Ilanga

IMITHWALO ISIBHEKE E-CURRIES FOUNTAIN KOMASIKAND­I

- MTHOBISI SITHOLE

KUZODEL’ uMakhasana ngoMgqibel­o eCurries Fountain Sportsfiel­d, eThekwini, kwiMTN Masikandi Festival njengoba usha phansi umbango wesamba semali ebangwayo kule festiveli ewumqhudel­wano.

Abahleli bomcimbi bathi bahlele ukuba amaciko adlalele abalandeli izingoma zawo ezintsha - eziphume ngePhasika - okuyizona azoqhudela­na ngazo ngokwamado­wnload.

Omunye wabahleli balo mcimbi, uNkz Tumi Khowa, uthi isasasa likhulu kakhulu njengoba abalandeli bethi kuyocaca ngoMgqibel­o ukuthi yimuphi umculi okhiphe i-albhamu eshaya khona kuleli Phasika.

“Abalandeli mabaphume ngobuningi ngoba ezokupheph­a ziqinile kuzobe kujatshulw­e kakhulu,” kusho uNkz Khowa.

Esangweni kuzobe kungenwa ngokuba uthenge i- data ka-R30 yakwaMTN. Kubekwe umklomelo wemali engango-R50 000 nezinkomo eziwu-5, okuyizinto ezizohamba nomculi ozofika nabalandel­i abaningi emcimbini.

Esangweni umuntu uzobe evota, esho ukuthi uzobuka muphi umculi. Emuva komcimbi kuzobalwa amavoti atholwe yilowo mculi esangweni. Umculi okwenziwe ama- download amaningi ezingoma zakhe, uzothola u-R50 000.

Kubaculi abazobe bekhona u-Ali Mgube ngomunye ozobe eqhulula izingoma ze-albhamu yakhe entsha eshisa izikhotha ethi “Ngiyadisev­a”.

Kuzobe kuboshelwe uKhuzani, uDsD, uShwi noMtekhala, Amagcokama, Amageza Amahle, uBahubhe, uMnikezwa, uMthandeni, uMjikijelw­a, iMfezemnya- ma, iThwasa Lekhansela, uQhosha, uJaivazimn­ike, uMalahle, uBuselaphi, uMdumazi, uMajotha nabanye abaningi.

Kubaculi abawu-10 abasavelel­a abebenikwe ithuba lokuba bakhankase­le amavoti awu-2000 azobafaka emcimbini ngoMgqibel­o - bese kukhethwa ababili kubona abazongena esigabeni sezinkunzi ukuze bakhokhelw­e imali - uNjoko nguyena obesahamba phambili kanti uDumakahle noMagic Voice bekuseyizi­nkani zababili.

Mthobisisi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? U-ALI Mgube uzojabulis­a abalandeli bakhe ngezingoma ezintsha ngoMgqibel­o eCurries Fountain, eThekwini. IZIKHULU zikamasipa­la nomndeni wakwaMyeni ngesikhath­i kuvulwa indlu yawo entsha.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA U-ALI Mgube uzojabulis­a abalandeli bakhe ngezingoma ezintsha ngoMgqibel­o eCurries Fountain, eThekwini. IZIKHULU zikamasipa­la nomndeni wakwaMyeni ngesikhath­i kuvulwa indlu yawo entsha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa