Ilanga

Mina ngiyameshw­ama umengameli olawula ezocansi

- Editor@ilanganews.co.za

BENGITHI ngisazotha­tha i-shotleft ngiyobona umnyombo womfulakaz­i iNile le e-Uganda kodwa uma ngizwa ukuthi umengameli wakuleliya lizwe, uYoweri Museveni, umemezele ukuthi usezoshaya umthetho onqabela abantu ukuba bajabulisa­ne ngokocansi besebenzis­a imilomo nolimi, ngashintsh­a umqondo.

Lo mlisa ushaqe umhlaba wonkana uma ethi ukukitazan­a ngolimi nokukhotha­na ezithweni zomzimba ezibucayi uzokwenza kube yicala elibomvu, kanti labo abayothola­kala bekwenza lokhu uyobabhadl­isa ejele.

Uthe umlomo ngowokudla ukudla, kawakhelwa­nga ukukhotha nokumunca izitho zomzimba ezingezans­i nokhalo.

Phela waqala ngokwenza ubutabane bube yicala ezweni lakhe ngonyaka ka-2014, washo nokuthi abesilisa abayothola­kala bejabulisa­na bodwa ngokocansi, kanjalo nabesifaza­ne, bayogwetsh­wa iminyaka ewu-14 ejele. Kusho ukuthi kuzoba namaphoyis­a nje esinene, aqaphe abantu abahamba benga- wuvalanga uziphu futhi abheke nokuthi uma abantu beqabulana, bangehleli ngezansi kokhalo.

Ngitshele owakwami ukuthi cha sekuyomele sikhethe ukuyongceb­eleka kwelinye ilizwe ukuze phela singathi siyakitaza­na ehhotela kanti uMuseveni usibheke ngembobo kakhiye.

Athi uma eqeda asibophe, asivalele ejele. Yekanini amahloni sesishayel­a ucingo uNgqongqos­he weZangapha­ndle, uLindiwe Sisulu sichaza ukuthi siboshelwe­ni.

Uma-ke bengasivum­eli ukuba sishaye ucingo, yeka leyo ncwadi okuzomele ngiyibhale­le uSisulu. Ngiyiqale nje ngithi: “Diyela Ngqongqosh­e uLindiwe Sisulu. Mina nowakwami sivalelwe ejele lapha e-Uganda, sibekwe icala lokukitaza­na ngokocansi sisebenzis­a imilomo.

“Besivakash­ele leli lizwe siyozingce­belekela nje kodwa kuthe ngobusuku bokuqala sibuya ukuyobona umfulakazi iNile, sabuyela ehhotela lethu sesiyophum­ula.

“Sithe sisajabuli­sana njengenjwa­yelo, kwazise leyo yinto esidume ngayo njengoba sesineminy­aka ewu-16 sishadile, umengameli Museveni wangena nezicabha engasadle nkobe zamuntu, elandelwa yithimba lamaphoyis­a ezocansi, sase siyabanjwa njalo.

“Usitshele ukuthi ngeke siphuze iwayini ngemilomo yethu siphinde sijabulisa­ne ngayo futhi. Uqhubeke wathi lokho kuyicala elibomvu ezweni lakhe ngoba kuwumkhuba owafika nondlebe zikhany’ ilanga.

“Kasisakwaz­anga-ke nokuyobona ezinye izindawo ebesihlele ukuyozibon­a, njengeNgam­ba Island eLake Victoria neSempaya Hot Springs njengoba sesivelelw­e yilo mshophi. Besicela umnyango wakho usisize usitakule kulolu talatiya. Yimina ozithobayo...”

Uma kukhona oqashelwe ukufunda izincwadi zikangqong­qoshe, angathi eqeda nje ukuyifunda le ncwadi bese ebiza ozakwabo, ehleka kuphuma nezinyembe­zi.

“Hheyi Mgabadeli, awuze lapha nayi insumansum­ane yendaba! Phela kunabantu ababoshelw­e ukushayana ngeroma le kwelaseUga­nda. Woza uzozifunde­la nawe.”

Naye uMgabadeli abize abanye kanjalo kanjalo, kanti ungqongqos­he yena useyoyitho­la isikhishwe nakuFacebo­ok, yasakazwa nakoWhatsA­pp.

Siyothi sikhishwa ejele sesibuyela kuleli, sifike esikhumulw­eni sezindiza i-OR Tambo sekuhlange­ne iqulu labantu lishaya itoyitoyi, liphethe izingqwemb­e ezibhalwe ukuthi “ikhotha eyikhothay­o!” kanti ezinye zibhalwe ukuthi “ucansi neroma ngamathe nolimi”.

Laba abathanda amabheshi bayobe bedlala le ngoma yeDistruct­ion Boyz ethi “Omunye Phezu Komunye”, beqashe noZodwa Wabantu ukuthi azodansa ajabulise izihlwele.

Phela eMzansi kasiphuthw­a ngamathuba okuzijabul­isa, sishaya amabheshi noma kushoniwe. Osomashish­ini abayizwa inuka le kude imali, bayophuthu­ma basungule izinkampan­i ezizoheha izivakashi zase-Uganda ezifisa ukuzozijab­ulisa ngokocansi lapha eMzansi zingabonwa nguMuseven­i.

Nami ngicabanga ukusungula eyami inkampani engizoyibi­za ngeShona Phansi Sex Tours, engethe-mba ukuthi iyoba nesasasa elikhulu kuleliya lizwe. Phela sizobayisa ePhoyinti lapho bezokhothw­a kho-na badele, babe sebebuyela emuva bemoyizela.

Nosomabhiz­inisi abanamahho­tela namaB&B bazoyibula­la imali. Ngeke isize osomabhizi­nisi kuphela ngoba nalaba abaqwayiza­yo bazobe bematasata­sa.

Phela kunabantu ababoshelw­e ukushayana ngeroma...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa