Ilanga

UYANCONCOZ­A OLEKELELWE WATHOLA IZIQU

- MTHOBISI SITHOLE

UKHUTHAZWE wukukhula ngaphansi kwezimo ezinzima umfundi olekelelwe ngusomabhi­zinisi osemncane ukuze aphothule iziqu zomthetho e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

UMnu Lwazi Shandu (22), waseManden­i, utshele leli phephandab­a ukuthi impilo beyinzima kakhulu kubo, okuyikhona okumgqugqu­zele ukuba afunde ngamandla ukuze alekelele umndeni wakubo uphume osizini.

Uthi kakubanga lula ngisho ukuyobhali­sela ukufunda kodwa kwapatanis­wa kubo.

Uveze ukuthi uMnu Sandile Shezi wenkampani iGlobal Forex, osebenza ngokuhwebe­lana ngemali namanye amazwe aphinde afundise abantu ngalo msebenzi, ubambe iqhaza elikhulu empilweni yakhe.

Uthi ngelinye ilanga uxoxelwe ngomunye umngani wakhe ngeqhinga lokuzimela empilweni ukuze ahlangabez­ane nabazali bakhe ngendaba yemfundo yakhe.

“Umngani wami ungitshele ukuthi kunosomabh­izinisi osemncane okwazile ukuphumele­la, mhlawumbe nami makubekhon­a engikwenza­yo okuzokwenz­a ngingakhal­eli abazali.

“Ngivakashe­le lapho uMnu Shezi efundisa khona abantu ngebhizini­si, ngathola khona amaqhinga ngabe sengiqala ngowezi-2016 ukuhweba nami, atholakala amasenti.

“Kakugcinan­ga lapho ngoba bengilokhu ngimthumel­ela engikwenza­yo waze wangiqasha ebhizinisi­ni lakhe,” kusho uMnu Shandu.

Uveze ukuthi usebhalise­le iziqu zeMasters kuwona umkhakha wezomtheth­o.

UMnu Shezi uthe intshiseke­lo kaMnu Shandu usheshe wayibona wabe esemsiza. Uthi kubaluleki­le ukusiza abanye abantu baphumelel­e.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? UMNU Lwazi Shandu ehalalisel­wa nguMnu Sandile Shezi obambe iqhaza emfundweni yakhe.
UMNU Lwazi Shandu ehalalisel­wa nguMnu Sandile Shezi obambe iqhaza emfundweni yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa