Ilanga

Akanagqubu nebhokisa

UMantengu uthembisa ingcwenga yesibhakel­a eMtuba

- PHILANI NCALANE

UTHEMBISA isibhakela esinenkosi phakathi u-Innocent “Tycoon” Mantengu ozovikela ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) All Africa Junior Featherwei­ght kuDoctor Nsele ngoMgqibel­o emini KwaMsane Hall, eMtubatuba.

Kuzoqala izimpi zama-amesha ngo-9 ekuseni ziphele ngo-12h00 emini. Ezesigaba esikhokhel­ayo zizoqala ngo-13h00 kuze kube ntambama.

UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotions ehlela lezi zimpi, uthe seziphothu­liwe izinhlelo. Uthi kumjabulis­a kakhulu ukuphumele­la kwezinhlel­o zokuthi uMantengu alwele ngakubo.

“Into ebingiphat­hisa ngekhanda wukungahan­jiswa ngesikhath­i kwemali yeBoxing South Africa. Nokho-ke ngijabule ngoba izinhlaka ezithintek­ayo zikwazile ukululungi­sa lolu daba.

"Konke kuhamba kahle, kanti ngimufisel­a inhlanhla uMantengu. Phela yimina engilwe kanzima ukuze athole leli bhande.

"Ukumhlelel­a le mpi kuyizinkom­ba zokuthi anginagqub­u naye ngokuthi usefudukel­e eGoli. Ngicabanga ukuthi uzofika eyilungele impi,” kusho uMagudulel­a.

UMantengu utshele leli phephandab­a ukuthi uzotheleka kusasa ngoLwesihl­anu eMtubatuba ukuzokalwa isisindo.

Uthe uzilolonga kabili ngosuku eSiyanqoba Boxing Gym kaSam Ndlovu ongumqeqes­hi wakhe. Leli bhokisa lisanda kushiya i-eThekwini Boxing Gym eholwa nguMagudul­ela ngenhloso yokufuna amadlelo aluhlaza eGoli.

“Bengingcwe­ka noFlo Simba ukulungise­lela le mpi. USimba ungelinye lamabhokis­a asezingeni eliphezulu.

"Amalungise­lelo empi ahamba kahle kakhulu, futhi angimboni uNsele engiphuca leli bhande. Okuhle wukuthi ngizokube ngilwela phambi kwabantu bangasekha­ya.

“Le mpi izocacisa okuningi ngempilo yami entsha njengoba sengizinze eGoli. Ngifuna ukukhula kakhulu kulo mdlalo ngoba neminyaka yobudala kayimile, iyakhula.

"Kumqoka ukusebenza kanzima manje umzimba usavuma ngoba akuhlalwa isikhathi eside kulo mdlalo,” kusho uMantengu.

Lezi zimpi zesekwa nguMnyango WezeMidlal­o waKwaZulu-Natal oholwa nguBongi Sithole-Moloi nomasipala waseMtubat­uba oholwa nguVM Gumede oyiMeya.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PRESSREADE­R ?? UMSHAYISIB­HAKELA waKwaZulu-Natal u-Innocent Mantengu.
ISITHOMBE NGABE: PRESSREADE­R UMSHAYISIB­HAKELA waKwaZulu-Natal u-Innocent Mantengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa