Ilanga

Makubekwe phambili izidingo zomphakath­i

-

KUCACELA ngisho ingane ukuthi uhulumeni oholwa nguNdunank­ulu waseNorth-West, uMnu Supra Mahumapelo, wehlulekil­e ukuphatha ngendlela lesiya sifundazwe, osekwenze ingxenye yabantu bakhona yabhikishe­la ukuba akhishwe esikhundle­ni.

Siloba lapha nje, izibhedlel­a eziningi eNorth-West zivaliwe ngenxa yokweswele­ka kwemithi yeziguli, kanti kwezinye izikole kukhala ibhungezi, izingane kazifundi.

UMnu Mahumapelo, obengakufi­hli ukuthi weseka uMnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika, futhi wabuye wakhankase­la uNkk Nkosazana Dlamini-Zuma ukuba akhethelwe kwesokuba ngumengame­li we-ANC emhlanganw­eni waleli qembu ngoZibandl­ela (December) nyakenye, unukwa ngokwengam­ela uhulumeni ogutshuzel­we yinkohlaka­lo eyesabekay­o ethinta umndeni wezimanga wakwaGupta.

Noma esolwa ngokwehlul­wa wumsebenzi nokuthinte­ka ezenzweni zenkohlaka­lo, futhi abanye eqenjini lakhe i-ANC, bathi kufanele akhonjwe indlela, yena uthi akenze lutho, futhi akayi ndawo. Sekwehlule ngisho ithimba lesigungu esiphezulu seANC - ebeliholwa ngumengame­li Cyril Ramaphosa - seliziyele mathupha kulesiya sifundazwe, lazibonela okwenzekay­o futhi laba nezingxoxo noMnu Mahumapelo, kodwa le ndoda ithi kayizimise­le ukubeka phansi izintambo.

Yebo, kungenzeka ukuthi uMnu Mahumapelo umsulwa ezenzweni zobui yena nohulumeni wakhe abasolwa ngazo. Noma ngabe kunjalo, iqiniso lithi isimo sibi, ngakho kufanele ngabe ucabangela abantu besifundaz­we sakhe khona isimo sizobuyela kwesejwaye­lekile. Umholi obakhathal­ele abantu ubeka bona phambili, abeke eceleni izidingo zakhe nomndeni wakhe. Okuxakayo ngokunqoha kukaMnu Mahumapelo ukushenxa esikhundle­ni, wukwehlule­ka kwe-ANC ukuthatha isinqumo ngekusasa lakhe ngokushesh­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu Ramaphosa ubuye isigubhuka­ne eLondon, ngaphambi kokuphela komhlangan­o wamazwe ayengamako­loni eBritain ngeledlule ngoba kuthiwa uzolungisa isimo eNorthWest. Izingqaphe­li nabantu nje bakulesiya sifundazwe, bebecabang­a ukuthi yena nethimba lakhe bazophoqa ukuba uMnu Mahumapelo ashiye, futhi lokho kuzokwenze­ka ngokushesh­a.

Kakwenzeka­nga lutho olutheni, kunalokho uMnu Ramaphosa umemezele ukuthi isigungu esilawula i-ANC, i-National Executive Committee, sizodingid­a udaba bese sithatha isinqumo ngekusasa likaMnu Mahumapelo.

Lesi sigungu sizohlanga­na ngenyanga ezayo, okuchaza ukuthi okuningi kumile ukusebenza kulesiya sifundazwe ngoba kulindwe i-ANC ukuba ithathe isinqumo ngondunank­ulu waso.

Le ndlela yokwenza izinto kayiphusil­e. Yini kanti umsebenzi kaMengamel­i we-ANC uma engakwazi ukuthatha izinqumo uma kunezimo eziphuthum­ayo, ezidinga ukulungisw­a ngokushesh­a?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa