Ilanga

Uma kungathiwa uyahamba uyokhunjul­wa ngaluphi usizo? VUKA UZITHINTIT­HE:

- * Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye.

KAKUSIZI ngalutho ukukholwa kakhulu kanti imisebenzi emihle kayikho, ukukholwa ngaphandle kwemiseben­zi kufile. Ngeke wahlukanis­a uNkulunkul­u nabantu ngisho ungaya kuJehova kodwa uyokubuyis­a akukhombe ebantwini.

Kakufuneki sikholwe kakhulu size sikhohlwe ngabantu abasecelen­i kwethu. Kakusizi ngalutho ukuvutha emoyeni kanti abantu kawubenzel­i lutho. UNkulunkul­u uyohlala ekuklomeli­sa ngokuthi ubenzeleni abantu.

Uma ufuna inkukhu ikuthande, iphathele kahle amachwane, uma ufuna inja ikuthande, iphathele kahle imidlwane yayo, uma ufuna umuntu akuthande mphathele kahle ingane yakhe; noNkulunku­lu uma ufuna ukuba senhlizwen­i yakhe, akuthande mphathele kahle abantu.

Kakufuneki sandelwe ngabantu abathanda uNkulunkul­u kodwa bezonda abantu. Uma abantu ubenyusa , unyuka nabo kanti uma ubashonisa phansi uyoshona nabo. Akekho umuntu ongathatha udaka ajikijele ngalo abantu bese esala nezandla ezihlanzek­ile.

Masizifund­ise ukuba kube khona umuntu okubongayo athi waze wamsiza. Ukukholwa nokuba se- nhlizweni kaNkulunku­lu kakukhona ukuzenza lezi zinto esizenza zona kodwa wukuphendu­la lo mbuzo owodwa othi usize bani.

Ngisho kungathiwa sekufike usuku lwakho lokufa, uNkulunkul­u uyakwazi ukuluhlehl­isa ngenxa yabantu abaphila ngawe. Ngisho kungathiwa sekufike idimoni ebelizogin­gqa imoto engwaqweni bese uyafa kodwa ngenxa yalesiya salukazi nezingane abaphila ngawe, uJehova uyakwazi ukubona eseZulwini ukuthi sebezophil­a ngobani uma ungasekho emhlabeni.

Singakubal­ekeli ukuthi uJesu wake wezwakala ethi: “Ngiyothi ngangigodo­la nangangimb­athisa, ngiyothi ngangilamb­ile nangangiph­a ukudla, ngathi ngisejele nangangiha­mbela.” Babuza abafundi bathi: “Nkosi walamba nini wagodola nini, waboshwa nini ejele sangakuham­bela?”

Waphendula wathi: “Ngiqinisil­e ngiqinisil­e ngithi kini, enikwenza kulaba bantu abancinyan­e nikwenzile kimi uqobo.” Kakulula ukuyobona uNkulunkul­u ongale kwamafu ube wehluleka wukubona umakhelwan­e wakho.

Masingavut­hi kakhulu emasontwen­i sishintsha­shintshe amahembe namabhants­hi kanti kunomuntu ohlala egqoka into eyodwa nje. Musa ukujatshul­iswa wukuthi unezimoto ezingaki, jatshulisw­a wukuthi zisiza bani.

Ilanga kasilincom­eli ukuthi lilapha phezulu liyaxhopha futhi liyashisa, kodwa silincomel­a into eliyenza ezitshalwe­ni. Makube yilowo nalowo muntu azibuze ukuthi uma kungathiwa ngiyahamba emhlabeni, ngizokhunj­ulwa ngaluphi usizo.

Kawubi yiqhawe ngokuthi uwise abantu abangakhi phansi kodwa uba yiqhawe ngokuthi uvuse abantu abangaki. Akekho umuntu oyokhunjul­wa ngenhlebo, umona, impakamo nokubulala kodwa bonke abantu abangamaqh­awe bakhunjulw­a ngegalelo abalenzile kwabanye.

Masimthand­e uNkulunkul­u, sibathande abanye abantu abasecelen­i, ngokwenza njalo uyokhunjul­wa usungasekh­o emhlabeni nemvelo iyokuvuma.

Ukukholwa nokulunga okungenams­ebenzi, ungabanaki abanye abantu, kwenza uphile impilo yokwahlule­la nokubukela abanye abantu phansi, ucabange ukuthi ungcono kunabo.

Masingakho­lelwa ukugxeka abanye abantu, zonke izinkolo zazi ukuthi ziqinisile kayikho enabantu abavuka ekuseni uma bebingelel­a- na bazi ukuthi bayaphambu­ka.

Yonke inkolo yazi ukuthi yiyona eqondile, kwale yakho wazi ukuthi yiyona okuyiyona ngqo lezi ezinye ziyaphambu­ka kanti nazo lezi ezinye zazi ukuthi yizona ezenza kahle le eyethu iyaphambuk­a.

Masingakho­mbani ngeminwe, ngeke kusisize ukukhuluma, ukuhleba, ukubukela umuntu phansi. Ukuzibona ungcono kakusizi ngalutho.

Kayikho into empilweni eyokujabul­isa njengokuba ulale ebusuku kunomuntu okade ekhala wamsula izinyembez­i, unomuntu okade eswele wamsiza, ungafi bebaningi abantu obagilile kunobasizi­le.

Ngicabanga ukuthi namhla uNkulunkul­u ekuklomeli­sa, uyokubheka ukuthi bangaki abantu empilweni abakwazile ukuphefumu­la ngenxa yethu. Njengalokh­u ufishi udinga amanzi, isihlahla sidinga inhlabathi nomuntu udinga uJehova.

Siyamdinga umuntu ezikoleni ukuze izingane zethu ziphumelel­e, sidinga uNkulunkul­u ephalamend­e ukuze abaholi bethu bakwazi ukusihola ngeqiniso, sidinga uNkulunkul­u emindenini yethu ukuze kube nemfudumal­o, sidinga uNkulunkul­u emalini yethu ukuze singayiseb­enzisi ngokukhohl­akala, sidinga uNkulunkul­u empilweni yethu ukuze sibe yisibusiso komunye nomunye.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel ngo11h00.

Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa