Bakhala ngomqwaqo oseduze nekhansela
Lithe kuphambane amabhodi emigwaqo
UTHUKUTHELE uthelwa ngamanzi umphakathi waseMnangeni, eMnambithi, othi ugilwe yikhansela lawo le-ANC, kuMasipala i-Alfred Duma, elithathe umgwaqo ka-R6 million obekufanele wakhelwe wona layowufaka ngasemzini walo KwaSomsuku.
Lo mphakathi uthi umgwaqo owu-3,5 km obekufanele wakhiwe, ubuzohlanganisa isigodi saseMnangeni nesaseDalikosi. Uthi uMnu Sboniso Khulu, oyikhansela, uwubizele emhlanganweni eyokwethula ukwakhiwa kwalo mgwaqo. Ubuzokwakhiwa kwisabelomali sika2017/2018.
Kuthe usulinde ukuba kufike osonkontileka bayoqala ukwakha lo mgwaqo, babona sekufakwe ibhodi KwaSomsuku elithi kwakhiwa uMnangeni Road. Indawo okufakwe kuyona leli bhodi, umphakathi uthi lingalapho kuhlala ngakhona uMnu Khulu, okuyibanga elide kakhulu nalapho umgwaqo uMnangeni ukhona.
ILANGA liye kule ndawo lafika ibhodi elibhalwe Mnangeni lifakwe KwaSomsuku, okuyibanga elilinganiselwa ku-20km ukusuka lapho lo mgwaqo okuthiwa bekufanele wakhiwe khona.
Amalungu omphakathi abebhodla umlilo, atshele leli phephandaba ukuthi ahlanganile nekhansela alibuza ngaleli bhodi lokwakhiwa komgwaqo, lathi kuphambane amabhodi - eleMnangeni nomunye umgwaqo okuthiwa wuMalinga.
“Leli bhodi laseMnangeni alifake ngakwakhe, uthi liphambane nelikaMalinga Road obuzolungiswa. Uma simbuza ukuthi yimuphi umgwaqo onguMalinga lapho leli bhodi likhona, uthe naye akawazi. Kuthe kusakhulunywa, wavele wasishiya waduba umhlangano,” kusho uMnu Mchazi Nkabinde, oyilungu lomphakathi.
Ethintwa uMnu Khulu, uvele wavala ucingo emuva kokuba ILANGA lizichazile ukuthi limthinta mayelana naluphi udaba. Imeya yalo masipala, uMnu Vincent Madlala, icele ukungaphawuli yathi makuthintwe uMnu Siyabonga Maphalala okhulumela umasipala. UMnu Maphalala uthe umgwaqo waseMnangeni uzo- kwakhiwa ngoJulayi, okwamanje basematasa basazama ukuthola inkampani ezowakha.
Uthi ibhodi lawo leli elifakwe kwaSomsuku elibhalwe uMnangeni yingoba lena yiphrojekthi yasewadini eyodwa, kuzoqalwa ngowaKwaSomsuku okumanje uyaphela.
“Inkinga ngomphakathi waseMnangeni uzitshela ukuthi lo R6 million uzokwakha lo mgwaqo wawo kuphela kanti le mali izohlukaniswa, u-R3 million uya KwaSomsuku omunye kwakhiwe ngawo eMnangeni.
Lo mgwaqo waseMnangeni udinga kube nebhuloho, sigcina ngawo ngoba sesaba ukuthi imali kungenzeka ingeneli kanti uma sekukhona ibhajethi entsha singakwazi ukugcwalisela ngenye imali uma kushoda ukuze uphele ukwakhiwa,” kusho uMnu Maphalala.