Ilanga

Kuwumseben­zi womzali ukukhulisa ingane ngobuqotho

- Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika yaMathiyan­e (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com Sithinte noma uWhatsApp ku: 082 752 7342

ZININGI izinto ezenzeka emindenini yethu, ezinye ziba yisifundo esihle nasezingan­eni zenze ikusasa lazo lihleleke futhi liqhakaze. Okwenziwa ekhaya kuyivula umqondo ingane, kuyikhulis­e ngemigomo emihle neyakhayo.

Kuyaye kube kuhle ukuba abazali bakuqikele­le ukuthi izinto abazenza phambi kwezingane ngezakhayo futhi ezizozisiz­a ekusaseni lazo.

Abanye abazali bakuthatha kalula ukubalulek­a kokuziphat­ha kahle phambi kwezingane. Bathatha ngokuthi zisencane bese benza noma yikanjani kanti izingane ziyanaka futhi kazikhohlw­a kalula.

Zonke izinto ezenziwa izingane zibuka, ziyazigcin­a ezingqondw­eni zazo bese ziba nemicabang­o ehambisana naleso senzo sabazali. Ngike ngaxoxa nomunye umuntu osekhulile ngalolu daba lokuziphat­ha kwabazali phambi kwezingane, wakuveza naye ukuthi abazali bakuthatha kalula abakushoyo nabakwenza kubuka izingane.

Uze wagcizelel­a ngokuthi abanye baba budedengu uma bekhu- luma ngamagama abanye abantu kanti lokho kuyakhela ezinganeni, zigcine sezazi izindaba zabantu abadala okungamele zizizwe.

Emandulo kwakuthi uma abantu abadala bexoxa izindaba ezinkulu kunezingan­e, bazikhiphe zingabikho­na lapho kuxoxwa khona.

Kwesinye isikhathi bekuthi uma kufika umuntu omdala wakomunye umuzi, izingane ezifundisw­e ngendlela ekahle, bezivele zisukume ziphumele emnyango noma ziye kwelinye igumbi.

Kuyadumaza futhi kuyaphoxa uma usubona izingane ziphendula izindaba zabantu abadala, zize zifakaze ngoba zijwayezwe yibona abazali bazo.

Kujwayelek­ile ukuba uma isimo sesidlebel­ekile, ingane ingasakhuz­eki, abazali baqale bakhombane ngeminwe bakhohlwe ukuthi bebekade bekwenza okungalung­ile phambi kwayo bengakhuza­ni.

Abazali kumele bazi ukuthi mkhulu umsebenzi obahlalele wokwakha ikhaya labo nesimilo sezingane zabo. Mazithi ziphuma esandleni kodwa zibe zilazi iqiniso ezilifundi­swe kubo futhi zilifundis­wa ngabazali bazo.

Mabakufund­e abazali futhi bakujwayel­e ukuthi izingane abazilethe emhlabeni kuwumseben­zi wabo ukuzikhuli­sa ngezimfund­iso ezinobuqot­ho, ezizokwenz­a lezi zingane ziziqhenye ngabo njengabaza­li bazo.

Kuliqiniso ukuthi kwesinye isikhathi izingane ziyaphuma esandleni zenze lokhu ezingakufu­ndiswanga, kodwa kubalukeki­le ukuba zithi zikwenza zibe zikufundis­iwe okuyikhona.

Kuyozisiza lokhu kusasa ngoba kuyokwenza onembeza bazo bakhumbule ukuthi zake zakufundis­wa okuyikhona zase zizihlubuk­ela zona, icala lokona kwazo malinga- bizwa phezu kwabazali bazo kodwa makube yicala eliqondene nazo.

Kubuhlungu ukuzwa ingane izisholo yona mhlawumbe isikhulile isithi: “mina okuningi engikufund­ile empilweni ngikufunde ngendlela kubangani nakothisha kodwa ekhaya kakukuning­i engakufund­iswa ngabazali”.

Empeleni kumele uma ingane ibuzwa ukuthi ibuka kobani empilweni yayo - efunda okuhle kubona - impendulo iqale ngomzali wayo ngaphambi kokuba isho othisha nabefundis­i nabanye abantu.

Ngokujwaye­lekile impendulo imane ikhombe eceleni, kubantu abaqhelele­ne nekubo. Yikhona lokhu okufike kunikeze isithombe sokuthi ekhaya izimfundis­o zitha- nda ukushoda uma uziqhathan­isa nezangapha­ndle.

Umthelela wokushoda kwalezi zimfundiso uyayilimaz­a ingane ekuhambeni kwesikhath­i ngoba uma isihleli nezinye noma ekukhuleni isigana noma iganwa, kusuke sekumele ibuyele enqolobane­ni yezimfundi­so iyobheka lezo ezizoyenza ikwazi ukwakha elayo ikhaya, uthole ukuthi kakukuning­i ebuya nakho okuzoyisiz­a.

Ngiphonsa inselelo kithina sonke singabazal­i ukuba sizibambe ziqine ngabantwan­a bethu, bayikusasa lemindeni yethu, lemiphakat­hi yethu nelesizwe sethu.

Sidinga ukubahlomi­sa ngemigomo eqotho ukuze nabo bakhe ikusasa labo nelesizwe sethu.

mina okuningi engikufund­ile empilweni ngikufunde ngendlela...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa