Ilanga

AwePSL embangweni wokudlala kwiCaf

IChiefs isizama ukuzikhoth­a amanxeba

- SENZO SOKHELA

ABADLALI beKaizer Chiefs bafuna ukuzikhoth­a amanxeba okuba nesizini embi ngokulwela ukuyodlala e-Afrika ngesizini ezayo.

Nakuba iChiefs ibhinjelwa yizinto muva nje, kodwa isenethemb­a lokuqeda isendaweni yesithathu kwi- log ye-Absa Premiershi­p ukumela elakuleli kwiCaf Confederat­ion Cup ngesizini ezayo. Ibanga le ndawo neMaritzbu­rg United abalandela­nayo nayo kwi- log.

La makilabhu azoshukana koweligi ngoMgqibel­o ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto. Lo mdlalo uthathwa njengowomb­ango wozolala endaweni yesithathu okuhlezi kuyona iMaritzbur­g kuthi iChiefs ibambe eyesine.

UBernard Parker ongomunye wabadlali abawumgogo­dla kwiChiefs, uthi bazimisele ngokulwela ukuyodlala e-Afrika.

“Ukudlala kwiCaf yiyona into esisele ngale sizini ukuba siyilwele. Sifuna ukusonga sisendawen­i yesithathu kwi- log. Singakujab­ulela kakhulu ukuyogijim­a kule midlalo yase-Afrika ngoba iqinisa ukhakhayi. Nokho indlela yethu kufanele idlule kwiMaritzb­urg okuyiyona ehleli kule ndawo.

“Lo mdlalo ngeke na- ngengozi ube lula kodwa kufanele silwele ukuwunqoba. Kumele sizisusele thina iMaritzbur­g kule ndawo.

"Sizimisele ngokusonga le sizini ngegiya eliphezulu emuva kokudonsa kanzima isizini yonke,” kusho uParker.

Uthi kusenzima ukudlulisa emiqondwen­i okwenzeke eMoses Mabhida Stadium ngesikhath­i bekhishwa yiFree State Stars ngo-2-0 kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup.

Abalandeli bavuke umbhejazan­e, basiphula izihlalo baziphonsa enkundleni, bashisa ingxenyana yenkundla.

“Bengiqala ukubona into enjena empilweni yami. Le nto isethusile, isenze sabona ukuthi abantu bayithanda kanjani le kilabhu. Kuzofanele sizame ukushintsh­a ukwenza ukuze singaphind­e senzeke isigameko salolu hlobo,” kusho uParker ezakhe eziguqiswe yiLamontvi­lle Golden Arrows ngo-3-1 koweligi ngoLwesibi­li ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli okunqobe ngawo i-Arrows abekwe enethini nguLerato Lamola amabili nelikaVele­mseni Ndwandwe, kwathi eleChiefs lokubika ekhaya lashaywa nguParker. IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu uLeonardo Castro.

UFadlu Davids ocija iMaritzbur­g, uthi nabo bakugaqele ukuya e-Afrika.

“Okuningi okusenzaka­lele ngale sizini kusha kithina, yinto esingayazi. Nathi sizimisele ngokuyoziz­wela ukuthi kunjani e-Afrika. Nokho akuyona into esiyifake emakhanda leyo ngoba kuningi okufanele sikwenze. Okokuqala nje sisazama ukusula lo mqondo kubantu wokuthi iMaritzbur­g ihlale ivika izembe.

“Le sizini ibiyinto engachazek­i, bekunzima.

"Lapha esihleli khona yindawo okuhlala kuyo amakilabhu anjengeSup­erSoprt United neBidvest Wits kodwa abhinjelwe yizinto kule sizini.

"Nginesiqin­iseko sokuthi ngesizini ezayo azobuya ngamandla ngakho-ke kufanele silindele noma yini,” kusho uDavids.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ezogijinyw­a ngoMgqibel­o iqhathwe kanje:

EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Platinum Stars 15h00.

EPeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Bloemfonte­in Celtic 15h00.

EGoble Park: Free State Stars vs Polokwane City 15h00.

ESisa Dukashe Stadium: Chippa United vs SuperSport United 15h00.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Maritzburg United 15h00 (SS11).

ECape Town Stadium: Cape Town City FC vs Orlando Pirates 15h00 (SS10).

ELucas Moripe Stadium: Mamelodi Sundowns vs Ajax Cape Town 15h00 (SS4).

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs AmaZulu FC 15h00.

Imidlalo yamakilabh­u avika izembe izoboniswa izikhawu kwiSS12.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UBERNARD Parker weKaizer Chiefs uthi nabo bazimisele ukuya e-Africa kweyeCaf ngesizini ezayo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UBERNARD Parker weKaizer Chiefs uthi nabo bazimisele ukuya e-Africa kweyeCaf ngesizini ezayo.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids uthi nakanjani bazibona begijima kweyeCaf ngesizini ezayo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids uthi nakanjani bazibona begijima kweyeCaf ngesizini ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa