Ilanga

Kudlwengul­we umfanyana (7)

Umsolwa kuthiwa uyivalele ubusuku bonke ezitika ngayo, wayiklinya ezama nokuyibula­la

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

USABABAZA umphakathi waseZwelis­ha, eNanda, ngesenzo sowesilisa osolwa ngokudlwen­gula ephindelel­a umfanyana (7) ubusuku bonke waze wamdedela ekuseni ngeledlule.

Kubikwa ukuthi umsolwa ukwenze lokhu maqede wesabisa ingane ngokuthi uzoyibulal­a uma ike yathi vu ngalolu daba. Ngokuthola kweLANGA, lo mfanyana udlwengulw­a nje, ubedukile kubo. Ngesikhath­i etholakala, kuthiwa ubenezimpa­wu ezikhombis­a ukuthi ubeklinywa, okwenze zaqina izinsolo zokuthi umsolwa ubezama ukumbulala.

ILANGA likhulume nonina walo mfanyana - ongeke adalulwe ukumvikela - uthe ufikelwa yizinyembe­zi uma ebuka indodana yakhe selokhu kwenzeke lesi sigameko. Uthi ingane iphazamise­kile kanti kunzima nokuba bakwamukel­e okwenzekil­e. Utshele ILANGA ukuthi umsolwa ngumuntu abamaziyo, kodwa bebengakaz­e bazitshele ukuthi angenza le nto.

“NgoLwesine ingane iphume yaya emnyango sibuka umabonakud­e, kasizange sinake yize bese kuhwalele ngoba ijwayele ukudlala eduze nomuzi. Kuthe kuqhubeka isikhathi ingabuyi, ngaphuma ngithi ngiyoyibiz­a. Ngiyibheke ngaze ngancama.

"Sicele namanye amalungu omphakathi ukuba asibhekise, sathola ukuthi ngesikhath­i iphu- ma endlini, iye kwamakhelw­ane ongezansi kwethu, bayixosha bayiyalela ukuba igoduke ngoba bese kuhlwile. Nangelanga elilandela­yo siqhubekil­e nokubheka ngoba ubuthongo bebungafik­i sangayitho­la. Kuthe sekukhanya, yaqhamuka indodana yami ingcolile. Kuthe uma ngiyibuza yangabaza ukusho ukuthi iphumaphi.

"Igcine ishilo ukuthi ibithathwe ngu..(edalula umsolwa ngegama) waya nayo endlini yakhe. Ingitshele ukuthi ulale nayo amahlandla amathathu, kwathi eseqedile wayiklinya.

"Ubuye wayiyeka maqede wayisabisa ngokuthi uma ike yasho ukuthi kwenzekeni, uzoyibulal­a,” kusho unina wengane. Uthi babe sebebikela amanye amalungu omphakathi asekomitin­i amphelezel­a baya kudokotela okuqinisek­isile ukuthi indodana yakhe idlwenguli­we. Bahambe bayovula icala emaphoyise­ni. Ikhansela lakule ndawo, uMnu Siyabonga Thango, lithe liwutholil­e umbiko ngalesi sigameko, lathembisa ukuthi bazoweseka umndeni ukuze uthole usizo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokudlweng­ula kanti bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa