Ibheyili kwabasuse uthuthuva eMabhida
Bebecikwa wumbozo weKaizer Chiefs kowendebe
BAPHUME ngemuva bebalekela amakhamera abengaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini abesilisa abathathu ababhekene namacala amathathu, elokususa uthuthuva emphakathini, elokungena enkundleni ngaphandle kwemvume nelokuhluleka wukulandela umyalelo wamaphoyisa.
Laba besilisa babalekela amakhamera nje, kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi bengena enkundleni kubulawe amakhamera akwaSuperSport.
Izolo ngoLwesithathu kuvele kafushane uMnu Siphosenkosi Memela (32), ongummangalelwa wokuqala, uMnu John Khumalo (29), ongummangalelwa wesibili, noMnu Khwezilomo Madiba (35) ongummangalelwa wesithathu. Bonke bebefaka isicelo sebheyili.
Inkantolo ibadedele ngebheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye ngamacala abawenze mhla ka-21 Ephreli ngesikhathi bengena eMoses Mabhida Stadium emuva komdlalo we- semi final yeNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs neFree State Stars.
I-Stars ibhaxabule iChiefs ngo2-0 kulo mdlalo ngamagoli amabili kaHarris Tchilimbou waseCongo Brazzaville.
Emuva komdlalo, abalandeli bavuke umbhejazane, bangena enkundleni balimaza impahla, bashaya nonogada.
Inkantolo iveze ukuthi uMnu Madiba ngomunye wabantu abashaye balimaza unogada ngalolu suku.
UMnu Memela umelwe nguMnu Siphosakhe Mema kanti uMnu Khumalo noMnu Madiba bona bamelwe nguNkz Anele Mveku.
UMnu Mema ucele iMantshi Mahommed Motala ukuba idedele uMnu Memela ngebhiyili ngoba unengane eneminyaka ewu-8 ubudala ayondlayo futhi uyaqala ukuphula umthetho.
Uvezele inkantolo ukuthi ikila- yenti lakhe lingumshayeli wamaloli kwenye yezinkampani esePinetown.
“Ikilayenti lami lihola u-R8 000 ngenyaka kanti linomuzi eSavanna Park, lihlala nengoduso nengane yalo, liqale ukuhlala kule ndawo kusukela ngo-2009,” kusho uMnu Mema.
UNkz Mveku unxuse inkantolo ukuba idedele uMnu Khumalo ngebheyili ngoba uyasebenza, uyimenenja yaserenki, uhola uR600 ngesonto. Uphinde wacela imantshi ukuba idedele uMnu Madida ngoba unezingane eziwu-4 azondlayo.
“Ungumshayeli wetekisi kanti uhola u-R700 ngesonto,” kusho uNkz Mveku.
Imantshi itshele laba bamangalelwa ukuthi kabavumelekile ukwethamela imidlalo ezokuba KwaZulu-Natal njengoba besahamba leli cala.
“Kumele nibheke umonakalo eniwenzile ezweni, ikakhulukazi eThekwini,” kusho imantshi.
Icala lihlehlele umhla ka-25 Meyi njengoba kulindeleke ukuba abamangalelwa bawavume amacala ngoba bayabonakala kumakhamera.
Icala labo lizohlangisa nelikaMnu Phelelani Jojisa (32) obhekene necala lokungena enkundleni ngaphandle kwemvume.
Udedelwe yile nkantolo ngeledlule ngebheyili ka-R1 000.