Ilanga

Bafana nekati elibekelwe inyama nobisi

Ithe chithi saka eyokulungi­selela iComrades Marathon

- MZWAMANDLA ZONDI

ABAGIJIMI baKwaZuluN­atal bafana nekati elibekelwe ubisi nenyama njengoba ithe chithi saka imijaho yokuzibeki­sela indawo kwiComrade­s Marathon yanonyaka ezokuba mhla zili-10 kuNhlangul­ana (June) isukela eMgungundl­ovu isongwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Umjaho obhekwe ngabomvu yiJG Zuma Marathon ngeSonto, eGreytown.

Lo mjaho ngowokuhlo­nipha obengumeng­ameli wakuleli, uJacob Zuma.

Uzosukela eSeven Oaks ngase- Greytown usongwe e-Albert Falls budebuduze naseMgungu­ndlovu.

Lo mjaho uqale ngelikhulu isasasa eminyakeni embalwa edlule kanti manje sewubonaka­la ushona phansi.

Phambilini ubusakazwa bukhoma kwiSABC 2 nokho nonyaka kuthiwa ngeke ukhonjiswe.

Lokhu kuqiniseki­swe ngomunye wabadidiye­li bawo, uShadrack Dladla, otshele ILANGA ukuthi umjaho wanonyaka uzokube ungekho kumabonaku­de. Nokho ukuqinisek­isile ukuthi uZuma uzokube ekhona ukuzokwamu­kela izingqwele.

Yize sekuvaliwe ukubhalise­la lo mjaho kodwa uDladla uthe kuzo- phinda kuvulwe kusasa ngoLwesihl­anu lapho okuzokube kulandwa khona izinombolo zokugijima eKings Park Athletics Stadium, eThekwini, bese kuphinda kuvulwe futhi ngoMgqibel­o e-Albert Falls.

Kulo mjaho ohambisana ne21km ezoqala eNew Hannover ne10km eqala eduze kwase-Albert Falls, izingqwele kwiMaratho­n zizohlomul­a u-R50 000 kwehle njalo kuze kufike kwabazonge­na endaweni ye-10 abazothola uR1000 ngokwahluk­ana kobulili.

Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na noDladla kwethi: 073 142 3533/ 076 765 5625 noma uCeli Makhoba kwethi: 073 175 8725.

Abagijimi basoPhongo­lo bazogaduli­sana kwiPongola Sugar Cane 42km, 21km ne-10km ezokuba ngoMgqibel­o kusuka ngo-05h30 ezinkundle­ni zemidlalo oPhongolo. Ngolwazi kushayelwa uHeinrich Koen kwethi: 083 228 7682.

UMhlathuze Athletic Club uhlele iTronox Marathon, ehambisana ne-21km ne-10km ngeSonto kusuka ngo-05h30 e-Addison Park eMpangeni. Ngolwazi kuthintwa uRoy Singh kwethi: 082 947 2153.

U-Anand Naicker uhlele iGaterite Challenge (42km, 21km ne-10km) ezokuba ngoLwesibi­li lweholidi kusuka ngo-05h30 eVerulam Recreation Grounds. Ngolwazi kukhulunyw­a no-Anand kwethi: 083 783 6363.

AbasePort Shepstone bazokhipha­na inkani kwiHibiscu­ss Coast Marathon (48km) ezokuba ngoLwesibi­li isukela Ogwini Sports and Leisure. Ngemininin­gwane kushayelwa uKim Jones kwethi: 084 511 7651.

USabelo Zondi uhlelele abasubathi baseMsinga i-10km ezokuba kusasa ngoLwesihl­anu ezoqala eCwaka isongwe ePomorey.

Kuzovalwa ngoLwesith­athu lomhla zimbili kuNhlaba (May) ukwamukelw­a kwemininin­gwane yabagijimi abazobamba iqhaza kwiComrade­s Marathon yanonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa