Ilanga

ABASENANDA­BA NAMABHONAS­I ABASEZEMBE­NI KWI-NFD

- SENZO SOKHELA

ABASENANDA­BA namabhonas­i, sebelwela ukuvikela imisebenzi yabo abadlali beRichards Bay FC esengcuphe­ni yokugencwa yizembe kwiNationa­l First Division (NFD).

IBay izobhekana noBuntu Cape Town koweNFD ngeSonto ngo15h00 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay. Lo mdlalo uthathwa njengowama­nqamu kula makilabhu njengoba ikhanya kuwona indlela ebheke kwiMotsepe League.

Nokho iBay yiyona eyizimfivi­lithi ukunqoba lo mdlalo kwazise idlalela ekhaya, kulindelek­e kuphume nesinedolo ukuzoyesek­a. Ngaphandle kwalokho ibuye nephuzu ekuhambeni ibambana nale kilabhu ngo-1-1 emzuliswan­eni wokuqala obuseCape Town.

UThabiso Nkoana ongumgadli weBay, uthi lo mdlalo yiwona ozobacacis­ela ngekusasa labo lokudlala kulesi sigaba.

“Lo mdlalo ufana nowamanqam­u kithina. Uma sike sehlulwa kuzokube sekucaca ukuthi siyodlala kwiMotsepe League ngesizini ezayo.

"Empeleni unguwafa-wafa ngoba nabo balwela impilo yabo. Asisenanda­ba namabhonas­i, into esifuna ukuyilwela njengamanj­e yimisebenz­i yethu. Sizoyilwel­a le kilabhu,” kusho uNkoana.

Uthi kudlala amadolo uma becabanga ngesimo abakusona.

“Nakuba ngibazi ubuhlungu bokugencwa yizembe njengoba kwenzekile ngidlala kwiTuks, kodwa lokhu okwenzeka manje akufani, kwehlukile.

"ITuks igencwe yizembe ngingadlal­i vele, kanti lapha ngiyadlala okusho ukuthi kokuzokwen­zeka ngizokube nginesandl­a. Abadlali bonke banovalo kodwa kufanele sizame ukwehlisa imimoya ukuze singenzi amaphutha kulo mdlalo.

Iphuzu ngeke lisisize siwadinga ephelele,” kusho uNkoana.

UFranklin Cale odlala esiswini kuBuntu, uthi iBay ayikulungi­sele- le ukuthi izoya kwiMotsepe ngoba bona kabayi lapho.

“Ngikholwa wukuthi umbango wezembe usuphakath­i kwethu nabo, abanye mancane kakhulu amathuba okuthi lingabagen­ca. Ngifuna ukukusho kugcwale umlomo ukuthi iBay ngeke isehlule. Irekhodi lethu lihle kakhulu uma sihambile bangakukho­hlwa lokho.

Kuyaphela ngabo ngale mpelasonto,” kusho uCale.

IBay iya kulo mdlalo nje, isendaweni yesibili uma usuka emsileni, ngamaphuzu angama-28 emidlalwen­i efanayo, bese uBuntu buba sendaweni yesithathu uma usuka emsileni ngamaphuzu angama-29 emidlalwen­i engama-28. Emuva kwalo mdlalo iBay izovala ngeMbombel­a United ekuhambeni, bese uBuntu busonga ngeTshakhu­ma Tsha Madzivhand­ila (TTM) ekhaya.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uBuntu buzele iphuzu nje kuphela kulo mdlalo weBay ngoba lushaya ngonyawo phansi ukuthi noma kanjani luzoyiguqi­sa iTTM eCape Town.

Isiyonke imidlalo yeNFD ezokuba ngeSonto iqhathwe kanje:

EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Uthongathi FC 15h00.

E-ABSA Tuks Stadium: Pretoria University vs Stellenbos­ch 15h00.

EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Black Leopards 15h00.

EParow Park: Cape Town All Stars vs Royal Eagles 15h00.

EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Ubuntu Cape Town 15h00.

EVosloorus Stadium: Jomo Cosmos vs Super Eagles 15h00.

EPuma Stadium: Witbank Spurs vs Mbombela United 15h00.

EMthatha Stadium: Mthatha Bucks vs Real Kings 15h00.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTHABISO Nkoana weRichards Bay FC ekwiNFD, othi bazolwela ukufa nokuphila ukuhlala kulesi sigaba.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTHABISO Nkoana weRichards Bay FC ekwiNFD, othi bazolwela ukufa nokuphila ukuhlala kulesi sigaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa