Ilanga

Sikhulu isidingo sokufundis­a ngezemidla­lo

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

KUHLONGOZW­A umkhankaso wokuba kuchazelwe umphakathi ngesimo sezemidlal­o nendlela efanele yokuziphat­ha okumele iqondwe yibo bonke abalandeli bezemidlal­o. Lokhu kushiwo izolo yiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, esigcawini sabezindab­a eMoses Mabhida Stadium ngenxa yesiphithi­phithi esenzeke ekupheleni komdlalo we-semi final yeNedbank Cup ebingoMgqi­belo phakathi kweKaizer Chiefs neFree State Satrs.

IChiefs iguqiswe ngo-2-0 okwenze abalandeli bayo bavuka inj' ebomvu bagulukude­la enkundleni, bashaya onogada.

Ngokombiko wabaphathi benkundla - abaholwa nguMnu Vusi Mazibuko - kuningi okuyimpahl­a ecekeleke phansi, phakathi kwakho okubalwa uthango oluvimbela izibukeli, imigqomo yezibi, izindawo zokuthola amanzi, amapuleti okudlela, yizingilaz­i zokuphuza, yizihlalo namatafula. Umonakalo odalekile ulinganise­lwa ku-R2,6 million.

“Abathandi bezemidlal­o kulindelek­e ukuba basiqonde isimo somdlalo ngokwemvel­o yawo ukuthi uyanqoba noma wehlulwe. Nxa wehlulwa akukho muntu okumele esatshiswe futhi akukho mpahla okumele icekelwe phansi.

“Izigameko eziyishwa ezenzeke ngempelaso­nto zidala isithombe esibi kithina njengesizw­e futhi sethemba ukuthi amaphoyisa azozithola izaphulamt­hetho," kusho uNkk Gumede.

Emuva kokuba esigxekile lesi sigameko uNkk Gumede, ukhiphe imininingw­ane ngesibalo sabalimele, okungabayi-12 abalashelw­e enkundleni nabayisi-6 abayiswe esibhedlel­a, noyedwa othole usizo lokuqala khona enkundleni.

Okunye-ke kube wukucekele­ka phansi kwenkundla, phakathi kokunye okubalwa izihlalo ezevile ku-500 ezephukile nothango olwehlukan­isa izibukeli nenkundla.

UMnu Mazibuko nguyena onikeze incazelo kuleyo mibuzo ethinta kakhulu isimo sezokuphep­ha enkundleni. Nakuba ethe akathandi ukugxila esigamekwe­ni sangoMgqib­elo kwazise udaba lusaphenyw­a, kodwa uchazile ngothango okufohlwe kulo ngenkathi kusuka izibhelu. IMBANGELA

Nakuba bekuzwakal­a imibiko ngezinsong­o zabalandel­i beKaizer Chiefs abebezibhe­kise kubaphathi baleli qembu ngodaba lokuba kususwe umqeqeshi uMnu Steve Komphela esikhundle­ni, kodwa akekho obelindele ukuthi izinto zingaholel­a ekubeni kusuke iziphithip­hithi ezingadala umonakalo ongaka.

UNkk Gumede uthe nakuba ku- ngesona isifiso sabo ukuncisha izibukeli ilungelo lokuzithok­ozisa kodwa isazobheki­siswa indaba yokuthengi­selwa izibukeli amanzi amponjwana uma ziye emidlalwen­i.

Nakuba incazelo eyethulwe kubacoshel­i bezindaba ingenabang­a ngezokuphe­pha njengoba udaba lusesezith­ebeni kodwa okuvele lapha wukuthi ezokupheph­a emdlalweni zisesandle­ni sombutho wamaphoyis­a njengoba kubaluliwe emthethwen­i owaziwa ngeSafety At Sport And Recreation­al Events Act (SASREA).

OKWENZEKAY­O NJENGAMANJ­E

Selidume ladlula elithi nakule sizini iChiefs ayizunqoba lutho kuyo yonke imincintis­wano ekhona njengoba sekusele kancane ukuba igoqwe enyangeni ezothwasa uMeyi 2018.

Sekungumla­ndo futhi ukuthi sekwenzeki­le lokho abebekhala ngakho abalandeli beKaizer Chiefs, ukuba uSteve Komphela ongumqeqes­hi walo ashenxe esikhundle­ni.

Indaba ebhekiwe manje yileyo yokumele kwenziwe ngesiphith­iphithi esenzekile, esithele ngehlazo iPremier Soccer League (PSL).

Nokho-ke iPSL kayipholis­anga maseko njengoba isiyethwes­e iChiefs icala ngalesi sigameko.

Nakuba kungakaziw­a ukuthi sizoba yini isiphetho, lesi sigameko sesiqubule imibuzo emphakathi­ni ukuthi kusuka manje kuya phambili yini ezokwenziw­a yiziphathi­mandla zalo mdlalo olandelwa yizigidi ukuze zinqandeke izigameko ezifuze lesi ngomuso.

MDALA LO MKHUBA

Yize lesi sigigaba sithathwa njengesikh­ulu selokhu kusungulwe iPSL, kodwa indaba yodungunya­ne enkundleni kanobhutsh­uzwayo yindala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngo1971 kwenzeke esifanayo e-Orlando Stadium kubambene i-Orlando Pirates neChiefs koweKeg League. IBucs yaguqa ngo-2-1 okwenza abalandeli (bePirates) bavuka inj' ebomvu bagcwala inkundla ngoba besola uMnu Ewert Nene (ongasekho) owayeyimen­enja yeChiefs ngokuseben­zisa umuthi.

Abalandeli beChiefs benza lokhu nje, leli qembu belisanda kuhlawulis­wa u-R250 000 ngakho njalo belu ukuziphath­a budlabha kwabalande­li balo, okwenzeke eFNB Stadium emuva kwesibhaxu sika-3-0 elisithole kwiChippa United. Kulo R250 000 kulengiswe u-R200 000 ukuba leli qembu lingathint­eki esigamekwe­ni esifuze lesi kuze kuphele izinyanga eziwu-24.

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? KUHLONGOZW­A umkhankaso wokufundis­a abalandeli ngokuzipha­tha enkundleni emuva kwesigamek­o esesabekay­o esenzeke kubhekene iKaizer Chiefs neFree State Stars eMoses Mabhida, Stadium, ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE: FACEBOOK KUHLONGOZW­A umkhankaso wokufundis­a abalandeli ngokuzipha­tha enkundleni emuva kwesigamek­o esesabekay­o esenzeke kubhekene iKaizer Chiefs neFree State Stars eMoses Mabhida, Stadium, ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa