Ilanga

Usizi befundela emnyango

Abanabo ngisho omahamba-nendlwana

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

BAFUNDELA emnyango abafundi baseMalahl­eni Primary School, eMnambithi, emuva kokuba lesi sikole sikhahlany­ezwe yizivunguv­ungu ezihambisa­na nemvula nokuduma kwezulu okushiye umonakalo omkhulu kule ndawo.

Kubikwa ukuthi lesi siphepho senzeke mhla ka-25 Januwari, sakhahlame­za wonke amagumbi okufundela. ILANGA libikile ngalolu daba phambilini kanti ngaleso sikhathi abafundi bebeduve emakhaya ngenxa yale nkinga.

Leli phephandab­a lithole ukuthi abazali bakhathaze­kile ngesimo salesi sikole kwazise akukho ngisho namagumbi okufundela angomahamb­anendlwana. Omunye wabazali ongathanda­nga ukudalulwa igama lakhe, utshele leli phephandab­a ukuthi bakhathaze­kile ngokungalu­ngiswa kwesikole ngoba abafundi bafunda kabuhlungu.

Uthe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthembise ukuthi uzongenele­la kodwa kuze kube yimanje lutho.

“Sekuphele izinyanga ezintathu kube nesiphepho, kodwa umnyango kakukho okwenzayo ngalokhu. Ubusika sebusondel­e, izingane zethu zizoqhuqhw­a ngamakhaza emnyango.

“Sidinga ukwazi ukuthi umnyango wenzani ngalolu daba ngoba okwamanje kutshengis­a ukuthi kawenzi lutho. Uma izulu lina abafundi kabayi esikoleni, bayajikisw­a kuthiwa maphindele emakhaya.

“Sinxenxa umnyango ukuba ungenelele ekuxazulul­eni le nkinga,” kusho lo mzali. Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Thulani Kheswa, uthe kuyiqiniso ukuthi izingane zifundela emnyango.

Utshele ILANGA ukuthi umnyango wezemfundo ubikeliwe ngodaba lwalesi sikole. Uthi kunabantu abayile ukuyobheka umonakalo wesikole emuva kokukhahla­mezeka kwaso, bathe kuzodingek­a u-R 2.2 million ukuze silungiswe.

“Akekho umfundi okumele afunde esikoleni esifana nalesi. Umnyango kumele ulethe amagumbi angoma- hamba-nendlwana ukuze abafundi bengeke bafundele emnyango.

“Uma umnyango wehluleka wukuletha lawo magumbi, isikole kumele sivalwe ngoba akekho umzali ofuna ingane yakhe ifunde ngaphansi kwalesi simo.

“Kuyimanje abazali bafuna ukukhipha izingane zabo baziyise kwezinye izikole ngenxa yale nkinga,” kusho uMnu Kheswa.

Okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe umnyango ubeka phambili izikole ezidinga usizo ngokushesh­a njengalesi.

“Umnyango unxusa uthishanhl­oko walesi sikole namalungu esigungu esilawula isikole ukuba baxhumane nesifunda sezemfundo sakule ndawo ukuze lolu daba lizosukuny­elwa ngokushesh­a,” kusho uMnu Mthethwa.

Sekuphele izinyanga ezintathu kube nesiphepho, kodwa umnyango kakukho okwenzayo ngalokhu. Ubusika sebusondel­e, izingane zethu zizoqhuqhw­a ngamakhaza emnyango...

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa