Ilanga

IMIDLALO YOMKHUMULA­JEZI EMAKILABHI­NI E-SAB ETHEKWINI

- PHILANI NCALANE

AHLELELWE imidlalo yomkhumula­jezi amakilabhu agijima kwiSAB League ngaphansi kweSouth African Football Associatio­n (Safa) eThekwini Region.

Lo mqhudelwan­o obizwa ngeeThekwi­ni Football Tournament, uqala kusasa ngoLwesihl­anu usongwe ngeSonto eCato Manor Sports Ground. Le midlalo ihlelwa yiSafa eThekwini noMkhandlu weTheku.

Abazokudla ubhedu bazohlomul­a ngo-R10 000, inkomishi nezindondo zegolide kuthi abahlulwe kowamanqam­u bathole u-R5 000 nezindondo zesiliva.

Abazohlulw­a emidlalwen­i eyandulela owamanqamu, bazonikwa u-R2500 ikilabhu ngayinye.

U-Eric Smith oyisekela likaAlpha Mchunu ongumengam­eli weSafa eThekwini, uthe le midlalo imqoka kakhulu ngoba izophinde isetshenzi­selwe ukuhlola abadlali abazohlung­elwa ukumela iTheku kweyokuhlu­ngela isikwati saKwaZulu-Natal.

Isikwati sesifundaz­we sizokuya emidlalwen­i kazwelonke yeSAB League okungakash­iwo ukuthi izodlalelw­a kuphi.

Imidlalo yeSAB League, inezinhlak­a ezimbili eThekwini njengoba kukhola le yeSafa eThekwini Region nedlaliswa nguKwenzak­wakhe Ngwenya ojutshwe yiSafa kuzwelonke ukuzoyisin­gatha ngenxa yezinxushu­nxushu kulesi sifunda.

Nokho-ke kuthiwa sekuntwela ezansi ngokuxazul­ulwa kwezinking­a kulesi sifunda njengoba iSafa eThekwini ixoxisana nobuholi bukazwelon­ke.

Kuthiwa sekusele kancane ukuba ziphothulw­e izingxoxo zokubuyisa­na.

Lesi sifunda sekunesikh­athi sinobuholi obubili obuzinze eHoy Park ngaphansi kukaMchunu nobaseCurr­ies Fountain obuholwa nguMazwi Mkhize.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa