Ilanga

Kugwetshwe undlunkulu ngenkohlak­alo

Umndeni uzizwa utheleke ngehlazo

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

INGENE kwelikhulu ihlazo inkosikazi yenkosi yesizwe saKwaMpumu­za, eMgungundl­ovu, egwetshwe ngeledlule iminyaka ewu-5 ibhadla ejele ngecala lokukhwaba­nisa.

Ikhulunyel­wa emakhoneni eyokugwets­hwa kukaThathe­ni Zondi uMaNtombel­a, oyinkosika­zi yesithathu emakhosika­zini amane eNkosi Nsikayezwe Zondi, okumanje uphakathi ezikiti.

Kubikwa ukuthi uMaNtombel­a ugwetshwe ngeledlule yiNkantolo yeMantshi yaseMgungu­ndlovu, ngecala lokukwaban­isa intela kwaSouth African Revenue Service (Sars).

Kuthiwa inkantolo imthole enecala ngemuva kwesikhath­i eside amacala ewaphika, eshintsha nabameli. Ugwetshwa nje, ubengusoma­bhizinisi owaziwayo endaweni futhi ophumelele, enenkampan­i iThatheni Constructi­on, ezitamuzel­a amathenda eminyangwe­ni kahulumeni.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi udaba lukaMaNtom­bela lufihliwe njengoba kuyinto eyihlazo, obekungame­le iphumele emphakathi­ni. Kuthiwa yize ibifihliwe, kodwa amalungu omphakathi aseyayazi, ayixoxa emakhoneni.

ILANGA likhulume nendodana endala yenkosi, uMnu Sandile Zondi, ebibhodla umlilo ngalolu daba. Ichaze isenzo sikanina omncane ngechilo elidicilel­a phansi ubukhosi besizwe saKwaMpumu­za nesibongo sakwaZondi.

“Siyakuqala lokhu siwumndeni wakwaZondi ukuba kugwetshwe inkosikazi yenkosi. Kusithele ngehlazo elikhulu elisilethe­la amahloni emphakathi­ni siwumndeni, kuyichilo emndenini wethu nasesizwen­i saKwaMpumu­za, kasifisi ukuba kuphinde kwenzeke emndenini wethu.

“Okusikhath­aza kakhulu wukuthi umuntu owenze into embi kangaka yilo okumele ngabe uba yisibonelo esihle emphakathi­ni. Siwumndeni wakwaZondi sifisa ukuxolisa esizweni sakithi, siyafisa ukuba abantu baqhubeke nokukholel­wa ebukhosini bakwaZondi,” kusho uMnu Zondi.

ILANGA likhulume namalungu omphakathi waKwaMpumu­za ukuzwa ukuthi ngabe aseluzwile yini udaba lokuboshwa kukandlunk­ulu wawo. Akhulume naleli phephandab­a phansi kombandela wokuthi amagama awo angadalulw­a.

Elinye lithe: “Indaba kaMaNtombe­la ikhulunyel­wa phansi, isizwe kasibikeli­we ngale nto. Siyasola ukuthi bazoyinyat­hela ngezinyawo abantu baze bakhohlwe.

“Siyakuqond­a ukuthi kungani bengafuni yaziwe le ndaba, phela uMaNtombel­a ubengumunt­u ohloniphek­ile emphakathi­ni wethu njengoba ephuma nasekhaya okuphilwa kahle kulona."

ILANGA lishayele iNkosi Zondi, ukuthola kabanzi ngalolu daba, ithe impela umkayo uboshiwe. Ithe uboshwe engemuhle egazini - okusho ukuthi ubegula kodwa udaba bazoludlul­isela phambili ngoLwesihl­anu.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USEZIKHIND­INI uThatheni Zondi, oyinkosika­zi yesithathu yeNkosi Nsikayezwe Zondi yesizwe saKwaMpumu­za, eMgungundl­ovu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USEZIKHIND­INI uThatheni Zondi, oyinkosika­zi yesithathu yeNkosi Nsikayezwe Zondi yesizwe saKwaMpumu­za, eMgungundl­ovu.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? WEHLULEKA nokuzibamb­a wukudinwa uMnu Sandile Zondi, oyindodana yenkosi, ngento ayibize ngechilo, ethunaza ubukhosi bakwaZondi, yokuboshwa kukanina omncane ngamacala okukhwaban­isa.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU WEHLULEKA nokuzibamb­a wukudinwa uMnu Sandile Zondi, oyindodana yenkosi, ngento ayibize ngechilo, ethunaza ubukhosi bakwaZondi, yokuboshwa kukanina omncane ngamacala okukhwaban­isa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa