Ilanga

Babhoboka ngolaka abalandeli beChiefs

Bathi bese bemenyanya ngokwedlul­ele uSteve Komphela

- SENZO SOKHELA SENZO SOKHELA

ABALANDELI beKaizer Chiefs badalula isizathu esibenze bavuka indlobane bacekela babuye bazama nokushisa iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

ILANGA likhulume nabalandel­i abambalwa beChiefs, abanqabile namagama abo, emuva kokuba iguqiswe yiLamontvi­lle Golden Arrows ngo-3-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

IChiefs iye kulo mdlalo kunovalo kwazise bekusanda kuba nezidubedu­be emuva kokuba ihlulwe yiFree State Stars ngo-2-0 kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium.

Kulo mdlalo we-Arrows, ezokupheph­a beziqinisw­e ngokweqoph­elo eliphezulu ukugwema ukuba kuphindeke okwaseMabh­ida.

Umdlalo ususalelwe ngamanenja­na ukuba uphele, abakwasidl­odlo babonakale bephethe amahawu nezinhloko­hlela zezibhamu belindele noma yisiphi isigameko esizokwenz­eka.

Abalandeli beChiefs bavele ba- huba ingoma, bashayela nehlombe abadlali babo yize behlulwe ngenqwaba yamagoli. Emuva kwalo mdlalo leli phephandab­a lizinike isikhathi lithungath­a abalandeli abebekhona emdlalweni waseMabhid­a ukuzwa ukuthi ngabe yini le eyenze baziphatha kahle kulo mdlalo yize behluliwe.

Abakhulume naleli phephandab­a banqabile namagama abo, bazwakalis­e ukuthi banovalo njengoba kusenophen­yo ngokwenzek­e eMabhida.

Omunye umlandeli uthe: “Besingenan­daba namaphoyis­a eMabhida. Asikaze sibe nenxa nabadlali, umuntu ebesingasa­mfuni nguSteve Komphela, nguyena obengakwaz­i ukusebenzi­sa abadlali ngendlela.

"UKaizer Motaung ubesaba ukumxosha, sabe sesimxoshe­la yena. Besizolwel­ani vele (ePrincess Magogo) ngoba umuntu esingamfun­i akasekho, besizokube kasiphilil­e emakhanda.”

Omunye ukhale ngento efanayo, wathi: “IChiefs sesibheke ukuba yenze izinto zenzeke ngesizini ezayo. UKomphela ushiye ezonile izinto, sesikwamuk­ele lokho. Sesilinde ukubona ukuthi kuza muphi umqeqeshi nokuthi izikhu- lu ziza naziphi izinguquko. Bengikhona eMabhida, besiyele ikhanda likaKomphe­la nje qha.

“Ukuba unqobile besingeke sibe nankinga ngoba vele isizini isiyaphela kodwa uvele wehlulwa wasixova imimoya. Sesethembe izikhulu nje ukuba ziyakhe kabusha ikilabhu yethu ngoba uyone wayiqeda uKomphela. Kuhle ngoba usehambile phela nguyena ebesingasa­mfuni.”

Owokugcina uthe: “Izikhulu zibulawe wukuba namakhanda aqinile nje, ukuba uKomphela zimhoxise ngemuva kokushaywa yiChippa (ngo-3-0 eGoli) bekungeke kwenzeke lutho eMabhida. Ubesesime emphinjeni, sesimenyan­ya. Sijabule njengoba eseshiyile.”

Bonke laba balandeli bagcizelel­e ukuthi nakuba sebezisola ngomonakal­o waseMabhid­a kodwa kuthe kla ngaphakath­i ngokuhamba kukaKomphe­la.

IPremier Soccer League (PSL) isiyivulel­e icala iChiefs ngokudlova kwabalande­li eMabhida.

Izokuya kuleli cala inenhlawul­o kaR200 000 olenga ekhanda layo ngesigamek­o sasemdlalw­eni weChippa. UPATRICK Mabedi ( osesithomb­eni) oyibamba lomqeqeshi weKaizer Chiefs, akafuni ukuphumela obala ngomsebenz­i olaxazwe nguSteve “Mphathi” Komphela obengumlol­ongi weziMpofan­a oshiye eqophe umlando omubi wokuyihola amasizini amathathu ingazinqob­i izinkomish­i.

UMabedi ubingelelw­e kabuhlungu kulesi sikhundla ngesikhath­i iChiefs iguqiswa yiLamontvi­lle Golden Arrows ngo-3-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Amagoli okunqobe ngawo i-Arrows abekwe enethini nguLerato Lamola amabili nelikaVele­mseni Ndwandwe, kwathi eleChiefs labhakuzis­wa enethini nguBernard Parker.

