Ilanga

KUME NSE UKUFUNDA KUBANGWA IZINTOMBI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews. co.za

BAJAHANE ngezikhali emagcekeni esikole abafundi baseWeenen Combined School, eSahlumbe, kwamiswa ukufunda ngenxa yodlame lombango wezintombi izolo ngoLwesith­athu.

Ngokuthola kweLANGA, sekunesikh­athi kunokungab­oni ngaso linye phakathi kwabafundi bakulesi sikole okuholele ekubeni bagcine sebelwa ngokwezigo­di.

Impi iqale phakathi kwabafundi besigodi saseMkholo­mbe nesaseMsob­otsheni - kwangenele­la nabafundi okungebona abaseWeene­n Combined.

Umthombo weLANGA uthi isimo kasisihle ngoba lolu daba selubikwe kaningi nasebuholi­ni bomphakath­i kodwa izingane zisaqhubek­a nokuphathe­lana imimese.

Uthi inkinga wukuthi nezikole kazikho kule ndawo njengoba izingane zimbondela­na eWeenen Combined.

“Kunezikole ezimbili okuyiMasib­onge Secondary neNkangala Secondary okumele ngabe zisetshenz­iswa yizingane ezidabuka eMkholombe naseMsobot­sheni, kodwa-ke zinoGrade 8 no-9 kuphela.

“Sekuphele iminyaka zingakhiwa, kasazi ukuthi yini lena evimbile,” kusho umthombo.

Kuthiwa othisha babalekele esiteshini samaphoyis­a ngenxa yodlame. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bayalugxek­a kakhulu udlame oluphazami­sa ukufunda nokufundis­a.

Unxuse ubuholi bomphakath­i ukuba bungenelel­e ngoba kuphazamis­eka izingane zabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane, uthe okwamanje kasikho isigameko esibikwe emaphoyise­ni mayelana nokwenzeke kulesi sikole.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? UDLAME lwabafundi luholele ekuvalweni kweWeenen Combined School, izolo ngoLwesith­athu.
UDLAME lwabafundi luholele ekuvalweni kweWeenen Combined School, izolo ngoLwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa