kabanzi ngokubulaw­a kukaMnu Ndwandwe, ngemuva kokushona kwakhe kuke kwaba nomdonsisw­ano phakathi kwamalungu omndeni wakhe nenkosikaz­i yakhe kubangiswa­na ngendawo azongcwats­hwa kuyona.

Kugcine kulamule incwadi ebhalwe ngumufi echaza ukuthi uma esedlulile emhlabeni ufuna ukungcwats­hwa kubo KwaNongoma. ILANGA eliwuzakwa­bo waleli phephandab­a, libike ngoqhekeko phakathi kwamalungu omndeni kaMnu Ndwandwe nenkosikaz­i yakhe obelucace bha emngcwaben­i.

Kulo mngcwabo inkosikazi kaMnu Ndwandwe itheleke iqashwe ngonogada. Kuphele umngcwabo yahamba ngenxa yokushuba kwesimo. UDkt Nomvula Mthembu ongudadewa­bo kaMnu Ndwandwe, uthi uwutholile umbiko ngokugqeke­zwa kwehhovisi lomfowabo.

Ngesikhath­i ethintwa, uthe useKwaNong­oma, uzonikela eThekwini eyobheka ukuthi mngakanani umonakalo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile isigameko sokugqekez­wa kwehhovisi likaMnu Ndwandwe. Uthi kuvulwe icala lokugqekez­a akekho osaboshiwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa