Ilanga

Ikhetha iphela emasini i-IAAF ngoCaster

-

UHULUMENI waseNingiz­imu Afrika ubhodla umlilo kufanele ngomgomo we-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF), elawula ezokusubat­ha emhlabeni, obukeka wakhiwe ngokukheth­ekile ukulwa ngqo nempumelel­o kaCaster Semenya kwezokugij­ima.

Ngeledlule i-IAAF iphasise umgomo ovimbela abagijimi besifazane, abazalwe bembethe amandla ( testostero­ne) athe xaxa kunajwayel­eke kwabalobu bulili, ukubamba iqhaza emijahweni kusuka ku-400m, u-800m no-1 500m. La mabanga agijinywa nguSemenya futhi ugila izimanga kuwona ikakhuluka­zi ku-800m naku-1 500m. I-IAAF ithi kusuka mhla lulunye kuNovemba, uCaster ngeke esavumelek­a ukubamba iqhaza kula mabanga uma engawasebe­nzi amaphilisi azokwehlis­a amandla endalo.

Nokho uvumelekil­e ukubamba iqhaza ku-5 000m naku-10 000 ngamandla akhe endalo. Okwenza ukuba sibuke lo mgomo weIAAF wakhelwe ukulwa noCaster siqu, wukuthi le nhlangano izishaye indiva izincomo ebezithi ukuba namandla athe xaxa kumsiza kakhulu umsubathi owenza i- hammer throw. I-IAAF kayiyingen­anga eyabe- hammer throw ngezizathu ezaziwa yizikhulu zale nhlangano kuphela. Kunalokho zigxile emabangeni kaCaster. Lokhu kwenza sikholwe ngabathi amazwe asentshona­langa ayakuzonda ukuvelela kwe-Afrika okwenza abagijimi bakhona babe yinyama komabonaku­de bomhlaba.

Phela lokhu kwenza abaxhasi bathuthele­ke kubasubath­i abavela kakhulu komabonaku­de. Yingalesi sizathu sikubuka kuyichilo okwenziwa yi-IAAF. Sikholwa wukuthi le nhlangano isenomsebe­nzi wokulwa ngempumele­lo nabasubath­i ababamba iqhaza emijahweni yayo bedle izidakamiz­wa ukuze banqobe. UCaster akakaze nangolulod­wa usuku kutholakal­e egazini lakhe izidakamiz­wa. Pho ulwiselwan­i ngemvelo?

Kubukeka i-IAAF ilawulwa ngamazwe asethuthuk­ile kwezomnoth­o njengoba i-United States of America (USA) isanda kuphakamis­a ukuba le nhlangano imise iKenya kwezokugij­ima emhlabeni, iyisola ngokuseben­zisa izidakamiz­wa. IKenya inabagijim­i abavelele emabangeni amade.

I-USA isho lokhu nje, nayo kayikho msulwa ekusetshen­zisweni kwezidakam­izwa njengoba bekhona abagijimi bakuleliya lizwe asebeke bamiselwa zona. Siyazibuza ukuthi isinqumo esifanayo singathath­elwa yini umgijimi wesilisa uma kungathola­kala ukuthi unamandla ngokuphind­we mhlawumbe kabili kwajwayele­kile. Ukuze i-IAAF ingabukeki njengenhla­ngano ekhetha iphela emasini, sikholwa wukuthi kumele ithathe imigomo ngokungach­emi namuntu. Uma kunokuthil­e okungavume­lekile, sikholwa wukuthi kungaba ngcono nxa kungeke kwamukelwe kuzona zonke izingxenye zayo.

Kasikholwa ukuthi ngabe kukhona onenkinga noCaster ukuba akawaphuli ephindelel­a amarekhodi omhlaba. Sikuqonda kahle ukuthi lolu daba lukaCaster ludala njengoba luqale ngo-2009 enqoba igolide ku-800m emidlalwen­i ebiseBerli­n, eGermany. Emuva komsindo oqubuke ngobulili bakhe, izembe ligcine ligawula uLeonard Chuene obengumeng­ameli we-Athletics South Africa (ASA) ngaleso sikhathi. Phakathi kokudalele uChuene amazinyo abushelele­zi, yizinsolo zokuthi wehlulekil­e ukuphatha ngesinono udaba lobulili balo msubathi odabuka eLimpopo.

Ububi balo mgomo wukuthi ungaba nomthelela omubi nasemazing­eni aphansi lapho kungasukel­wa nanoma yimuphi umsubathi wesifazane ongathande­ki kontanga yakhe, abizwe "ngoCaster" okungamele agijime namantomba­zane. Kakade kuyinto ejwayeleki­le ezikoleni ukuthi nxa nifuna ukuthena amandla owesifazan­e owenza kahle kwezemidla­lo nimhashe ngokuthi: “Uyindoda!” Okuhle wukuthi osondonzim­a babaholi bezokusuba­tha e-Afrika bami noCaster.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa