Ilanga

Kabayizwa "eyensambat­heka" ka-R20

Bathi kuyaziwa ukuthi omacaphuna­kusale kabanandab­a nabantu abampofu

- THANDEKA NGOBESE LANGA

BEZIVALWE thanqa izitolo ezikuDr Pixley KaSeme, eThekwini izolo kumasha amalungu eSouth African Federation of Trade Union (Saftu), njengoba bekunemibi­ko ebisabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a ethi le mashi izobe inodlame nokutatshw­a kwempahla ezitolo.

Le mashi iqale emgwaqweni uKing Dinuzulu kuBotha yaze yayophelel­a eCity Hall. Omunye umnikazi wesitolo okhulume ne-

kodwa wacela ukuba lingavezwa igama lakhe, uthe bayesaba njengoba uma abantu bemasha bagcina sebengene ngenkani ezitolo zabo, bantshonts­he.

“Okunye esikuzwile wukuthi bebethi zonke izisebenzi kumele zibe yingxenye yesiteleka, uma zingatelek­i nabo bayazishay­a. Sibone kungcono ukuba sivale ukuze siphephe,” kusho yena.

ISaftu ibimashela ukufaka ingcindezi kuhulumeni ukuze imali yezisebenz­i ezihola kancane ingabi wu-R20 ngehora njengoba kuphakanyi­siwe. Beyikhala nangokweny­uswa kwe- value added tax (VAT) nokuguqulw­a kweLabour Act - izisebenzi ezithi lokhu kuzo-zincisha ilungelo lazo lokuthi zi-bhikishe uma kukhona ezinganeli­sekile ngakho emsebenzin­i.

Ekhuluma neLANGA umgqugquze­li weSaftu KwaZulu-Natal, uMnu August Mbhele, uthe kabahambis­ani nale "nsambathek­a" ka-R20 ngehora. “Esikhathin­i samanje akekho umuntu ongasebenz­ela u-R20 ngehora.

"Uma usuyihlang­anisa le mali, ekupheleni kwenyanga iba wu-R3 500, okuyimali umuntu angeke akwazi ukuphila ngayo. Impilo esikhathin­i samanje ibiza kabi. I- minimum wage kumele ibe wu-R12 500 kuzo zonke izisebenzi.

"Umuntu ohola u-R3 500 kusho ukuthi uyohlala emjondolo impilo yakhe yonke ngoba ngeke akwazi ukuthenga indlu ngo-R3 500 awuhola ngenyanga, kusamele akhokhele izingane esikoleni, aphinde agibele aye emsebenzin­i,” kusho uMnu Mbhele.

UNobhala-jikelele weSaftu, uMnu Zwelinzima Vavi, ekhuluma emashini yeSaftu ebiseGoli, uthe kwaba yiphutha elikhulu ukuthi izisebenzi zivotele usozigidi (uMnu Cyril Ramaphosa) ukuba abe ngumengame­li wezwe.

“Wake wezwa kuphi nje emhlabeni ukuthi kubekwe umacaphuna kusale ukuba abe ngumengame­li ngoba omacaphuna­kusale kuyaziwa ukuthi kabanandab­a nabantu abampofu? Uthe efika nje lo sozigidi wenu wenyusa i-VAT, okuyinto ezobashaya kakhulu laba abadla imbuya ngothi,” kusho uMnu Vavi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa