Uma kungathiwa uyahamba uyokhunjulwa ngaluphi usizo? VUKA UZITHINTITHE:
KAKUSIZI ngalutho ukukholwa kakhulu kanti imisebenzi emihle kayikho, ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile. Ngeke wahlukanisa uNkulunkulu nabantu ngisho ungaya kuJehova kodwa uyokubuyisa akukhombe ebantwini.
Kakufuneki sikholwe kakhulu size sikhohlwe ngabantu abaseceleni kwethu. Kakusizi ngalutho ukuvutha emoyeni kanti abantu kawubenzeli lutho. UNkulunkulu uyohlala ekuklomelisa ngokuthi ubenzeleni abantu.
Uma ufuna inkukhu ikuthande, iphathele kahle amachwane, uma ufuna inja ikuthande, iphathele kahle imidlwane yayo, uma ufuna umuntu akuthande mphathele kahle ingane yakhe; noNkulunkulu uma ufuna ukuba senhlizweni yakhe, akuthande mphathele kahle abantu.
Kakufuneki sandelwe ngabantu abathanda uNkulunkulu kodwa bezonda abantu. Uma abantu ubenyusa , unyuka nabo kanti uma ubashonisa phansi uyoshona nabo. Akekho umuntu ongathatha udaka ajikijele ngalo abantu bese esala nezandla ezihlanzekile.
Masizifundise ukuba kube khona umuntu okubongayo athi waze wamsiza. Ukukholwa nokuba se- nhlizweni kaNkulunkulu kakukhona ukuzenza lezi zinto esizenza zona kodwa wukuphendula lo mbuzo owodwa othi usize bani.
Ngisho kungathiwa sekufike usuku lwakho lokufa, uNkulunkulu uyakwazi ukuluhlehlisa ngenxa yabantu abaphila ngawe. Ngisho kungathiwa sekufike idimoni ebelizogingqa imoto engwaqweni bese uyafa kodwa ngenxa yalesiya salukazi nezingane abaphila ngawe, uJehova uyakwazi ukubona eseZulwini ukuthi sebezophila ngobani uma ungasekho emhlabeni.
Singakubalekeli ukuthi uJesu wake wezwakala ethi: “Ngiyothi ngangigodola nangangimbathisa, ngiyothi ngangilambile nangangipha ukudla, ngathi ngisejele nangangihambela.” Babuza abafundi bathi: “Nkosi walamba nini wagodola nini, waboshwa nini ejele sangakuhambela?”
Waphendula wathi: “Ngiqinisile ngiqinisile ngithi kini, enikwenza kulaba bantu abancinyane nikwenzile kimi uqobo.” Kakulula ukuyobona uNkulunkulu ongale kwamafu ube wehluleka wukubona umakhelwane wakho.
Masingavuthi kakhulu emasontweni sishintshashintshe amahembe namabhantshi kanti kunomuntu ohlala egqoka into eyodwa nje. Musa ukujatshuliswa wukuthi unezimoto ezingaki, jatshuliswa wukuthi zisiza bani.
Ilanga kasilincomeli ukuthi lilapha phezulu liyaxhopha futhi liyashisa, kodwa silincomela into eliyenza ezitshalweni. Makube yilowo nalowo muntu azibuze ukuthi uma kungathiwa ngiyahamba emhlabeni, ngizokhunjulwa ngaluphi usizo.
Kawubi yiqhawe ngokuthi uwise abantu abangakhi phansi kodwa uba yiqhawe ngokuthi uvuse abantu abangaki. Akekho umuntu oyokhunjulwa ngenhlebo, umona, impakamo nokubulala kodwa bonke abantu abangamaqhawe bakhunjulwa ngegalelo abalenzile kwabanye.
Masimthande uNkulunkulu, sibathande abanye abantu abaseceleni, ngokwenza njalo uyokhunjulwa usungasekho emhlabeni nemvelo iyokuvuma.
Ukukholwa nokulunga okungenamsebenzi, ungabanaki abanye abantu, kwenza uphile impilo yokwahlulela nokubukela abanye abantu phansi, ucabange ukuthi ungcono kunabo.
Masingakholelwa ukugxeka abanye abantu, zonke izinkolo zazi ukuthi ziqinisile kayikho enabantu abavuka ekuseni uma bebingelela- na bazi ukuthi bayaphambuka.
Yonke inkolo yazi ukuthi yiyona eqondile, kwale yakho wazi ukuthi yiyona okuyiyona ngqo lezi ezinye ziyaphambuka kanti nazo lezi ezinye zazi ukuthi yizona ezenza kahle le eyethu iyaphambuka.
Masingakhombani ngeminwe, ngeke kusisize ukukhuluma, ukuhleba, ukubukela umuntu phansi. Ukuzibona ungcono kakusizi ngalutho.
Kayikho into empilweni eyokujabulisa njengokuba ulale ebusuku kunomuntu okade ekhala wamsula izinyembezi, unomuntu okade eswele wamsiza, ungafi bebaningi abantu obagilile kunobasizile.
Ngicabanga ukuthi namhla uNkulunkulu ekuklomelisa, uyokubheka ukuthi bangaki abantu empilweni abakwazile ukuphefumula ngenxa yethu. Njengalokhu ufishi udinga amanzi, isihlahla sidinga inhlabathi nomuntu udinga uJehova.
Siyamdinga umuntu ezikoleni ukuze izingane zethu ziphumelele, sidinga uNkulunkulu ephalamende ukuze abaholi bethu bakwazi ukusihola ngeqiniso, sidinga uNkulunkulu emindenini yethu ukuze kube nemfudumalo, sidinga uNkulunkulu emalini yethu ukuze singayisebenzisi ngokukhohlakala, sidinga uNkulunkulu empilweni yethu ukuze sibe yisibusiso komunye nomunye.
* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillion Hotel ngo11h00.
Ungaxhumana naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034
*UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.