Kabayizwa "eyensambatheka" ka-R20
Bathi kuyaziwa ukuthi omacaphunakusale kabanandaba nabantu abampofu
BEZIVALWE thanqa izitolo ezikuDr Pixley KaSeme, eThekwini izolo kumasha amalungu eSouth African Federation of Trade Union (Saftu), njengoba bekunemibiko ebisabalele ezinkundleni zokuxhumana ethi le mashi izobe inodlame nokutatshwa kwempahla ezitolo.
Le mashi iqale emgwaqweni uKing Dinuzulu kuBotha yaze yayophelela eCity Hall. Omunye umnikazi wesitolo okhulume ne-
kodwa wacela ukuba lingavezwa igama lakhe, uthe bayesaba njengoba uma abantu bemasha bagcina sebengene ngenkani ezitolo zabo, bantshontshe.
“Okunye esikuzwile wukuthi bebethi zonke izisebenzi kumele zibe yingxenye yesiteleka, uma zingateleki nabo bayazishaya. Sibone kungcono ukuba sivale ukuze siphephe,” kusho yena.
ISaftu ibimashela ukufaka ingcindezi kuhulumeni ukuze imali yezisebenzi ezihola kancane ingabi wu-R20 ngehora njengoba kuphakanyisiwe. Beyikhala nangokwenyuswa kwe- value added tax (VAT) nokuguqulwa kweLabour Act - izisebenzi ezithi lokhu kuzo-zincisha ilungelo lazo lokuthi zi-bhikishe uma kukhona ezinganelisekile ngakho emsebenzini.
Ekhuluma neLANGA umgqugquzeli weSaftu KwaZulu-Natal, uMnu August Mbhele, uthe kabahambisani nale "nsambatheka" ka-R20 ngehora. “Esikhathini samanje akekho umuntu ongasebenzela u-R20 ngehora.
"Uma usuyihlanganisa le mali, ekupheleni kwenyanga iba wu-R3 500, okuyimali umuntu angeke akwazi ukuphila ngayo. Impilo esikhathini samanje ibiza kabi. I- minimum wage kumele ibe wu-R12 500 kuzo zonke izisebenzi.
"Umuntu ohola u-R3 500 kusho ukuthi uyohlala emjondolo impilo yakhe yonke ngoba ngeke akwazi ukuthenga indlu ngo-R3 500 awuhola ngenyanga, kusamele akhokhele izingane esikoleni, aphinde agibele aye emsebenzini,” kusho uMnu Mbhele.
UNobhala-jikelele weSaftu, uMnu Zwelinzima Vavi, ekhuluma emashini yeSaftu ebiseGoli, uthe kwaba yiphutha elikhulu ukuthi izisebenzi zivotele usozigidi (uMnu Cyril Ramaphosa) ukuba abe ngumengameli wezwe.
“Wake wezwa kuphi nje emhlabeni ukuthi kubekwe umacaphuna kusale ukuba abe ngumengameli ngoba omacaphunakusale kuyaziwa ukuthi kabanandaba nabantu abampofu? Uthe efika nje lo sozigidi wenu wenyusa i-VAT, okuyinto ezobashaya kakhulu laba abadla imbuya ngothi,” kusho uMnu Vavi.