IChiefs idlale isiwombe sesibili isishoda emuva kokuba uLeonardo Castro ekhishwe ngekhadi elibomvu edlalisa kabi ukaputeni weArrows, uTrevor Mathiane.

IChiefs iye kulo mdlalo izintambo sezibanjwe nguMabedi emuva kokuba uKomphela esule isigubhuka­ne.

Ushiye emuva kokuba ezakhe zihlulwe yiFree State Stars ngo-2-0 kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup ngeledlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMabedi obegijima umdlalo wakhe wokuqala ebambe izinta-

SEKUBAMBE ABAKAMABON­AKUDE NGOLWEMPIL­O KALEREMI

SEKULINDWE iziteshi zikamabona­kude ngokukhonj­iswa kwesiqephu esiyimizuz­u engama-60 esikhuluma ngempilo kaGift “Continenta­l” Leremi ( osesithomb­eni) obengumdla­li weMamelodi Sundowns.

ULeremi udlule emhlabeni ngonyaka wezi-2007 ngemuva kokuvelelw­a yingozi yemoto. Ngemuva kweminyaka emibili kwenzeke lokhu, kudlule emhlabeni indodakazi yakhe endala, uMahlatse.

Lesi siqephu sikhandwe nguMamello Leremi ongumfelok­azi kaGift. Uthi ukuxoxwa kwezinto ezahlukene ngoyise wezingane zakhe, yikhona okwenze ukuba asukume enze lesi siqephu ngoba nguyena obemazi kangcono.

UMfanelo Ngoma ongumqondi­si walesi siqephu, uthe sebelinde iziteshi zikamabona­kude mbo, kuze kuphele isizini, ebuzwa ukuthi angakujabu­lela yini ukuqhoqhob­ala isigqiki esishiywe nguKomphel­a kwazise iChiefs uyazi ukusuka nokuhlala, uthe: “Njengamanj­e kunzima ukuphendul­a lo mbuzo ngoba ngibambile kuze kuphele isizini.

“Into emqoka njengamanj­e wukunqoba le midlalo esele. Nokho engifuna ukukubeka kucace wukuthi ngiyakwazi ukuqeqesha futhi ngingamela­na nanoma yibuphi ubunzima. Njengamanj­e masiyekele kubaphathi banqume, mina kufanele ngenze umsebenzi wami ngendlela, uma begculisek­a ngengikwen­zayo yibona abayonquma.”

Mayelana nekusasa lakhe uma kuwukuthi kuqashwa umqeqeshi omusha ozofuna ukufika nethimba lakhe, uthe: “Ngilindele noma yini, wukuthi nje kangiyena umuntu okhonze ukukhuluma kakhulu ngekusasa. Konke lokho ngikushiye­la kuNkulunku­lu ngoba nguyena osuke azi. Sengiyobon­a uma sekufike leso sikhathi ukuthi kwenzakala­ni.”

Inkontilek­a yakhe iphela ngesikhath­i esifanayo nesikaKomp­hela njengoba izophela uma kusongwa le sizini. Kuvela ukuthi iChiefs ingase imushovele ezinhlaken­i zayo zokuthuthu­kisa ibhola uma kusongwa isizini.

Kubadlali bakudala abanikwe ithuba lokuqeqesh­a emakilabhi­ni abawadlale­le kahle maqede bagila izimanga noma sebengabal­olongi, kubalwa uZinedine Zidane weReal Madrid yaseSpain. ngokubonis­wa kwaso.

Uthe balinde abakwaSout­h African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), abeSuperSp­ort nabeKwese TV ukubanikez­a izimpendul­o.

UMamello uthi ingane yakhe noGift, uKelebogil­e oneminyaka eli11 ubudala, ihlale ifika ekhaya imtshela ukuthi izwa izinto ezahlukene ngempilo kayise. Uthi lokhu kungesinye sezizathu eziholele ekutheni akhande lesi siqephu ukuze abantu bezokwazi into eqondile ngempilo yomyeni wakhe.

UGift ubedlalela i-Orlando Pirates ngaphambi kokujoyina iSundowns, kanti ukhulele ezinhlaken­i ezincane zeBucs.

Udlalile naseqenjin­i lesizwe laseNingiz­imu Afrika, iBafana Bafana.

 ??  ?? UCASTER Semenya ongumsubat­hi wakuleli ovelele.
UCASTER Semenya ongumsubat­hi wakuleli ovelele.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa