Ilanga

Ubewuthand­a umndeni wakhe uBheka

Lndodakazi yakhe isixoxela ngobudlelw­ane babo

- NOMFUNDO NGWANE

IGEQE amagula ngoyise indodakazi kaBheka “Mlisa” Phakathi (48), ozakhele igama egijima kwiLamontv­ille Golden Arrows ne-Orlando Pirates eminyakeni edlule.

UBheka udlule emhlabeni ngoMgqibel­o engozini yemoto ngaseGreyt­own.

UNkz Lwazi Phakathi (21), oyindodaka­zi endala kaBheka - odlule emhlabeni eseqeqesha Umvoti FC, odlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League - uchaze uyise njegomuntu obewuthand­a kakhulu umndeni wakhe futhi emkhuthaza yena nezingane zakwabo ukuba bafunde.

Uthumele umyalezo echaza ngubudlelw­ano abenabo noyise.

“Nakuba kunzima kodwa ngiyazama ukuthola amazwi aqondile engingawas­ho ngobaba. Umama uhlale engazisa ukuthi kwakunzima ukungehluk­anisa nobaba ngisemncan­e.

“Ngiyajabul­a ukusho ukuthi kakujikang­a lutho nangesikha­thi ngikhula. Ngikhule ngihlala nogogo ozala umama isikhathi esiningi, nokho njalo ngezimpela­sonto ubaba ubengiland­a. Bekuba wumzukuzuk­u nxa sekumele ngisale emzini kagogo.

“Bekumele ubaba angicashel­e njalo uma esehamba. Bengibambe iqhaza elikhulu kwezemidla­lo nezobuciko ngesikhath­i ngisafunda amabanga aphansi kanjalo noma sengenza aphezulu - cishe bengenza yonke imidlalo - ubaba ubengathen­eki amandla, engihambis­a abuye angilande noma kuphi lapho sizilolong­a khona. “Bekungakha­thalekile ukuthi siqeda ngasikhath­i sini. Bekuthi nxa ngiqeda ukuzicija ngimfice esengilind­ile emotweni.

“Ngeledlule uhambele umhlangano wabazali obusebusuk­u esikoleni sikadadewe­thu omncane, uKwanele. Bekuthi njalo uma ebuyile ayobuka uKhayelihl­e edlala abuye aqinisekis­e ukuthi uLuyanda unazo zonke izimfanelo zesikole.

“Ubaba ubezibambe­la mathupha kukho konke, ubesithand­a futhi esifisela konke okuhle,” kusho uLwazi.

 ?? ISITHOMBE: NGOSIZO LOMDENI ?? UBEZIFELA ngomndeni wakhe uBheka "Mlisa" Phakathi oshone ngeSonto ngengozi yemoto. Lapha unomndeni wakhe.
ISITHOMBE: NGOSIZO LOMDENI UBEZIFELA ngomndeni wakhe uBheka "Mlisa" Phakathi oshone ngeSonto ngengozi yemoto. Lapha unomndeni wakhe.
 ??  ?? UBheka udlule emhlabeni eseqeqesha Umvoti FC
UBheka udlule emhlabeni eseqeqesha Umvoti FC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa