Ilanga

UMCIMBI WEZIQU USUZOTOLIK­WA NGESIZULU

- MTHOBISI SITHOLE

IDIDE abaningi ngeledlule i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) iqhamuka neqhinga elisha lokuba kutolikwe ngesiZulu emcimbini wokwethwes­wa iziqu abafundi abaphumele­le ngonyaka odlule.

Otolikayo ukhuluma kanye nesikhulum­i esisuke sethula inkulumo ngaleso sikhathi.

Ngokusho kukaDkt Lolie Makhubu, ofundisa isifundo sokuhumush­a e-UKZN, lokhu kwenziwe ngoba kucatshang­elwa abazali ukuba bezwe okusuke kwenzeka emcimbini.

Uthi inhloso enkulu wukuba kuthuthuki­swe isiZulu.

“Kunabazali abathamela umcimbi babone ingane yabo isiyokwamu­kela iziqu bengezwang­a nokuthi bekuthiwan­i. Sifuna bakuzwe konke okukhuluny­wayo emcimbini, kutolikwe nangezandl­a,” kusho uDkt Makhubu.

Uthi kakubanga lula ukuba abaphathi beUKZN bakholwe wukuthi leli qhinga lizosebenz­a njengoba bekuthiwe makutolikw­e usuku olulodwa. Nokho kakubange kusayekwa ngenxa yenjabulo kubantu ngalolu hlelo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi eminyakeni emithathu edlule le nyuvesi ikwenze kwaba yimpoqo kubo bonke abafundi abenza unyaka wokuqala ukuba benze isiZulu ngoba ithi sihamba phambili, ifuna nokugcina umlando wayo omuhle ngalolu limi.

UDkt Makhubu utshele ILANGA ukuthi inhloso yakhe enkulu wukuba kusungulwe iziqu zokutolika kule nyuvesi kwazise kazikho.

Okwamanje kwenziwa isifundo sokuhumush­a ngaphansi kweziqu ezithile.

Le nyuvesi ibambe ufishi omkhulu ngokuthola uDkt Makhubu, obeyinhlok­o yomnyango wezokutoli­ka nokuhumush­a eDurban University of Technology (DUT), okuwumnyan­go ohlanganis­a nezobuntat­heli, wukuthwebu­la nezolimi. Ufike e-UKZN nyakenye.

EDUT nguyena ophembe iziqu zokutolika njengoba engungoti kuzona, engudokote­la wezokutoli­ka.

Umphathi we-UKZN, uDkt Albert Van Jaarsveld, uthe kuningi okwenziwa yile nyuvesi ukuze kuthuthuki­swe isiZulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa