KUGQEKEZWE IHHOVISI LOMMELI
SEKUQUBUKE indida ngokugqekezwa kuntshontshwe impahla yokusebenza ehhovisi lommeli odutshulwe wabulawa ngezinhlamvu eziyisi-8 engena kwakhe eLa Lucia, eThekwini ekuqaleni kukaMbasa (April).
ILANGA lithole ukuthi kungene abasolwa abangaziwa ehhovisi likaMnu Thamsanqa Ndwandwe kuzosa kube wuMsombuluko, bashaqa impahla okubalwa amakhompyutha nama- printer.
Imithombo yeLANGA ithi abasolwa baqale balinda kwaze kwahamba unogada ngaphambi kokugqekeza. “Abantu abagqekezile banolwazi ngendlela okusetshenzwa ngayo lapha. Baqale balinda kwahamba unogada base bengena ngomnyango ongemuva ngoba bayazi ukuthi kunamakhamera.
"Bangena ngalapho nje, bebazi kahle ukuthi amakhamera kawafinyeleli khona,” kusho umthombo. ILANGA libike kabanzi ngokubulawa kukaMnu Ndwandwe, ngemuva kokushona kwakhe kuke kwaba nomdonsiswano phakathi kwamalungu omndeni wakhe nenkosikazi yakhe kubangiswana ngendawo azongcwatshwa kuyona.
Kugcine kulamule incwadi ebhalwe ngumufi echaza ukuthi uma esedlulile emhlabeni ufuna ukungcwatshwa kubo KwaNongoma. ILANGA eliwuzakwabo waleli phephandaba, libike ngoqhekeko phakathi kwamalungu omndeni kaMnu Ndwandwe nenkosikazi yakhe obelucace bha emngcwabeni.
Kulo mngcwabo inkosikazi kaMnu Ndwandwe itheleke iqashwe ngonogada. Kuphele umngcwabo yahamba ngenxa yokushuba kwesimo. UDkt Nomvula Mthembu ongudadewabo kaMnu Ndwandwe, uthi uwutholile umbiko ngokugqekezwa kwehhovisi lomfowabo.
Ngesikhathi ethintwa, uthe useKwaNongoma, uzonikela eThekwini eyobheka ukuthi mngakanani umonakalo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokugqekezwa kwehhovisi likaMnu Ndwandwe. Uthi kuvulwe icala lokugqekeza akekho osaboshiwe.