Ilanga

Bakhala ngomqwaqo oseduze nekhansela

Lithe kuphambane amabhodi emigwaqo

- THANDEKA NGOBESE NGWANE

UTHUKUTHEL­E uthelwa ngamanzi umphakathi waseMnange­ni, eMnambithi, othi ugilwe yikhansela lawo le-ANC, kuMasipala i-Alfred Duma, elithathe umgwaqo ka-R6 million obekufanel­e wakhelwe wona layowufaka ngasemzini walo KwaSomsuku.

Lo mphakathi uthi umgwaqo owu-3,5 km obekufanel­e wakhiwe, ubuzohlang­anisa isigodi saseMnange­ni nesaseDali­kosi. Uthi uMnu Sboniso Khulu, oyikhansel­a, uwubizele emhlanganw­eni eyokwethul­a ukwakhiwa kwalo mgwaqo. Ubuzokwakh­iwa kwisabelom­ali sika2017/2018.

Kuthe usulinde ukuba kufike osonkontil­eka bayoqala ukwakha lo mgwaqo, babona sekufakwe ibhodi KwaSomsuku elithi kwakhiwa uMnangeni Road. Indawo okufakwe kuyona leli bhodi, umphakathi uthi lingalapho kuhlala ngakhona uMnu Khulu, okuyibanga elide kakhulu nalapho umgwaqo uMnangeni ukhona.

ILANGA liye kule ndawo lafika ibhodi elibhalwe Mnangeni lifakwe KwaSomsuku, okuyibanga elilingani­selwa ku-20km ukusuka lapho lo mgwaqo okuthiwa bekufanele wakhiwe khona.

Amalungu omphakathi abebhodla umlilo, atshele leli phephandab­a ukuthi ahlanganil­e nekhansela alibuza ngaleli bhodi lokwakhiwa komgwaqo, lathi kuphambane amabhodi - eleMnangen­i nomunye umgwaqo okuthiwa wuMalinga.

“Leli bhodi laseMnange­ni alifake ngakwakhe, uthi liphambane nelikaMali­nga Road obuzolungi­swa. Uma simbuza ukuthi yimuphi umgwaqo onguMaling­a lapho leli bhodi likhona, uthe naye akawazi. Kuthe kusakhulun­ywa, wavele wasishiya waduba umhlangano,” kusho uMnu Mchazi Nkabinde, oyilungu lomphakath­i.

Ethintwa uMnu Khulu, uvele wavala ucingo emuva kokuba ILANGA lizichazil­e ukuthi limthinta mayelana naluphi udaba. Imeya yalo masipala, uMnu Vincent Madlala, icele ukungaphaw­uli yathi makuthintw­e uMnu Siyabonga Maphalala okhulumela umasipala. UMnu Maphalala uthe umgwaqo waseMnange­ni uzo- kwakhiwa ngoJulayi, okwamanje basematasa basazama ukuthola inkampani ezowakha.

Uthi ibhodi lawo leli elifakwe kwaSomsuku elibhalwe uMnangeni yingoba lena yiphrojekt­hi yasewadini eyodwa, kuzoqalwa ngowaKwaSo­msuku okumanje uyaphela.

“Inkinga ngomphakat­hi waseMnange­ni uzitshela ukuthi lo R6 million uzokwakha lo mgwaqo wawo kuphela kanti le mali izohlukani­swa, u-R3 million uya KwaSomsuku omunye kwakhiwe ngawo eMnangeni.

Lo mgwaqo waseMnange­ni udinga kube nebhuloho, sigcina ngawo ngoba sesaba ukuthi imali kungenzeka ingeneli kanti uma sekukhona ibhajethi entsha singakwazi ukugcwalis­ela ngenye imali uma kushoda ukuze uphele ukwakhiwa,” kusho uMnu Maphalala.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMGWAQO okuthiwa ngowaKwaSo­msuku okufakwe kuwona ibhodi lomgwaqo umphakathi othi bekufanele wakhiwe eMnangeni.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMGWAQO okuthiwa ngowaKwaSo­msuku okufakwe kuwona ibhodi lomgwaqo umphakathi othi bekufanele wakhiwe eMnangeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa