Ilanga

LIMLAHLILE ICALA OWABULALA UKARABO

- NOMFUNDO NGWANE

LIMLAHLILE icala lokugwaza abulale obeyintomb­i yakhe uSandile Mantsoe, izolo ngoLwesith­athu eNkantolo eNkulu yaseGoli.

UMantsoe ulahlwe yicala lokubulala uKarabo Mokoena (22), obeyintomb­i yakhe qede washisa isidumbu sakhe wasilahla ngalapho kulahlwa khona udoti, ezama ukufihla ubufakazi ngo-Ephreli wonyaka ophelile.

Limlahla ngecala ibamba lejaji uPeet Johnson, lithe kalingabaz­i ukuthi uMantsoe, umbulele uKarabo maqede wamshisa ezama ukufihla ubufakazi.

Ibamba lejaji liphinde lathola uMantsoe, enecala lokuvimbel­a ukusebenza kwengalo yomthetho nelokushay­a ngenhloso yokulimaza obeyintonb­i yakhe.

Isidumbu sikaKarabo sitholwe ngumuntu obedlula ngendlela eLyndhurst, eGoli ngonyaka ophelile. Phambilini uMantsoe uveze ukuthi uKarabo ubengowesi­fazane onodlame, obeyithand­a ngokweqile impilo ewubukhazi­khazi.

Esitatimen­deni esifundwe enkantolo phambilini, uMantsoe uveze ukuthi uKarabo ubemshaya nokuthi ubenentuku­thelo futhi enokhwanta­lala emuva kokudlweng­ulwa ngumngani womuntu oyethandan­a naye phambilini.

Uphinde wathi uKarabo ubejwayele ukuzisika futhi nodadewabo uyakwazi lokho. UMantsoe ushadelwe, unezingane ezintathu. Kubikwa ukuthi uthandane noKarabo kusukela ngoMfumfu ka-2016.

Kukholakal­a ukuthi yena nomkakhe bebengasah­lali ndawonye ngenxa yezinkinga emshadweni wabo. Uphikile ukuthi ubulale uKarabo kodwa ngesikhath­i efaka isicelo sebheyili, uveze ukuthi ulahle isidumbu sakhe ngemuva kokuba esifice endlini yakhe.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BLACKEXCEL­LENCE.CO.ZA ?? UNGENE ebhokisini labasolwa ebukeka enokuzethe­mba uSandile Mantsoe, olahlwe yicala lokubulala obeyintomb­i yakhe uKarabo, izolo ngoLwesith­athu enkantolo eNkulu yaseGoli.
ISITHOMBE NGABE: BLACKEXCEL­LENCE.CO.ZA UNGENE ebhokisini labasolwa ebukeka enokuzethe­mba uSandile Mantsoe, olahlwe yicala lokubulala obeyintomb­i yakhe uKarabo, izolo ngoLwesith­athu enkantolo eNkulu yaseGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa