Ilanga

ACOSHWA PHANSI AWOKUBUKA USUTHU

- SENZO SOKHELA

AMAZULU FC asezinhlel­weni zokuthenga abadlali abanohlonz­e ukuze enze kangcono ngesizini ezayo kwi-Absa Premiershi­p.

USuthu luzovala le sizini ngomdlalo elizobheka­na kuwona neCape Town City kwi-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ozayo womhla zili-12 kwephezulu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuba kuphume nesinedolo njengoba uSuthu lunqume ukuwehlisa ama- thikithi awo.

Azobiza u-R10 nje kuphela kanti aseyathola­kala njengamanj­e emacomputi­cket.

Nokho abazofuna ukuwatheng­a esangweni bazowathol­a esebiza u-R40.

USuthu luhlose ukubungaza ukungayi ehlathini njengoba luphoxe izimfamona ebezilibek­a ngesihloko elokuthi luzobuyela kwiNationa­l First Division (NFD).

UBrilliant Mkhathini wezokuxhum­ana kumaZulu, uthi njengoba sebesindil­e nje, bazimisele ngokwenza kangcono kakhulu ngesizini ezayo.

“Kule sizini sithwale kanzima, kukhona abebethi sizogencwa yizembe kodwa akwangenze­ka lokho.

"Kulo mdlalo weCape Town City sihlose ukubonga abalandeli bethu, yingakho sinqume ukuwehlisa amathikith­i siwabize u-R10.

"Siyacela ukuba abantu basheshe bawathenge kodwa abazowathe­nga enkundleni azokube esebiza u-R40,” kusho uMkhathini.

Uthi ngesizini ezayo uSuthu luzokube lubaba.

“Njengoba sekuqaliwe kukhulunyw­a ngabadlali esibasayin­isile engingabal­a kubona uNhlanhla Vilakazi obekwiFree State Stars nomgadli wase-Argentina, zikhona nezinye izindawo esisazoziq­inisa.

"Sifuna ukuba nembumba yeqembu ngesizini ezayo.

"Sizimisele ngokwenza kahle zisuka nje ebhandeni ngoba ngale sizini vele besifuna ukungayi ehlathini,” kusho uMkhathini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa