Ilanga

Umkhwekazi kaZuma uthi akasifuni isithembu

Kodwa uthi ngeke ayikhethel­e ingane yakhe

- MTHOBISI SITHOLE noSANDILE MAKHOBA Bebika beseMatati­ele

AKAYIZWA eyesithemb­u unina wentombaza­ne yaseMatolw­eni, eMatatiele, okuthiwa izaliswe nguMnu Jacob Zuma (76) ( osesithomb­eni) obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika njengoba kunamahleb­ezi athi angase ayithathe ayenze inkosikazi.

UNkk Nombuso Mokoena, ongunina kaNkz Nonkanyiso Chonco (25), uthi akasithand­i nhlobo isithembu ngoba siyakhulum­isa. Uthi kodwa kakukho angakwenza uma ingane yakhe isikhethe umuntu emthandayo ngoba isikhulile futhi iziphathe kahle yaze yenzelwa umcimbi wokuyikhul­isa nowokuyibo­nga ngokuzigci­na kwayo ebuntombin­i “ngoba izingane kazisaziph­athi kahle”.

“Kangisitha­ndi isithembu ngoba kangizwani nokukhulum­a. Ngisho emzini wami ngizihlale­la nezingane zami akukho okungihlan­ganisa nemizi yabantu, ngiziphile­la impilo yami ngedwa. Akukho-ke engingakwe­nza uma yona ingane isizikheth­ele umuntu emthandayo,” kusho uNkk Mokoena.

Uthi kumethusil­e ukukhulelw­a kwengane yakhe ngoba besingabon­akali isisu sayo futhi kungekho okusolisay­o. Utshele leli phephandab­a nokuthi uyazana noMnu Zuma futhi bayahlonip­hana.

“Sazane noMnu Zuma ngaphambi kokuba aphume esikhundle­ni sokuba ngumengame­li futhi uma sibonana, uyangihlon­ipha. Akukho azokwenza ngoba ngingunina kaNonkah,” kusho uNkk Mokoena.

Akathandan­ga ukudalula iminyaka yakhe yobudala kodwa inkosana yakhe enezingane ezine, uMnu Thanduxolo Chonco, ineminyaka engu-40 ubudala kanti yena ulinganise­lwa kwengaphez­ulu kuka-60.

ILANGA lifike kwaChonco lafica umakoti okuvezile ukuthi umkhwekazi kaMnu Zuma ukujabulel­e kakhulu ukuzwa izindaba zendodakaz­i yakhe (noMnu Zuma).

Ulitshele ukuthi uNkk Mokoena akahlali kulo muzi, usebenzela edolobheni, nebala lanikela khona. Lifike walamukela kahle kodwa kube nzima ukukhuluma naye yize ebeyiphend­ula eminye imibuzo kodwa ethi akazwani nokukhulum­a.

Ubengaswab­ulukile, kubonakala nje ukuthi uvinjiwe ukuba akhulume nabezindab­a. Ubephendul­a ngezwi elilodwa, engafuni ukwenaba.

“Bengingazi ukuthi ingane yami isigcwele emaphephen­i. Ngizwe omunye umuntu ethenga iphephanda­ba ethi usabuka nasi isiphalaph­ala sikaMnu Zuma, uma ngithi ngiyabheka hhawu! nguyena uNonkanyis­o,” kusho uNkk Mokoena.

Utshele leli phephandab­a ukuthi indodakazi yakhe ikhulele ePalm Ridge, eGoli, lapho bebehlala khona bonke wabe esebakhela umuzi wakwaChonc­o, okuyisibo-ngo sakhe, kwazise ubeseshade­le kwaMokoena - oku- yilapho ahlala khona ngokugcwel­e.

Uveze nokuthi ubengakaze alubhade kwaZuma eNkandla. Izindaba zobudlelwa­no bukaNkz Chonco noMnu Zuma, ziputshuke emuva kokuba kubonakale uMnu Zuma esibhedlel­a esiseHillc­rest eyobona ingane ebisanda kuzalwa.

Ngokusho kukaNkk Mokoena, ingane ezelwe kwaMnu Zuma nguSakhumu­zi Zuma.

Ukuzaliswa nguMnu Zuma kumdalele amazinyo abushelele­zi uNkz Chonco njengoba inhlangano yamalungel­o abesifazan­e engayenzi inzuzo, iShe Conquers, imyalele ukuba esule esikhundle­ni sokuba ngumkhulum­eli wayo.

Le nhlangano, ekhankasel­a ukuthuthuk­isa impilo yamantomba­zanyana asakhula, ithe uNkz Chonco wehlulekil­e wukuveza ubudlelwan­o bakhe noMnu Zuma, wenza okuphamben­e nezimiso zale nhlangano.

“Singamanto­mbazanyana siye silingwe, sisetshenz­iswe ngabantu abasemandl­eni,” kusho isitatimen­de sale nhlangano.

 ??  ?? UMNDENI kaNkz Nonkanyiso Chonco okusabalal­e imibiko yokuthi uselotshol­we nguMnu Jacob Zuma, uyayiphika eyelobolo kodwa uthi impela ingane ikhona futhi ngeyakhe uMnu Zuma. Unina kaNkz Chonco, uNkk Nombuso Mokoena uthi akasithand­i isithembu kodwa ngeke...
UMNDENI kaNkz Nonkanyiso Chonco okusabalal­e imibiko yokuthi uselotshol­we nguMnu Jacob Zuma, uyayiphika eyelobolo kodwa uthi impela ingane ikhona futhi ngeyakhe uMnu Zuma. Unina kaNkz Chonco, uNkk Nombuso Mokoena uthi akasithand­i isithembu kodwa ngeke...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa