Kuwumsebenzi womzali ukukhulisa ingane ngobuqotho
ZININGI izinto ezenzeka emindenini yethu, ezinye ziba yisifundo esihle nasezinganeni zenze ikusasa lazo lihleleke futhi liqhakaze. Okwenziwa ekhaya kuyivula umqondo ingane, kuyikhulise ngemigomo emihle neyakhayo.
Kuyaye kube kuhle ukuba abazali bakuqikelele ukuthi izinto abazenza phambi kwezingane ngezakhayo futhi ezizozisiza ekusaseni lazo.
Abanye abazali bakuthatha kalula ukubaluleka kokuziphatha kahle phambi kwezingane. Bathatha ngokuthi zisencane bese benza noma yikanjani kanti izingane ziyanaka futhi kazikhohlwa kalula.
Zonke izinto ezenziwa izingane zibuka, ziyazigcina ezingqondweni zazo bese ziba nemicabango ehambisana naleso senzo sabazali. Ngike ngaxoxa nomunye umuntu osekhulile ngalolu daba lokuziphatha kwabazali phambi kwezingane, wakuveza naye ukuthi abazali bakuthatha kalula abakushoyo nabakwenza kubuka izingane.
Uze wagcizelela ngokuthi abanye baba budedengu uma bekhu- luma ngamagama abanye abantu kanti lokho kuyakhela ezinganeni, zigcine sezazi izindaba zabantu abadala okungamele zizizwe.
Emandulo kwakuthi uma abantu abadala bexoxa izindaba ezinkulu kunezingane, bazikhiphe zingabikhona lapho kuxoxwa khona.
Kwesinye isikhathi bekuthi uma kufika umuntu omdala wakomunye umuzi, izingane ezifundiswe ngendlela ekahle, bezivele zisukume ziphumele emnyango noma ziye kwelinye igumbi.
Kuyadumaza futhi kuyaphoxa uma usubona izingane ziphendula izindaba zabantu abadala, zize zifakaze ngoba zijwayezwe yibona abazali bazo.
Kujwayelekile ukuba uma isimo sesidlebelekile, ingane ingasakhuzeki, abazali baqale bakhombane ngeminwe bakhohlwe ukuthi bebekade bekwenza okungalungile phambi kwayo bengakhuzani.
Abazali kumele bazi ukuthi mkhulu umsebenzi obahlalele wokwakha ikhaya labo nesimilo sezingane zabo. Mazithi ziphuma esandleni kodwa zibe zilazi iqiniso ezilifundiswe kubo futhi zilifundiswa ngabazali bazo.
Mabakufunde abazali futhi bakujwayele ukuthi izingane abazilethe emhlabeni kuwumsebenzi wabo ukuzikhulisa ngezimfundiso ezinobuqotho, ezizokwenza lezi zingane ziziqhenye ngabo njengabazali bazo.
Kuliqiniso ukuthi kwesinye isikhathi izingane ziyaphuma esandleni zenze lokhu ezingakufundiswanga, kodwa kubalukekile ukuba zithi zikwenza zibe zikufundisiwe okuyikhona.
Kuyozisiza lokhu kusasa ngoba kuyokwenza onembeza bazo bakhumbule ukuthi zake zakufundiswa okuyikhona zase zizihlubukela zona, icala lokona kwazo malinga- bizwa phezu kwabazali bazo kodwa makube yicala eliqondene nazo.
Kubuhlungu ukuzwa ingane izisholo yona mhlawumbe isikhulile isithi: “mina okuningi engikufundile empilweni ngikufunde ngendlela kubangani nakothisha kodwa ekhaya kakukuningi engakufundiswa ngabazali”.
Empeleni kumele uma ingane ibuzwa ukuthi ibuka kobani empilweni yayo - efunda okuhle kubona - impendulo iqale ngomzali wayo ngaphambi kokuba isho othisha nabefundisi nabanye abantu.
Ngokujwayelekile impendulo imane ikhombe eceleni, kubantu abaqhelelene nekubo. Yikhona lokhu okufike kunikeze isithombe sokuthi ekhaya izimfundiso zitha- nda ukushoda uma uziqhathanisa nezangaphandle.
Umthelela wokushoda kwalezi zimfundiso uyayilimaza ingane ekuhambeni kwesikhathi ngoba uma isihleli nezinye noma ekukhuleni isigana noma iganwa, kusuke sekumele ibuyele enqolobaneni yezimfundiso iyobheka lezo ezizoyenza ikwazi ukwakha elayo ikhaya, uthole ukuthi kakukuningi ebuya nakho okuzoyisiza.
Ngiphonsa inselelo kithina sonke singabazali ukuba sizibambe ziqine ngabantwana bethu, bayikusasa lemindeni yethu, lemiphakathi yethu nelesizwe sethu.
Sidinga ukubahlomisa ngemigomo eqotho ukuze nabo bakhe ikusasa labo nelesizwe sethu.
mina okuningi engikufundile empilweni ngikufunde ngendlela...