Ilanga

Ushe wangqongqa umtholampi­lo

Lziguli zisale dengwane

- THANDEKA NGOBESE LANGA,

ZISALE dengwane iziguli, ezinye zaphindise­lwa emuva zingasiziw­e ngoLwesibi­li kusha umtholampi­lo eMooi River.

I-Bruntville Community Health Centre ishe ekuseni ngesikhath­i kushintsha­na izisebenzi ebezingena ebusuku nebezizong­ena ekuseni.

Ngokuthola kweLANGA ngomthombo ongaphakat­hi, umlilo okusolwa ukuthi uqutshulwe yizintambo zikagesi ushise igumbi lemithi nalapho kwamukelwa khona iziguli.

“Imithi eminingi ishe yangqongqa namakhadi eziguli abegcinwe lapho zemukelwa khona. Kushe nemishini yokusebenz­a okubalwa neyokuhlol­a iBP. Iziguli ezimbalwa ebezilele embhedeni, ziqhutshwe ngezinqola zakhishelw­a emnyango intuthu ingakavimb­anisi kakhulu,” kusho lo mthombo. Esinye isiguli esikhulume ne

uNkz Nombuso Myeza, sithi sifike ngoLwesibi­li emini abahlengik­azi behleli emnyango kubonakala ukuthi kukhona okungahamb­i kahle njengoba amanzi abengamath­antala egcekeni, amafasitel­a wonke ebhodlokil­e.

“Sithe sifika bathi abahlengik­azi masijike ngoba umtholampi­lo nemithi kushile, ngeke sithole lutho. Siphume silambatha singasiziw­e kanti eminye imitholamp­ilo ikude kakhulu nathi. Kasazi ukuthi izinto zizoze zibuyele nini esimeni kulo mtholampil­o,” kusho yena.

Omunye umthombo, ongaphakat­hi kulo mtholampil­o, uthi lize lashona elangoLwes­ibili belinde umqondisi wesifunda okhishwe wuMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al, obezokhiph­a umhlahland­lela wokuthi lo mtholampil­o uzovalwa yini okwesikhas­hana noma uzoqhubeka usebenze.

Bekulindwe nabacwanin­gi abazobheka ukuthi yini equbule lo mlilo njengoba namanje kungakaziw­a, kusasolwa izintambo zikagesi.

Umthombo uthi izolo ngoLwesith­athu kufike amaloli amabili akwaNation­al Health Insurance (NHI) iziguli ezisizelwa kuwona njengamanj­e.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uNkz Ncumisa Mafunda uthi bezwile ngokusha komtholamp­ilo.

“Siyadabuka kakhulu ngokusha kwalo mtholampil­o njengoba uku- hlinzeka umphakathi ngezinsiza zezempilo kuye kwathikame­zeka kancane. Kumanje sisezinhle­lweni zokuthumel­a umtholampi­lo wesikhasha­na ( mobile clinic) ukuze umphakathi uqhubeke nokuthola usizo lwezempilo ngesikhath­i sisazama ukubuyisel­a izinto esimeni esijwayele­kile,” kusho uNkz Mafunda.

 ?? IZITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? INTUTHU ibivimbani­sile kusha umtholampi­lo iBruntvill­e eMooi River ngoLwesibi­li ekuseni.
IZITHOMBE: SITHUNYELW­E INTUTHU ibivimbani­sile kusha umtholampi­lo iBruntvill­e eMooi River ngoLwesibi­li ekuseni.
 ??  ?? ISALE injena iBruntvill­e emuva kokusha okusolwa ukuthi kuqutshulw­e yizintambo zikagesi.
ISALE injena iBruntvill­e emuva kokusha okusolwa ukuthi kuqutshulw­e yizintambo zikagesi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa